zulu.404.Cocktail
Ziqabule!
Island Dream
■ amaqhwa ambalwa
■ 1/3 inkomishi (85ml) i-pineapple noma i-tropical fruit juice
■ 1/3 inkomishi (85ml) i-orange juice
■ 1/3 inkomishi (85ml) iwayini elimhlophe elibandayo
■ okokudesha (okuthandwa nguwe)
■ ideshi ye-grenadine
1. Engilazini ye-cocktail, hlanganisa ndawonye iqhwa, pineapple juice, orange juice, iwayini nama-bitters.
2. Faka ideshi ye-grenadine bese ukuseva.
Kubiza: R3,10
Qaphela: Ukwenza lesi siphuzo singazwakali njengotshwala, sebenzisa i-white grape juice esikhundleni sewayini.
Ukuhlobisa
■ Ngentambo shutheka ama-citrus twists nama-fruit kuma-toothpicks.
■ Sebenzisa izambulela ze-cocktail, mint nama-cherries ekuhlobiseni.
■ Khuhla umlomo wengilazi ngolamula. Faka phakathi isaucer ye-caster sugar noma i- jelly powder. Kucindezele kahle.
■ Ungakhohlwa wukusebenzisa ama-straws amibalabala nama-swizzle sticks.
Zama le punch enambitheka kamnandi...
Endishini ye-punch, hlanganisa ndawonye 1 ilitha ye-pineapple juice, 1 litre orange juice, 1 litre iwayini elimhlophe noma i-grape juice, 1 litre soda water nezinkomishi ezingu-2 (500ml) ze-fruit eliqotshiwe. Kuqandise usebenzise i-ladle lapho ususeva.
Kubiza: R42,90 [z]
Zama le cocktail eyehla esiphundu okulula ukuyenza...
BONA ZULU – May 2008
amaresiphi nezindlela zokuhlela ngabeGEMINI FOOD PROMOTIONS
isithombe nguKIM THUNDER
OKUMNANDI
