zulu.37.new jelly
RAINBOW JELLIES
□ 1 iphakethe ujeli oyimpuphu obomvu
□ 1 iphakethe ujeli oyimpuphu ophuzi
□ 1 iphakethe ujeli oyimpuphu o-green
□ 1 inkomishi (250ml) u-custard ozenzele wona noma owuthengile
1. Lungisa ojeli ngokulandela imithetho esephaketheni. Kuyeke kuphole kodwa kungasethi.
2. Thela ujeli omncane wombala ofanayo ezingilazini ngokwahlukana. Faka izingilazi efrijini ukuze ujeli usethe. Uma ususethile, thela umbala olandelayo, ukufake efrijini kusethe.
3. Uma usukuphaka, thela untwentwesi luka-custard ngenhla bese ukuhlobisa ngokukuvuvuzela.
Iseluleko esikongela isikhathi: Faka ojeli ezindishini ezehlukene ukuze konke kusethe ngesikhathi esisodwa. Sika ujeli uwendlale ezingilazini.
EASY PINEAPPLE PUDDING
□ 1 ithini uphayinaphu ogxotshiwe wacwengwa. Beka ujusi eceleni
□ 1 iphakethe ujeli oyimpuphu
kaphayinaphu
□ 1 ithini i-evaporated milk, eqandiswe kwi-freezer noma elaliswe efrijini ubusuku bonke
1. Epanini shisa ujusi uwubilise bese ufaka i-pineapple jelly powder.
2. Kugudluze emlilweni ufake uphayinaphu. Kuyeke kuphole kushube kodwa kungasethi.
3. Endishini shaya i-evaporated milk ishube. Ithele engxubeni ye-pineapple bese uyifaka ezingilazini noma endishini enkulu. Faka efrijini ukuze kusethe.
4. Kuhlobise ngokhilimu ukunonge
nge-mint.
Enye indlela: Sebenzisa ama-fruit nojeli abehlukene abanjengo-strawberry.
Uthi ubuwazi?
■ Ungawufaki uphayinaphu ofreshi noma i-kiwi fruit kujeli – ngeke kuze kusethe - kunama-enzymes ahlasela i-gelatin kwenze ukuba kungasethi. Kodwa kulungile ukusebenzisa uphayinaphu osemathinini.
■ Ungalokothi uzame ukuwuqandisa ujeli - uzoba ngamanzi.
GRANADILLA MOUSSE CREAM
□ 1 iphakethe ujeli oyimpuphu i-lemon
□ 1 inkomishi (250ml) amanzi abilayo
□ 1/2 inkomishi (125ml) amanzi abandayo
□ 1 ithini ukhondensi
□ 1 ithini i-granadilla pulp
1. Endishini hlanganisa ndawonye ujeli oyimpuphu namanzi abilayo. Engeza amanzi abandayo ukuqandise efrijini kuze kuqale ukusetha.
2. Faka ukhondensi ne-granadilla pulp ukugovusisise. Kuthele kwi-container eyilitha ukufake efrijini kuze kusethe.
GUAVA DESSERT
□ 1 iphakethe i-lemon jelly powder
□ 2 izinkomishi amanzi abilayo
□ 1 ithini likagwava ogayiwe
□ 1 ithini ukhondensi
□ 2 okumhlophe kwamaqanda okushayiwe
1. Endishini hlanganisa ndawonye ujeli oyimpuphu namanzi ukuyeke kuphole.
2. Kwenye indishi hlanganisa amagwava nokhondensi ukufake kokwamaqanda okumhlophe.
3. Ngesikhathi ujeli usuqala usetha, shayela phakathi ingxube yamagwava. Faka efrijini ukuze kusethe.
4. Kuhlobise ngokhilimu ukuvuvuzele ngama-cherries.
Iseluleko: I-evaporated milk kufanele ibande ukuze le-dessert yenzeke kahle.[z]
OKUMNANDI
Ujeli
Easy Pineapple Pudding.
OMNANDI
Granadilla Mousse Cream.
Rainbow Jellies.
Zithokozise nipheke nezingane zakho ekhishini nenze amadezethi nisebenzisa isithako sawo wonke umuntu - ujeli. Ukongela imali kanti kulula ukuwusebenzisa...
Guava Dessert.
Amaresiphi nezindlela zokuhlela ngabeGemini Food Promotions, isithombe nguKim Thunder
