zulu.410.yourfamily_pregnancy
Azi usuku lomlingo
Ulithola kanjani usuku owabamba ngalo
KUVAMILE ukuthi lapho abesimame bethola ukuthi bakhulelwe bangabi nolwazi lokuthi ngempela lokhu kwenzeka nini. Kungenzeka udinge ukwazi ukuthi wabamba nini, ngenxa mhlawumbe yezizathu eziningi: ukuthola ukuthi lunini usuku lokubeletha, ukwenza isibonelo, noma ufuna ukwazi ukuthi lowo muntu wamkhulelwa nini. Uma kwenzeka ukuthi ubungumuntu obeya ocansini nabantu abaningi - mhlawumbe usufuna ukwazi ukuthi ngabe ubani ubaba womntwana omthwele.
UDkt Molebatsi Molefe onguchwepheshe wokwelashwa kwezifo zezocansi uthi ngaphandle kokuthi uma wenze indlela eyisipesheli efana nokufakwa kwembewu yowesilisa esibelethweni, akulula ukusho usuku owabamba ngalo ngempela.
Odokotela bangaqagela ukuthi wakhulelwa nini ngokubheka ukuthi ukukhulelwa kwakho sekunesikhathi esingakanani ngokuba bakuhlole igazi, bakwenzise i-ultrasound nangokwazi ukuthi usuku lwakho lokuqala lapho ugcina ukuya ezinsukwini zakho lwalunini noma ngokwazi usuku abacabanga ukuthi ungase ubelethe ngalo bese bebala bebuyela emumva bathole ukuthi mhlawumbe wasibamba nini leso sisu.
LOKHU UKUBONA KANJANI
Uzocabanga ukuthi usuku lokubamba kwakho nelokuya kwakho ocansini mhlawumbe luyefana. Lokho kungenzeka, kodwa imbewu yowesilisa njengoba ingahlala ngaphakathi emzimbeni wowesimame kuye kufike ezinsukwini ezintathu, ukubamba kungenzeka emva kwezinsuku ezintathu niye ocansini nokuncika ekutheni iqanda livuthwe nini.
Ungakhulelwa uma iqanda selilindele ukuvuthwa.
Akulula ukwazi ukuthi livuthwa nini iqanda esibelethweni kodwa ungaqagela uthathela ekutheni izinsuku zakho zithatha isikhathi eside kangakanani. Uma lokhu kuwena kuthatha izinsuku ezijwayelekile ezingu-28, ukuvuthwa
kweqanda kungathatha izinsuku ezingu-14 kuya kwezingu-21 emva kosuku lokuqala ugcina ukuya ezinsukwini zakho.
Kubalulekile ukwenziwa i-ultrasound usanda kukhulelwa ukuze udokotela akwazi ukubala iminyaka yengane yakho. I-ultrasound ikutshela ukuthi usunesikhathi esingakanani ukhulelwe kusukela emasontweni amahlanu. Ikutshela nosuku owabamba ngalo. Lokhu kuyasiza uma ungumuntu ongabhali phansi ngokuya ezinsukwini zakho nokuba nokukhulelwa ongakuhlelelanga.
Bhala ekhalendeni lapho uqala ukuya ezinsukwini ukuze ukwazi ukubala. Lokhu kuzokusiza wazi zinyanga zonke kukuthatha isikhathi esingakanani
Uma kukuthatha ezingu-24, kuthathe 10 izinsuku ukuvuthwa kweqanda emva kosuku olulodwa uya okokugcina ezinsukwini.
Uma kukuthatha ezingu-26, kuthatha iqanda ezingu-12 emva kosuku lokuqala ugcina ezinsukwini zakho. [z]
Indaba: Kamogelo Sebola
UKWENZA ISIBONELO
Uma ukuya ezinsukwini zakho kwenzeka emva kwezingu-29, yengeza usuku kwezingu-14 nokuchaza ukuthi ungakhulelwa emva kwezingu-15. Uma kuthatha ezingu-30, iqanda livuthwe ngezingu-16 emva kosuku lokuqala ugcina ukuya ezinsukwini.
Uma kukuthatha ezingu-35, kukuthathe cishe ezingu-21 ukuvuthwa kweqanda emva kosuku lokuqala ugcina ukuya ezinsukwini zakho.
Uma kukuthatha ngaphansi kwezingu-28, ku-14 susa usuku ngoba ukuya ezinsukwini zakho kungaphansi kwezingu-28.
Uma kukuthatha ezingu-24, kuthathe 10 izinsuku ukuvuthwa kweqanda emva kosuku olulodwa uya okokugcina ezinsukwini.
Uma kukuthatha ezingu-26, kuthatha iqanda ezingu-12 emva kosuku lokuqala
UKUKHULELWA KWAKHO
Enye indlela ongabona ngayo wabamba nini wukuthola usuku ongase ubelethe ngalo kudokotela wakho:
Yengeza izinyanga ezintathu kulolo suku. Ukwenza isibonelo, uma usuku lwakho lokubeletha kungumhlaka 1 November, 2009, yengeza izinyanga ezintathu nokuzokunika impendulo engumhlaka 1 February, 2010.
Susa izinsuku ezingu-7. Ngo-February 1 ususa izinsuku ezingu-7 lokho kukubeke kuJanuary 24. Lolu wusuku esicabangela ukuthi wagcina ngalo ukuya ezinsukwini zakho.
Khumbula ukuthi kungenzeka ukhulelwe kusuka ezinsukwini ezingu-14-21 emva kosuku lokugcina lokuya ezinsukwini. Ngakhoke thatha uJanuary 24 wengeze izinsuku ezingu-14. Uzofika ku-February 7, bese ufaka ezinye ezingu-7, ufike ku-February 14.
Lokhu kusho ukuthi kungenzeka wakhulelwa phakathi kukaFebruary 7 noFebruary 14, 2009.
