zulu.374.bec events
I-Mageu Number 1 – yi-formula yabagijimi
I-DIEPSLOOT Athletics Club (DAC), exhaswe ngabe-Mageu Number One, isanda kubamba imijaho yefayineli ngaphansi kochunge lwabe-Pick ,n Pay Road Running Development.
Ngalokhu bahlose ukuba bakhuthaze abantu abasha ukuba bazibandakanye kwezemidlalo, ikakhulu efana nokugijima amabanga angu-2,5km, 5km no-10km.
Ngokwe-Central Gauteng Athletics, lo mjaho kwakungomunye wephambili kakhulu kulolu chunge ngenxa yezinga eliphezulu lokuhlelwa kwawo, izinto zokujabulisa izingane kanjalo nangezindondo ezazinikwa abawinile.
I-Mageu Number One ibilokhu ixhase iDAC ngokunikela ngezimpahla ezilusizo.
Inhloso enkulu yabo kulo nyaka wukuba bayikhulise le nhlangano yeDAC ukuze nabo bakwazi ukwenza imicimbi yabo baqoqe nezimali kuthuthuke ezokusubatha endaweni.
Abanye abaxhasi babandakanya i-Investec, Fourways, Gardens Road Runners neVelaphi, okuyinhlangano exhase ezemidlalo kulabo badlali abakhubazekile.
BONA ZULU – April 2007
NGO-APRIL iBONA Empowerment Club izohlangana edolobheni elinobungani iPort Elizabeth. Sinamalungu athembekile amaningi kuleyo ndawo kanti futhi singajabula ukuba sinibone nonke.
Ingqikithi ka-April ithi, ukuziphilisa ngokudla, ezokuvakasha nokulima. Sidinga ukuzinakekela lezi zimboni ukuze senze iSouth Africa indawo abaningi abazoyivakashela nokuba ibe yindawo enhle abantu abangahlala kuyo.
Sizonikhombisa ukuthi ningaphumelela kanjani kulezi zimboni kanti izikhulumi zethu zosuku zizosinika izeluleko nolwazi oluyusizo ekukhuliseni amabhizinisi nokuba niphumelele ezifisweni zenu.
Sizizwa sihlonipheke kakhulu ukuba noPriscilla Leander njengesikhulumi sethu sosuku kulo mcimbi wale nyanga kanti simbonga kakhulu ngokuba nathi asicobelele ngamakhono akhe.
Sizimisele ukuba sinibone nonke ePort Elizabeth. Nibe nePhasika elihle!
Yenza okubhakayo kunambitheke kamnandi!
IBONA Empowerment Club ibonga kakhulu ukujoyinwa yiSasko Flour njengabaxhasi abakhulu kulo nyaka. Kuningi esesikufundile kuma-workshop kanti futhi kuningi esisakubhekile ngamasu namacebo akwaSasko Flour.
Njengoba iPhasika selisemnyango, ayikho into engafudumeza ikhaya lakho njengokufreshi okubhakile nokuzokwanelisa amakhasimende akho.
Imikhiqizo yakwaSasko Flour ikwenza kube lula ngaphezu kwakho konke. Umndeni wakho wonke uzokuthokozela ukukusiza ngesikhathi wenza okumnandi kwePhasika nawo ukuthokozele ukukudla futhi.
Uma wenza umsebenzi wokuziphilisa ngokudla, iPhasika yisona sikhathi esihle kakhulu sokukhombisa amakhono akho wenze amakhasimende akho azizwe ebalulekile. ISasko Flour yiyo efanele noma yini oyibhakayo.
Ufulawa wakwaSasko wenziwe ngokolweni wakuleli naphesheya ocolisekile ukuqinisekisa ukuthi ubhaka okuphambili. Ngisho ngabe ubhaka ama-scones noma eyehla esiphundu i-chocolate cake, ungayethemba iSasko Flour ukuze okubhakayo kunambitheke kamnandi.
USasko Flour usaqhubeka nokusilethela ikhwalithi ephambili njengoba usuwenzile kule minyaka engaphezu kwengu-70.
Uthi ubuwazi ukuthi isiphehli sikafulawa ukugunyazwa ngabe-HACCP e-Africa, yiSasko Flour Mill ePE? Lokhu kusho ukuthi iSasko Flour iyahlangabezana nezidingo zezinga eliphezulu lasemhlabeni ngekhwalithi nangokuphepha kokudla. Kungakhoke sikuthokozela ukuba nomcimbi wale nyanga edolobheni elinobungani iPort Elizabeth.
