Zulu.451.yourcelebs_10qs
IMIBUZO
kaDosto Noge
1. Wayishiya iTV isikhashana - wawucabangani"
Umsebenzi wami engawufundela wukuqeqeshwa njengothisha njengoba ngihlale ngifundisa nakwiTV. Njengamanje sengifundisa ikakhulu kwezokuthengisa.
2. Okubi osuke wahlangabezana nakho emsebenzini..."
Ukuthola ukuthi uzakweni omhlophe uhola ngaphezu kwakho ngokuphindwe ka-10 ekubeni nenza umsebenzi ofanayo. Kufana nokungabonakali komsebenzi wethu esiwenzayo ezilimini zethu ngoba abaphathi bengezwa ukuthi sithini.
3. Yisiphi isifiso sakho esikhulu njengamanje"
Ukuzisungulela ihhovisi elizosiza abathengi ezinkingeni zabo mahhala.
4. Yikuphi osuwake wahlangabezana nakho njengomthengi ongakuthandanga"
Ubandlululo - ngisho ngabe ngithengela umndeni wami noma singena ebhizinisini nethimba labeTV elinsundu. Kubuhlungu ngoba sikhuluma ngamalungelo ethu, kunezincwadi ezinkulu ezigcwele amalungelo ethu - kodwa akekho ozihluphayo ngamalungelo ethu.
5. Yini oyikhumbula kakhulu ngezinsuku zakho zesikole"
Ngesikhathi ngiqala ukudlala emidlalweni yeshashalazi eKeagile Higher Primary ePotch.
6. Ubani umuntu obalulekile empilweni yakho..."
Umndeni wami - sinabafana ababili, oneminyaka engu-20 nonengu-10 nentombazane eneminyaka engu-12. Ngo-October umkami nami sizobe sesishade iminyaka engu-15.
7. Uhluke kanjani ekhaya kunomuntu esimbona kwiTV"
Ngiyilo muntu ombona kwiTV - ofana nawo wonke umuntu. Njengoba ngikhuluma nawe, ngigunda utshani. Cishe u-80% wokupheka ekhaya wenzewa yimi.
8. Ngabe uyayicabanga ekankosikazi wesibili"
Lutho! Angisiyo indoda yom'Africa engazwani noshintsho.
9. Yini into ehlekisayo esiyake yenziwa ngenye yezingane zakho"
Ngikhumbula indodakazi yami cishe iseneminyaka emithathu noma emine. Ngayithola imile phambi kwesibuko ne-lipstick kankosikazi - iyigcoba esithunzini sayo esibukweni hhayi kuyona uqobo.
10. Uthanda ukuyichitha kanjani impelasonto"
NgoMgqibelo umfana wami omncane ungisiza ekwenzeni ingadi. Uma siziphumulela sidlala iMonopoly noma iScrabble - bese siyahlala sibuke ibhola. NgiyiMpofana yokuqina! [z]
SIXOXA NESIHLABANI
ISIHLABANI SE-TV SIKHULUMA NGOKUCWASWA NGOKWEBALA, UMNDENI NOKUVIKELA AMALUNGELO ABATHENGI
