zulu.373.career
Ezemisebenzi
Ukuba ngumsakazi
EKUSENI ngo-3.30 usemgwaqweni ukhathele uphuma emsebenzini ubusebenza ebusuku, uvula umsakazo ukuze kubekhona okuzokwenza ungalali.
Uma ukwazi ukwenza umuntu emgwaqweni angalali ahlale elalele wena, ubokwazi ukuthi wenza umsebenzi omuhle," kusho uThandy Kunene we-East Coast Radio eThekwini.
NgemiGqibelo nangamaSonto ushayela uhlelo lwasekuseni kusukela ngo-3:00 kuya ku-6:00. Sivakashele le ntokazi ezindlini zokusakaza ze-East Coast Radio ukuthola ukuthi yini eyenza lo msebenzi ube ngoyisipesheli kangaka...
Yini eyakukhuthaza ekukhetheni lo msebenzi" Ngiseneminyaka engu-16 ngisafunda esikoleni e-East London, ngashayela isiteshi sokusakaza somphakathi ucingo ngathi: "Hi, igama lami nginguThandy Kunene ngifuna ukwenza umehluko."
Bangithatha njengevolontiya nokwathi lapho ngiqeda esikoleni ngenza iziqu kwezobuntatheli ngagxila emkhakheni wezokusakaza. Emva kwalokho ngahamba ngaya eThekwini.
Ngafika khona ngathola umsebenzi wokuba yisikhulu sezokuxhumanisa abasebenzi nabaphathi (HR officer) enkampanini kazwelonke.
Phezu kokuthokoza kulo msebenzi engangiwenza, kodwa kwakukhona lokho engangibona ukuthi ngisashoda ngakho. Ngaxhumana nabe-East Coast Radio ngafuna umsebenzi bangithatha ngaphansi kohlelo lokuqeqeshwa.
Kungani uthola umsebenzi womsakazo uthokozeleka" Ngifinyelela kubantu abaningi ngesikhathi esisodwa, kanti ngingawenza umehluko ngokugcina abantu emgwaqweni bephephile kanjalo nokuxhumana nabalaleli uma sixoxa.
Yini engumvuzo walo msebenzi" Ukuzwa abantu bethi bayaluthokozela uhlelo lwami.
Ikuphi kulo msebenzi wakho okuyinselelo enkulu" Yonke into isebenza ngamakhompyutha kanti konke ukwenza usedeskini lakho. Kufanele ushaye izingcingo, wenze ama-emails, ama-sms messages, ukhethe umculo ozowudlala, uthathe izicelo zabalaleli, uhlele kahle izikhangiso bese nawe uzilungiselela ngokuyikho.
Futhi uma kukhona okungakuphathanga kahle, akufanele lokho ukuzwakalise emoyeni ngoba abantu abakhuluma nawe abafuni ukwazi izinkinga zakho - kodwa bafuna ukuba ubathokozise.
Ngingawenza umehluko
BONA ZULU - March 2007
"
indaba nguGRACE KHUZWAYO
isithombe nguBRETT FLORENS
Ngesikhathi sokushicilela, uThandy wayesanda kukhushulelwa kwi-breakfast show ngezimpelasonto. "Engikwenzayo ngiyakuthokozela kulo msebenzi wami - ngisho ngabe ngikwenza ngezimpelasonto."
UKUNGENA KULO MSEBENZI
"Umuntu ongaphumelela emsakazweni, oyingxenye yempilo yamaphathi futhi abantu abaningi abakuthokozelayo ukuba naye. Umuntu ohlale enezindaba ezihlekisayo," kusho uNaveen Singh oyimenenja yezinhlelo kwi-East Coast Radio.
"Izwi lakho kufanele licace likhombise ukuzethemba, ulwazi kahle futhi nolimi lwesiNgisi noma ulimi oludingekayo kuleso siteshi osikhethile."
Uma usunaso mhlawumbe isipiliyoni, izimenenja zezinhlelo zizodinga uzinike ama-demo tapes akho noma ama-demo CDs. Uma ungenaso isipiliyoni, ziningi iziteshi zomphakathi ezweni lonkana ongathola kuzo isipiliyoni.
Ngisho nangaphandle kwesipiliyoni, kodwa kungumqondo omuhle ukuba uzilungiselele i-demo tape.
UKUQEQESHWA
Iziqu noma i-diploma akusiyo into ebalulekile, kodwa ulwazi lwasezikhungweni zemfundo ephakeme likubeka ethubeni elihle ukuze i-diploma noma iziqu ezifundweni zabemithombo yezindaba zikusize.
IMALI ONGAYITHOLA
Akulula ukusho ukuthi ungahola malini ngoba iningi lochwepheshe abaqeqeshelwe kulo mkhakha basebenza ngokuzimela ngaphansi kwezikontileka.
Abanye abasaqeqeshwa bahola imali eyisikalo esithile ekubeni abanye bangena kulo mkhakha ngokusebenza njengamavolontiya.
Ukuba semsakazweni kukuvulela amathuba amaningi - kusukela ekwethuleni uhlelo lwakho kuya ekuphatheni imicimbi ephambili yomphakathi.[z]
BONA - March 2007
