zulu.375.bcareer e
BONA – August 2005
Ezemisebenzi
IMBONI yamabhange isishintshe kakhulu kule minyaka eyedlule. Sezadlula lezo zinsuku lapho imenenja yebhange yayingabonwa.
Namuhla izimenenja seziyazibambela zisize amakhasimende nokuyinto eziyibeka phambili. Imisebenzi yasebhange isiyibhizinisi elinokuncintisana okukhulu kanti amabhange amakhulu anemikhankaso emikhulu yezokuthengisa neyezezimakethe eqhubekayo ukuze bathole amakhasimende amasha futhi bathembeke kuwo.
Indima yezamabhange ibanzi kanti ibandakanya, abantu, izinhlangano nabamabhizinisi. Imisebenzi eyenziwayo ibandakanya ama-credit cards, ama-akhawunti okonga nawamasheke, imali yokusiza ekuthengeni izimoto, imali-mboleko yezindlu, imali-mboleko yabafundi, nokusebenzisa ibhange nge-Internet.
UBONA uxoxisane nabanye babasebenzi ebhange lakwa-ABSA eThekwini abazinike isikhathi besitshela ukuthi kunjani ukuba yingxenye yezamabhange.
Oyimenenja jikelele uThemba Mathe usebe kule mboni yezamabhange iminyaka engu-18 kanti ziningi izinguquko asezibonile. “Ezinsukwini zakudala abantu babesaba ukuza ebhange bazobonana nemenenja yebhange.
“Manje amabhange asebonile ukuthi ikhasimende yinkosi. Njengebhange siyazama ukubhekela zonke izidingo kanjalo nokuvala igebe lezizukulwane.”
UXolani Mthembu uyimenenja yethimba lezabokuthengisa lamabhange angomahamba-nendlwana KwaZulu Natal. Waqala umsebenzi wakhe e-ABSA njengomabhalane emva kokuphothula u-matric wakhe ngo-1995.
UXolani wasungula uhlelo lwakhe lomsebenzi evakashela izikole ngenhloso yokufaka abafundi kwezamabhange. “Ngabona ukuthi kubalulekile ukufunda ngokusebenzisa ibhange kusukela ebuncaneni.”
Ukuzimisela nokuzinikela kukaXolani kwasheshe kwathela izithelo. Uhlelo lomsebenzi wakhe lokuqala lwaba yimpumelelo kangangoba manje usephethe ithimba labezokuthengisa elivakashela ezikoleni nasemabhizinisini KwaZulu Natal lithuthukisa umsebenzi webhange labo linike nosizo lwamabhange angomahamba-nendlwana.
Ongumabhalane wosizo lwamakhasimende uYolisa Bukaphi usebe embonini yezamabhange isikhathi esingaphansi konyaka. UYolisa wakwazi ukuba athole izifundo ze-industrial psychology ayezenza ngeposi. Umsebenzi wakhe ubandakanya ukusiza amakhasimende emibuzweni anayo. Lokhu kubandakanya ukufaka izicelo zama-bond, ama-credit card, ama-akhawunti okonga nanoma ikuphi okunye akubuzayo amakhasimende. UYolisa uye acubungule izidingo zekhasimende ngaphambi kokuba alise kumuntu ofanele ongumxhumanisi ukuze lithole olunye usizo lobuchwepheshe.
“Isikhathi sethu sokuba matasa wukuphela kwenyanga nangesikhathi selantshi,” kusho uYolisa. Njengomuntu ongaphambili, uYolisa uyibona indima yakhe iyinselelo. “Kufanele ulwazi lwakho lwezamabhange uluthuthukise ukuze amakhasimende angalokothi acabange ukuya kwenye indawo. Ngizizwa ngenelisekile ekusizeni nasekwelulekeni amakhasimende, ngiwongele nemali.
“Kuyacaca ukuthi imali ibaluleke kakhulu kubantu ngakhoke kufanele siqinisekise amakhasimende ethu ukuthi imali yawo iphephile nokuthi athola izeluleko eziphambili zochwepheshe nosizo.
“Ngingathanda ukuba wumxhumanisi bese mhlawumbe ngiba yimenenja yegatsha, kodwa njengamanje ngiyakuthokozela ukuba la ngikhona. Ngithola isipiliyoni kanti ngihlale ngifunda okusha njalo.”
Amathuba kwezamabhange
Indima yezamabhange ibanzi kakhulu kanti inochunge olumangalisayo lwamathuba emisebenzi. Lokhu kubandakanya:
ulwazi lwezobuchwepheshe (information technology - IT); ukuthuthukiswa kwezokusebenzisana nabantu (human resource development - HRD); usizo lwezezimakethe (marketing); olwezezimali; olokubolekwa izimali; elokonga (treasury) nolwezomthetho.
Amazinga okungena kulo msebenzi wamabhange abandakanya: abango-teller; omabhalane abasiza amakhasimende; omabhalane bezokusingathwa komsebenzi; ukugcinwa kolwazi (data capture) nokuba ama-collection agent.
Shayela ibhange olithandayo ucingo ukuthola ukuthi ikuphi lapho bevame ukukhangisa khona izikhala zemisebenzi.
Izikhala zamatoho kwezemboni yezamabhange kungenzeka zibe khona kuma-agencies ezokuqasha. Uma ungumuntu owufanele lo msebenzi nesidingo sikhona, lena kungaba iyona ndlela yokungena kule mboni.
Izidingo zemfundo
Amabhange amaningi namuhla adinga abafaka izicelo zomsebenzi babe ne-diploma noma iziqu ezihambisana nendima yezomnotho. Ama-diploma ezezimakethe noma iziqu nawo angakubeka ethubeni uma ufisa ukuthatha umkhakha wezokuthengiswa nokuthuthukiswa kwezezimakethe embonini yezamabhange.
I-National Diploma In Banking nayo iyatholakala kwezinye izikhungo zemfundo.
Amabhange futhi angabaqasha abano-matric abazothola ukuqeqeshwa ngaphakathi kulo msebenzi. I-Maths noma i-accountancy yizona zifundo okudingeka ube nazo ku-matric.
(zingabi ngaphansi kukaGrade D.)[z]
BONA ZULU – October 2005
UXolani Mthembu, oyimenenja yebhange lakwa-ABSA elingumahamba nendlwana eThekwini ngesikhathi echazela umphakathi.
NGENHLA: UThemba Mathe, oyimenenja jikelele yebhange lakwa-ABSA eThekwini.
NGENHLA: Imisebenzi kaYolisa Bukaphi ibandakanya ukusiza amakhasimende anezinkinga.
Ukubheka
mali yabanye abantu
I
Umsebenzi wasemabhange uvula amathuba amaningi kwabanothando kwezezimali
indaba nguGRACE KHUZWAYO
izithombe nguBRETT FLORENS
BONA ZULU – October 2005
Ongaxhumana nabo
I-National Diploma In Banking itholakala: E-Cape Peninsula University Of Technology: 021-460-3911;
E-Central University of Technology, Free State: 051-5073-911;
E-University Of Johannesburg: 011-406-2911.
E-Technikon SA (eyayaziwa ngokuthi yi-UNISA) kukhona nezifundo ongazenza ngeposi: 011-670-9000.
