zulu.471.mandela
UMandla Mandela usanda kubekwa ngokusemthethweni ukuba yinkosi yaseMvezo - nosekuqhubela phambili umlando wabakoMandela
MADUZE-NJE uMadiba usanda kufakazela ukubekwa ngokusemthethweni kukaMandla (32) ongumzukulu wakhe njengenhloko yoMkhandlu waseMvezo.
Umholi we-UDM uBantu Holomisa nguye owayephethe lo mcimbi kanti uMntwana wakwaPhindangene Inkosi Mangosuthu Buthelezi wethula inkulumo.
Abanye ababekhona nguNgqongqoshe wezokuThutha uJeff Radebe, uNgqongqoshe wezemiDlalo uMakhenkesi Stofile, uNdunankulu wase-Eastern Cape uNosimo Balindlela, izikhulu eziphezulu (MECs), ababemele omasipala kanjalo nabantu bakwezamabhizinisi.
Okwahalaliselwa kakhulu yingesikhathi Inkosi yabaThembu uBuyelekhaya Dalindyebo embathisa uMandla isikhumba sebhubesi ememezela ukuthi usebekwe njengenkosi.
UNelson Mandela ebuka lokhu, washaya izandla ngenkulu intokozo ngesikhathi nendlu yonke ijoyina uDalindyebo behalalisela bethi “Aah! Zwelivelile!” – okuyigama likaMandla elisha elichaza ukuvuka kwesizwe.
Ababebuka ukuqhubeka komcimbi kwakungunkosikazi kaMandla uNodayimane, uGraça Machel nomama kaMandla uRayne Mandela-Perry.
“Manje sengiyophumula ngokuthula ekufeni nginolwazi lokuthi ubukhosi bakwaMandela sebubekwe ezandleni zikaMandla - oyindodana yakoMandela,” kusho uNelson Mandela.
OkaMadiba wathi abomndeni wakhe kade babemncenga ukuba athathe ubukhosi. Kodwa wathi wenqaba ngoba wayesethathe umhlalaphansi ebuholini.
“Ngesikhathi ngiba nguMongameli ngo-1994, ngathi kuzokuba yiminyaka emihlanu ngempela kwaba njalo,” kusho uMandela.
Indida
Lokhu kubekwa kwenkosi kwahambisana nezinto eziyindida njengoba ochwepheshe babekholwa wukuthi, abaholi bendabuko abangaphansi kwenkosi ngamandla okuphatha, kufanele bambathiswe isikhumba sengwe.
“Ngokolwazi kwakungamele ukuba uZwelivelile abe nesikhumba sebhubesi,” kusho uMongameli weContralesa uPatekile Holomisa futhi ongumholi omkhulu wesizwe sabaThembu.
Okhulumela iNational House Of Traditional Leaders uMandla Linda wakuvuma lokhu wathi abaholi bendabuko ngokuvamile bembatha isikhumba sengwe, ngaphandle kokubhekela ubukhulu babo, ekubeni isikhumba sebhubesi siwuphawu lwamandla amakhulu ngaphansi kobuholi bendabuko.”
Eziphendulela kulokhu kugxeka, uMandla watshela iDaily Dispatch ukuthi usifaka isikhumba sengwe ukuhlonipha umkhulu wakhe.
Isikhumba sebhubesi siluphawu “lokungaphezu kokubekwa kwami, kodwa ukubuyiselwa kobukhosi esizweni sakwaMandela,” kusho yena.
UMandla waphinde wathi uDalindyebo nguye omnike imvume yokwamukela isikhumba sebhubesi ukuhlonipha imisebenzi emihle umkhulu wakhe ayenzela AbaThembu neSouth Africa yonkana.
UPhrofesa Peter Mtuze, okunguye owahumushela esiXhoseni incwadi ethi Long Walk To Freedom wathi lokhu yinto engasho lutho.
“Akufanele sicindezelwe yizinto ezincane njengalena engeke isise ndawo njengesizwe,” kusho yena.
“Isidima sikaMandla ngeke nakancane sichazwe yinto ayembethe kodwa siyochazwa wukuthi ungowegazi.”
Umsebenzi okumele wenziwe
Kunomsebenzi okumele wenziwe…
Njengenkosi entsha yaseMvezo, uMandla Mandela kuzomele akwazi ukubhekana nezinkinga eziningi zakule ndawo esemaphandleni nokuyizinkinga ezacaca emcimbini wokubekwa kwakhe.
Ngenxa yokuthi kunogesi olinganiselwe kule ndawo, ababehlele lo mcimbi kwadingeka bathole ama-generator okuzwakalisa inkulumo kodwa ngeshwa ayengekho esimweni esifanele kangangoba iningi labantu kwadingeka lihlale kulo mcimbi kodwa kungekho elikuzwayo.
OkaMadiba ngokwakhe wathi unokukhulu ukumethemba uMandla ngoba ‘indlalifa’ yakhe ibahlonipha kakhulu abantu bayo.
UDalindyebo wathi uthokozile ngokuba nomuntu onjengoMandla njengomunye wamakhosi akhe nanokuthi ukholwa wukuthi, ngokubambisana namanye amakhosi bazokwazi ukuletha intuthuko hhayi eMvezo kuphela kodwa kuso sonke isizwe sabaThembu.
Ikusasa
Ebuzwa ngendima yakhe entsha, uMandla wathi uzosiza ekuletheni intuthuko kanjalo nasekusombululeni izinkinga okungenzeka zibekhona esizweni sabaThembu.
Ukuthi uzokuba ngumeluleki omkhulu wenkosi, akuyona into ayithathela phezulu kodwa kunalokho wathi uzovuselela ubukhosi besizwe sabaThembu.
“Ngizokuba yinkosi nje ejwayelekile yesizwe sakwaMadiba njengamanye amakhosi,” kusho uMandla etshela izintatheli.
Ngokusho kwakhe inhloso yakhe wukuthuthukisa indawo yaseMvezo nokuyilapho ezimisele ngokwakha isizinda sale ndawo. Lokhu kuzolandelwa ucwaningo lwesibalo sabantu bendawo ukuze bazi izinselelo ezibhekene nabantu baseMvezo.
“Kuzodingeka ukuba sisungule izinhlaka okuyizo ezizodingida izinto ezibalulekile ekuqedeni ubuphofu kule ndawo,” kusho yena.
“Kunokwentuleka kwemfundo okukhulu ngenxa yokuthi sinesikole esisodwa vo eMvezo.”
Abaholi bendabuko kudingeka ukuba nabo bazibandakanye kakhulu oguqukweni lwezombusazwe olukhona,” kusho yena.[z]
BONA ZULU – June 2007
UMandla Mandela ehleka nabantu bakhe.
indaba nguLULAMILE FENI noLUBABALO NGCUKANA,
Daily Dispatch
izithombe nguMASI LOSI (Daily Dispatch)
Aah Dali- wonga!
Ababhishobhi nabefundisi bamahlelo ezenkolo ehlukene bebusisa uMandla emva kokubekwa kwakhe.
Laba besimame bahamba ngezinyawo amakhilomitha angaphezu kwayisikhombisa beze kulo mcimbi.
BONA ZULU – June 2007
