ZULU.382.muthi
nguFORCE KHASHANE
OSHICILELWENI olwedlule, sakhuluma ngokuthi iziqalekiso aziphumi kuphela emadlozini. Ukungahloniphi 'amadlozi ethu aphilayo' - izihlobo ezisazodlula emhlabeni kungasilethela amashwa amakhulu.
Ngasho ukuthi osikweni lethu, uMthetho wokwazisa abazali bakho usebenza kubo bonke abantu abadala.
Uma wehluleka ukubahlonipha, ungazibangela amabhadi.
Lokhu ngakucatshangiswa yincwadi engayithola ivela komunye umfelokazi.
Kuyona wabeka ukuthi yini emenza acabange ukuthi abasemzini bamqalekisa namadodana akhe ngoba wenqaba ukushada omunye wabafowabo kandoda yakhe. Uthi ubabezala wakhe usaqhubeka nokumtshela ukuthi akashade indodana yakhe encane nokuyinto ayenqabayo.
Ubabezala nezinye izihlobo bafuna ukuba 'ahlale' emndenini ngoba bengafuni ukuba ifa indodana yabo eyalishiyela unkosikazi lingadliwa omunye umuntu.
Ngokomfelokazi, umyeni wakhe wayephethe isikhundla esiphezulu enkampanini ayesesebenze kuyo iminyaka engaphezu kwengu-20.
Impesheli nezinye izimali zomyeni wakhe azithola zamcebisa.
Ngesikhathi enqaba ukubalalela, uthi umndeni womyeni wakhe wahlaba imvu emnyama ukumqalekisa namadodana akhe amabili.
Ekuqaleni, isiqalekiso asiphumelelanga. Imali yomyeni wakhe yafundisa amadodana akhe kanti ayeqhuba kahle kakhulu esikoleni.
Emva kokuthola iziqu enyuvesi nokuthola umsebenzi, izinto zaqala zangahamba kahle - uthi kwavele konke konakala.
Amadodana akhe alahlekelwa umsebenzi omuhle ngenxa yotshwala.
"Kwakuthi lapho esephuzile adakwe angazazi ngisho namagama," kusho umama wabo.
Ukuxoshwa endaweni oziphilisa kuyona kungakwenza uzibone njengento engelutho ulahliwe - ukuphuza kwamadodana akhe kwaqhubekela phambili.
Sisekhona isikhathi sokuba lona wesimame athole usizo ekuphuzeni kwamadodana akhe.
Likhona ikhambi lesintu lokuyeka utshwala - kodwa uma lowo muntu ophuzayo evuma ukuthi unenkinga yophuzo.
Isiqu sesihlahla somvezu singasiza sehlise ukulangazelela utshwala. Sitholakala esifundeni saseLimpopo. Isiqu somvezu sikhipha amagwebu amaningi emanzini abandayo.
Uma umuntu ephalaza ngaso, siyamhlanza ngaphakathi.
Faka phakathi izipuni ezinhlanu zomvezu ogxotshiwe esitsheni esingu-five-litre esigcwele amanzi afudumele.
Govuza imizuzu engu-15 ufake uhhafu wengilazi kabhiya.
Lo muthi wenzelwa ukuba umuntu akwazi ukuphalaza kanye ngesonto isikhathi esingangezinyanga eziyisithupha.
Ubhiya owengezwayo kufanele uncishiswe masonto onke uze uphele engxubeni yomvezu.
Kubalulekile ukuthi umuntu onenkinga kube nguye othaka lo muthi, ukuze ube namandla usebenze.[z]
38 BONA ZULU - February 2006
Ezemithi yesintu
Kungani umbala omnyama "uphephile"
Abantu bemimoya emibi, bavame ukusebenzisa izilwane ukwenza imisebenzi yabo emibi - kodwa akufanele sicabange ukuthi yizilwane ezimnyama kuphela ezisetshenziselwa lokhu. Isilwane ngisho ngabe sinjani ngombala singasetshenziswa, umbala omnyama akufanele uthathwe njengoyisono. Ukwenza isibonelo, njengoba ngibhala lokhu, ngifake ubuhlalu obumnyama ezihlakaleni, obumele abandawu, okungamadlozi anobubele, anika impumelelo namandla.
Ezikhathini eziningi izangoma ziye zithi asisebenzise umbala omnyama uma senza izipho zabandawu.
Bamqalekisa
abasemzini
Bhalela uForce ngemibuzo onayo ngemithi yesintu kuleli kheli: Talking Muthi, Box 473014, Parklands, 2121 noma umthumelele i-e-mail kwethi: forcek@caxton.co.za
