zulu.405.10qs
1. Kunjani ukukhethwa ngabantu njengomuntu othandwa kunabo bonke?
Vanessa Ndlovu, Durban
Ngajabula kakhulu ukukhethwa wumphakathi ungikhethela umklomelo woMzansi. Ngibabonga kusuka ekujuleni kwenhliziyo yami bonke abalandeli bami abangivotela.
2. Ucabanga ukuthi yini imfihlo yempumelelo yakho?
John Kabilo, Cape Town
Ubuchwepheshe kwengikwenzayo, ukuzinikela, nokuba nenhloso nokuhlonipha ozakwethu nomsebenzi wami nomphakathi.
3. Uzizwa unjani njengoba ungusozigidi?
Nonzwakazi Ngcobo, Roseglen
NgisewuMenzi umndeni wami nabangani abamaziyo. Okwamanje ngisazoyigcina imali engayiwina ukuze ingizalele, ngiyobona emva kwesikhathi ukuthi ngizoyenzani.
4. Wangena kanjani endimeni yokudlala ezithombeni?
Dineo Hagile, Daveyton
Kwakuvele kuyisifiso sami, ngenhlanhla umama wangikhuthaza ukuba ngenze lowo msebenzi.
5. Kuzo zonke izindawo osuwake wazidlala emidlalweni yeTV - umuntu omusha wasemaphandleni, isigelekeqe, eyokuba wuMD we-Ezweni - iyiphi ocabanga ukuthi icishe incike empilweni yakho?
Zanele Moloko, PE
Ngicabanga ukuthi ngekaSibusiso Dlomo ngoba le ndawo sengiyidlale iminyaka emine yonke ngenza nocwaningo olunzulu ngayo.
6.Uthini 'umuntu wakho' uma ekubuka udlala izigcawu zezocansi noNtombi/Sonia kwiTV?
Thandi Khumalo, Dobsonville
Intombi yami isingumkami manje, kangangoba ingeseka kakhulu kunoma yini engiyenzayo.
7. Ngaphandle kokudlala kwiGenerations, yimuphi omunye umsebenzi ozimisele ukuzibandakanya kuwo?
Charles Letsogo, Soweto
Ngizimisele ngokuphrojusa - kodwa lindani nihlale nivule amehlo nizobona.
8. Ungamchaza kanjani uMenzi Ngubane?
Anna Motlhasedi, Cape Town
Ungumuntu ophokophele impumelelo kwakwenzayo, ozithobile ohlonipha noma yimuphi umuntu.
9. Yimuphi umdlalo owuthandayo?
Gezani Phikisile, Ntwenkulu
Ibhola - ngiyiBhakabhaka lokuqina.
10. Kungani uhlale ugundile - noma mhlawumbe ufihla impandla?
Thandeka Zulu, Isipingo
Cha anginayo impandla. Ukuthi ngiyezwana nokugunda ngoba akungibambezeli kungichithele isikhathi kwengikwenzayo.[z]
BONA ZULU June 2008
Kunesizathu sokuba ahlale egundile, ngokusho kwakhe uMenzi Ngubane.
SIXOXA NESIHLABANI
Menzi Ngubane
10 imibuzo ebhekiswe ku...
Ikhasi labafundi ukuba babuze izihlabani zabo imibuzo abayithandayo
YITHUBA LAKHO!
Leli yithuba lakho lokubuza uThebi Seete imibuzo. Sithumelele imibuzo yakho ifike kithina ungakashayi umhlaka 30 June - siyonikhiphela izimpendulo zakhe oshicilelweni luka-August.
SMSa uthi ASK nombuzo wakho (amagama angabi ngaphezu kuka-160) ku-35919. I-SMS ibiza R3.
Noma uthumele nge-e-mail umbuzo wakho, igama nedolobha lakho ku-bona@dbn.caxton.co.za
Ukhululekile ukusithumelela amagama ezihlabani othanda ukuba abafundi bazibuze imibuzo kuwo lawo makheli.
BONA April 2008
