zulu.434.Siyabonga (2)
Ushisa bhe
Uma engawakheli abanye amagoli, uwashaya ngokwakhe…
BONA ZULU – January 2006
Ngabe unguDoctor
Khumalo omusha?
indaba nguTEDDY GOMBA
izithombe abeTOUCHLINE PHOTO
USIYABONGA Nkosi okhulele eMndozo eNewcastle indawo esenyakatho yaKwaZulu-Natal, ukhule abantu bemtshela ukuthi udlalisa okwengqalabutho yeBafana Bafana eyayidlala esiswini kwiChiefs uDoctor Khumalo. Yilokho okwamnika ugqozi lo mdlali kwamakha ukuze ahambe ezinyathelweni zeqhawe lakhe.
“Nami ngikhule ngidlala ibhola ezitaladini elokishini nase-primary,” kusho yena. “Ngiqale ukudlala kuma-amesha kwi-Eleven Aces, ngaya nakwiRiverview Spurs eyayidlala kwiVodacom League ngaphambi kokujoyina iGreen Vultures.”
EsekwiVultures ithalente lakhe labonwa ababebheka amakhono kwi-Orlando Pirates.
“Emva kwamasizini amabili ngikhuhla ibhentshi kwiPirates, ngacikeka ngajoyina iBloemfontein Celtic eyayidlala kuMvela Golden League ngaleso sikhathi,” kusho uNkosi.
UNkosi odlala ngemuva kwabagadli unekhono lokukhanda amagoli abuye awafake – kanti ijezi alifakayo lingunombolo 15 njengelikaDoctor Khumalo.
“Ijezi elingunombolo 15 ngaqala ukuligqoka ngisadlala kuma-amesha. Libaluleke kakhulu kimina,” kusho uNkosi.
UNkosi usezakhele elikhulu igama kusukela iCeltic yashaya iKaizer Chiefs ne-Orlando Pirates emidlalweni yokuhlunga kwiSAA Super 8. Nakho lokho kubuye kumdalele enye ingcindezi ngokusho kwakhe.
“Ngiba nenye inkinga ngoba amaqembu esisuke sidlala nawo ahlela imidlalo yawo egade mina. Kodwa kubuye kungithokozise ngoba kusho ukuthi abantu bayayibona indlela engidlala ngayo.”
Lolu daba silubhale uNkosi esefake amagoli amabili kule sizini. Igoli lokuqala walifaka bebhekene neClassic eTembisa elinye walifaka bedlala neChiefs kwiSAA Supa 8 quarter-final eFNB Stadium.
Kodwa igoli angasoze alikhohlwa empilweni yakhe yilelo alifaka bedlala neWits University ngesizini edlule okuyilona elenza ukuba iCeltic idlale kwiligi.
Lo mdlali sesike sambona nakwiBafana Bafana kanti umdlalo wakhe wokuqala wawudlala emqhudelwaneni weGold Cup iqembu lesizwe lidlala neMexico, Jamaica nePanama.
“Ngangisekhaya ngesikhathi bengishayela ucingo bengibiza. Ngamangala kodwa ngangikulungele ukulisebenzisa lelo thuba,” kusho yena.”
Yibhola elibalulekile kuNkosi kanti akafune kubuswa wudumo alutholayo.
“Udumo alungisanganisi. Ngokwami ngibona luselude ukhalo kanti kumele ngigxile kwengikwenzayo,” kusho yena.
“Injongo yami enkulu manje eyokuyodlala phesheya ngimele nezwe lami kwiWorld Cup ngo-2010.”
UNkosi wakhuliswa ngugogo wakhe uMaria Thwala.
“Sasiyisikhombisa ekhaya kanti ugogo usikhulise kahle. Ubuphofu ngangingabuzweli sisakhula,” kusho yena”[z]
BONA ZULU – January 2006
ESIKHULU: USiyabonga kuyamthokozisa ukufaniswa noDoctor Khumalo ahamba ezinyathelweni zakhe.
KUDE KWESOBUNXELE: Eminye imiklomelo uSiyabonga aseyiwinile.
KWESOBUNXELE: Ukuwina iSuper 8 neCeltic yinto angasoze ayikhohlwa uNkosi.
“Injongo yami manje eyokumela izwe lami ngo-2010,” kusho uSiyabonga.