Ungakhohlwa ukubukela uhlelo lodumo, lweSasko Flour oluthi Mara And Friends ngoLwesithathu ngo-6 ntambama kuSABC 2. Hlanganyela noMara Louw nezivakashi zakhe ngesikhathi bekhuluma futhi bethokozela okumnandi okubhakwe ngendlela yakwaSasko Flour.
ZIQALELE IBHIZINISI
UNGATHENGA obhulankethi be-Aranda babe baningi ngesaphulelo ubadayise uthole inzuzo.
Okufanele ukwenze:
1. Hambela i-forum noma i-workshop ye-BONA Empowerment Club.
2. Thola yonke imithetho yebhizinisi lakho ne-fomu yoku-oda emicimbini yethu.
3. Qala uthole amakhasimende, uxhumane nabantu uthole nabantu ongabadayisela. Ungadayisela amalungu omphakathi, ama-spaza shop nezikole.
Uma ungeke uhambele imicimbi yethu ngokushesha, shayela uJerminah Tseise kwa-Aranda kule nombolo: 011-693-3721 ngezikhathi zomsebenzi umcele ukuba akuthumelele nge-fax imininingwane.
Uma uthanda ukuba nenzelwe
i-presentation namalungu estokifela senu noma inhlangano yenu, shayela iRevue Liaison kule nombolo ukuze ubhuke 011-883-8829.
U-Aranda ne-BONA Empowerment Club bazokuba nama-workshop okudayisa obhulankethi kulo nyaka.
I-Glenryck – inempilo imnandi
UMA ufunela umndeni wakho okumnandi okunempilo, inhlanzi esemathini iGlenryck yiyona mpendulo yakho.
Njengabanye babaxhasi beBONA Empowerment Club, iGlenryck izosifundisa konke mayelana nokudla okunempilo isikhombise ukuthi kulula kanjani ukunika umndeni wakho okungcono.
Inhlanzi esemathinini iGlenryck inothiswe ngama-fatty acids abalulekile e-Omega-3 kanti iyatholakala kwiSpicy Chilli noma i-Original Tomato Sauce.
Ingenye futhi engcono kumaphrotheni akhona kanti ayigqunyiswanga.
Uthi ubuwazi ukuthi indlela yokusetshenziswa kwethini layo yiyo egqumisa inhlanzi ivalele bonke lobo bumnandi obulungele wena? Kulula, vele ususe leso sivalo esivuleka kalula uzizwele ubumnandi bayo.
Ukukwenzela ukuba kube lula, iGlenryck isikubekele neWebsite yayo. Vakashela www.nola.co.za uthole ama-lasagne, ama-fish cakes, amasaladi ngisho nezinhlanzi eziko-toast.
Okuphuma phambili
Njengoba uSavellsFairdeal unika amakhasimende awo izimpahla zekhwalithi ephambili ongayethemba, nathi sibone kungcono ukuba sengeze okusha kulokho. Esikwengezile ukuhlomulisa amakhasimende ethu, wumncintiswano omusha weSavellsFairdeal Community Builder. Bheka ikhasi 46 uthole imininingwane.
BONA ZULU – April 2007
Imininingwane yomcimbi
Ukuziphilisa ngoKudla, ezokuVakasha nokuLima
ISIKHULUMI SOSUKU: Priscilla Leander, ongusihlalo weBethalsdorp Women-Arise Co-operative
Indawo: The Feather Market Centre, 1 Baakens St, Port Elizabeth
Usuku: ULwesine, 26 April, 2007
Isikhathi: Fikani ngo-6 ukuze siqale ngo-6.30 ntambama
Imali: R30 umuntu (kukhokhwa emnyango)
Sekubalwe neyokudla. Umuntu uyozithengela ngokwakhe e-bar.
UKUZE UBHUKE, SHAYELA KULE NOMBOLO NGEZIKHATHI ZOMSEBENZI: 011-883-8829
Abayonandisa ngomculo: Lavum’Ithongo
Bake & Cook Workshop
Indawo: The Feather Market Centre, 1 Baakens St, Port Elizabeth
Usuku: ULwesihlanu, April 27, 2007
Isikhathi: 2 emini
Imali: R30 umuntu
Shayela kule nombolo ukuze ubhuke: 011-883-8829.[z]
MC: Lulu Haarmans


