zulu.392.rebecca
Imibuzo engu-10 eya...
kuRebecca Malope
YITHUBA LAKHO!
Nali ithuba lakho lokubuza imibuzo okade wawufisa ukuyibuza esihlabanini sakho osithandayo! Akushaye umhlaka 2 May usuyithumelile imibuzo yakho eqonde kuCarlos Alberto Parreira thina sizokhipha izimpendulo zakho oshicilelweni lukaJuly.
SMSa u-ASK nombuzo wakho (onezinhlamvu zamagama ezingaphansi kuka-160) ku-35919. I-SMS ngayinye ibiza R3.
Ungathumela umbuzo wakho nge-e-mail ethi bona@dbn.caxton.co.za ufake igama lakho nendawo ohlala kuyona.
Ungathumela amagama ezihlabani ongathanda ukuba abafundi baphonse imibuzo kuzona emakhelini afanayo.
1. Ngabe uyiKholwa noma uyiKholwa eliZelwe kaBusha?
Nonyaniso Bhakala, Verulam
NgiyiKholwa kanti ngazalelwa ebandleni le-Assembly Of God. Ngivame ukumenywa amabandla ahlukene emhlabeni ukuze ngishumayele. Sonke singabantwana bakaNKULUNKULU kanti sikhonza uNKULUNKULU oyedwa.
2. Ungabuchaza kanjani ubudlelwane bakho noNKULUNKULU manje?
Polisa Puwani, Uitenhage
Buhle kakhulu. UnguBaba wami, uThisha wami, uMngani wami, uMholi wami, Uyikho konke. Ngifuna ukumkhonza njalo - yilokho okwenza ngicule umculo woKholo.
3. Ngabe uke ucabange ukucula olunye uhlobo lomculo?
Sithabile Ndlovu, Mgababa
Cha. Ngesikhathi ngiqala ukuqopha, inkampani engaqopha kuyona yangiqophisa umculo ohlukile kulona. Emva kokuba sengizakhele igama nge-albhamu yami yokuqala, ngafuna ukuphindela emculweni woKholo.
4. Ngabe kwakuyinhloso yakho ukwethula uhlelo lweTV?
Teboho Mohoto, Vosloorus
Ngangivele ngifisa ukwethula uhlelo ngoba kuhle ukufafaza iZwi. Ngingumxhumanisi - ngiyathanda ukukhuluma nokuncokola. Ngingathanda nokudlala emidlalweni.
5. Sithini iseluleko sakho kwabasha abafuna ukucula?
Dineo Zulu, Roseglen
Funda ngaphambi kokujoyina le mboni. Ngaqala ukucula ngingafundile - ngangingakwazi ukufunda izivumelwano noma ukuxhumana nabantu ngaleso sikhathi.
6. Ngabe lukuphatha kanjani udumo?
Vanessa Ngcobo, Amanzimtoti
Angiziboni ngidumile. Izingane ngike ngiziyise mina esikoleni. Ngiyazithengela izingubo zami. Ngisaya esikhumulweni samatekisi kuJeppe Street, kuBree Street noma elokishini uma ngithanda.
7. Ukhuthazwa yini?
Nonzwakazi Jeke, Mthatha
Wuthando lukaNKULUNKULU, wuthando lomndeni wami, ikakhulu izingane zami, nothando engilunikwa abantu ekhaya naphesheya.
8. Ngabe kukhona izinhlelo zentsha oyingxenye yazo?
Thulani Mhlongo, KwaMashu
Ngithanda ukufundisa intsha kanti njengamanje ngisohlelweni lweFUNDISA, uhlelo lokulondoloza imali yabafundi abasemazingeni aphezulu.
9. Uthanda ukuba nomyeni onjani?
Tomax Hagile, Khanyayo
Oyisibonelo esihle onothando.
10. Yini ekwenza ulangazelele ukuvuka?
Mamello Masima, Daveyton
Yizinselelo zosuku. Kusuke kuqala olunye usuku nenye impilo. Ngihlale ngimatasa. Ngifuna ukuphila impilo ngokugcwele.[z]
BONA ZULU - May 2008
Engosini kaBONA entsha abafundi bazothola ithuba lokuxoxisana nezihlabani
INGXOXONESIHLABANI
U-Rebecca, isihlabani somculo woKholo wanika abafundi izimpendulo ezithinta umphefumulo emibuzweni ababenayo kodwa akathandanga ukuphawula ngezinkulumo ezike zizwakale ngokushada kwakhe nokusebenzisa izidakamizwa athandane nabanye abantu besimame.
STRAPARIAL
