zulu.394.bongo
BONA ZULU - March 2006
Izihlabani zomculo
Bavuthiwe bakhaliphile, kanti sebelungele enye impumelelo emva kweminyaka becula...
indaba nguDOUG GORDON
KWESOBUNXELE: Babheke ikusasa - uStoan, Thandiswa no-Appleseed.
NGEZANSI: "Ngifuna ukuhlanganisa iminyaka engu-35 senginokuningi empilweni kunokurekhoda nokucula," kusho uStoan.
Ibuyile
iBongo!
IBONGO MAFFIN iqembu elasungulwa ngo-1994, kwakuyiqembu elalishisa izikhotha lihlale lisematheni kwabezindaba emhlabeni. U-Stoan Seate oneminyaka engu-30 uyavuma ukuthi wayengazi uyoduma ngalolu hlobo: "Ngangingazi nokuthi ngiyophila ngize ngibe mngaka. Sekuyisikhathi sokuzimisela ngekusasa."
Ukukhishwa kwe-albhamu yabo yesithupha ethi New Construction kusho lukhulu kubalandeli babo abayizigidi. Eyokugcina eyayithi Bongolution bayikhipha ngo-2001. Ukunyamalala kwabo iminyaka emihlanu singezwa lutho ngabo kwavula igebe elikhulu emculweni we-kwaito - banika amaqembu anjengeMafikizolo neMalaika ithuba lokuba ama-albhamu abo adayiswe amakhophi angu-400 000.
UThandiswa weBongo Maffin akazisoli ngokuhlangana kwabo. "Kusisizile lokho," kusho yena. "Abantu bebehlale besibuza ngamanye amaqembu kodwa akusihluphi lokho."
Le ntokazi eneminyaka engu-29 yake yakhipha i-albhamu yayo eyayithi Zabalaza.
Ngaleso sikhathi uStoan wayethula iCastle Loud, okwakuyi-show yomculo eyayiba masonto onke kwiTV kanti u-Appleseed yena waboshwa waphindiselwa kwelaseZimbabwe lapho ahlala khona unyaka wonke emva kokuba i-visa yakhe yokuhlala kuleli lizwe isiphelelwe yisikhathi.
Umucu wabo omusha othi Kona Uona, udlalwa kakhulu eziteshini zokusakaza.
"Saba nama-show angu-50 ngaphandle kwaseSouth Africa ngo-2003 ngesikhathi uJah Seed esalinde ukuba kuvuselelwe i-visa yakhe," kusho uStoan. "Sineziko lethu eGermany kanti nomculo wethu uyathandwa phesheya.
"E-Europe ihlobo liqala ngoJune kanti siyoya khona sekusebusika kuleli. Sesiye kathathu e-Europe kanti okokugcina siye khona sasihamba noMzekezeke noNtando.
"Besisebenza kanzima nakuba besingenawo ama-show ezweni lethu."
U-Stoan noThandiswa banendodakazi enguMalaika eneminyaka eyisithupha.
UThandiswa akafuni ukuba indodakazi yakhe ibe ngumuntu ozogqama njengaye kanti uyaqinisekisa ukuthi ikhuliswa ngaphansi kwamasiko.
Uma bezoba namakhonsathi nama-show eTV uyayithatha ayisuse edolobheni indodakazi yakhe.
"Kulo nyaka siyohlala emakhaya," kusho uThandiswa. "Ngakha ikhaya lethu noMalaika ngaseCoffee Bay oGwini lweTranskei.
"Lapho uzokhula ngamasiko engekho endaweni engisebenza kuyona abheke izincwadi afunde nangempilo yomndeni."
U-Stoan naye uyazazisa izimpande zakhe. Uliqhamukisa eNorth West lapho athi umndeni wakhe usanda kuthola khona ipulazi ngokohlelo lukahulumeni lokubuyiselwa komhlaba kubaniniwo.
"Ngifuna ukuhlanganisa iminyaka engu-35 senginokuningi empilweni kunokuqopha nokucula," kusho yena.
U-Appleseed uneminyaka engu-32 kanti ngaphandle kokuba yiRasta nomuntu othanda ukuhlekisa uyi-quantity surveyor abuye agxile kwezabathengi okuyibona abanesandla esikhulu emnothweni wase-Africa kulezi zinsuku.
Likhulu ibhizinisi emculweni - le nsizwa isizakhele istudiyo esinemishini esetshenziswa namuhla ukuze ikhiqize abaculi.
"Leli lizwe lingahamba phambili kwezomnotho e-Africa," kusho yena.
U-Stoan waphawula kanjena echaza ngegalelo lomculo weBongo Maffin emhlabeni. "I-albhamu yethu yokugcina esayikhipha ngo-2001 yenza sathandwa eMelika," kusho yena.
"Ikhonsathi yethu yokuqala yayiseCentral Park eNew York kanti abantu bakhona babesifanisa namaFugees."
Amalungu eBongo Maffin womathathu ayisibonelo esihle entsheni ehlose ukuzakhela igama emculweni.
Babesafunda ngesikhathi behlangana kanti namuhla basizwa yimfundo yabo nolwazi abaluthole kwezikaqedisizungu ukuze bazenzele imali kwezamabhizinisi. [z]
BONA ZULU - March 2006
u
BONA ZULU - March 2006
Singayenzela izimanga
i-Africa!
KWESOKUDLA: "Ngibuyela ezimpandeni zami kulo nyaka," kusho uThandiswa.
NGENHLA: U-Jah Seed ufake imali emculweni wakuleli. "Le lizwe lingahamba phambili kwezomnotho e-Africa," kusho yena.
