zulu.491.blockpuzzle_2
BONA ZULU – August 2006
BONA Block Puzzle
Zithokozise uthuthukise ulwazi lwakho lwesiNgisi. Phendula ngokuyikho ulandele imicibisholo uzothola igama lomculi waseSouth Africa ezikweleni ezimnyama.
No 58
R4 000
Uvalwa mhlaka: 31 August 2006
WINA
Amahampa e-movie
abiza
SEKUKHISHWE i-movie yesithathu esihloko sithi Tokyo Drift ochungeni lweThe Fast And The Furious.
Kule filimu eyathathelwa lapho kubanjelwa khona umjaho wezimoto eJapan uthola izimoto zitholana phezulu zihamba emizileni eyingozi kakhulu emhlabeni.
Ungaphuthelwa wukuzibonela ngawakho ngesikhathi abashayela lezi zimoto bekhipha unyawo bekhombisa ubuchule babo.
Kule-movie awasekho ama-cowboys ayesebenzisa i-cocaine kodwa sekukhona amaphoyisa asebenza ngomshoshaphansi kanti nokuyengwa kweCasablanca yaseMiami yizinto ezisenzeka kulolu chunge lweTV olufana nolweMiami Vice.
Amadoda aziphethe kahle siwathola esebenza njengabashushumbisi bezidakamizwa eFlorida ukuze abambe izigelekeqe ezingababulali.
Kule nyanga uBONA unamahampa angu-10 emikhiqizo yeFast And Furious anesikhwama sokufaka amaCD, iPod charger ongayisebenzisa emotweni kanye ne-poster ye-movie okumele kuwinwe. OKUNYE, sinamahampa eMiami Vice angu-10 anepheya lama-sunglasses, isikhwama sama-sunglasses ne-poster ye-movie okuzowinwa.
Ukuze uwine
Gcwalisa izikhala uthole igama elifihleke ezikweleni ezimnyama. Bhala impendulo kwi-postcard, ubhale igama lakho, ikheli, inombolo yocingo otholakala kuyona emini negama lehampa oyithandayo uyithumele kuleli kheli: BONA/ Block Puzzle No 58, Box 32067, Mobeni, 4060.[z]
