zulu.371.lizard e
Usizi lowesimame
UBUSO bukaMaggie Nhuvunga bubushelelezi abunasici, kodwa umzimba wakhe uyaqaqamba ngenxa yesikhumba esomile, esiklayekile esinezilonda. Uma ilanga lishisa kuyopha izilonda zibabe. Ukuze adambise izinhlungu, kufanele ahlale emanzini abandayo okwesikhashana. Akacabangi ukusebenzisa insipho uma egeza.
"Uma ngisebenzisa insipho kuba sengathi kukhona ongihlaba ngezinaliti emzimbeni," kusho yena.
U-Maggie unesifo esibizwa nge "lizard skin", esenza isikhumba sibe wugqinsi sivuvukale.
Lesi sifo saqala ukumphatha esemncane. Abantu babemkhipha inyumbazane eBurghersdorp ngaseTzaneen ngenxa yaso.
Izingane zazixwayiswa ngokuthi azingadlali naye kanti abadala babesaba ukumgona bethi uzobathelela ngaso.
Umama kaMaggie wayemkhiyela endlini ubusuku nemini.
"Ngangilunguza ngefasitela ngibuke amantombazane edlala emgwaqweni. Inhliziyo yami yayiba buhlungu ngoba ngangifuna ukuyodlala nawo," kusho yena.
Umama kaMaggie washona esemncane kanti wazama konke okusemandleni ukusiza indodakazi yakhe.
Izangoma zadideka abahlengikazi emtholampilo wendawo bamnika imithi engamsizanga.
Abahlengikazi bagcina betshele umama kaMaggie ukuthi sebehlulekile bathi akathathe indodakazi yakhe ayiyise endaweni okunakekelwa kuyona abantu abakhubazekile.
Kwathi lapho eseneminyaka emine uMaggie wathunyelwa esikhungweni sezingane ezikhubazekile. Ikhaya lakubo walibona eseneminyaka engu-18.
"Kodwa angikhubazekile," kusho uMaggie. "Umama kuphela owayengivakashela kuleso sikhungo. Ngahlanganisa iminyaka engu-18 ngingakaze ngibabone abafowethu nodadewethu."
Impilo ayizange ibe lula kuMaggie ngisho noma esehlala kuleso sikhungo.
Uthi wayephoqwa ukuba agqoke amashethi anemikhono emide namabhulukwe amade ngisho noma ilanga lishisa. Babethi lokho bakwenzela ukuvikela izingane ezazimesaba.
Wayengadlali kanti zazimbalwa izingane ezazimjwayele.
Wayenomzwangedwa edinga uthando. Ngenxa yalokho, abesilisa baqala ukudlala ngaye eseneminyaka engu-18, wakhulelwa waxoshwa kuleso sikhungo.
Namuhla uneminyaka engu-40, kanti uhlala nezingane zakhe ezine eBurghersdorp.
Uvuka ngo-4 ekuseni nsuku zonke enze imisebenzi yasekhaya ilanga lingakaphumi.
"Uma kushisa umzimba wami uyaqaqamba kanti kumele ngenze imisebenzi yasekhaya lingakaphumi ilanga," kusho yena. Akavamile ukuphumela phandle. "Ngelinye ilanga ngaya komunye umuzi ngacela amanzi okuphuza. Kwathi lapho sengibuyisa inkomishi, bayithatha bayilahla ngibhekile. Ngadumala," kusho yena.
Kodwa impilo kaMaggie isizoshintsha.
Udokotela odumile endaweni uthembise ukuthi uzomsiza. Uthi uMaggie angalulama uma ethole ukwelashwa okufanele.
Uthi lesi sifo siyelapheka!
"Izibhedlela zikahulumeni zingamelapha mahhala," kusho uDr Anisa Mosam oseNelson R. Mandela Medical School eThekwini. "Kudalo abantu babengazelaphi izingane benethemba lokuthi isifo sizophela uma sezikhulile.
"Manje sesiyazi ukuthi lokho akwenzeki nokuthi isifo sidinga ukwelashwa ngokushesha.
"Sesiyazi nokuthi kubaluleke kangakanani ukunakekelwa kwesikhumba ngoba siklayeka kalula singenwe yizifo. Uma lezo zifo zidlulela egazini, zingambulala umuntu."
Amakhambi asiza ngokudambisa ukuvuvukala nokuxebuka kwaso.
Manje uMaggie usejahe ukugqoka amaT-shirt angenamikhono neziketi ezimfishane okokuqala ngqa empilweni yakhe.[z]
BONA ZULU - October 2005
Ngifuna ukufana
nabanye abantu!
Ukhule evalelwa endlini ekhishwa inyumbazane ngenxa yesifo esingajwayelekile esihlasela isikhumba...
indaba nguGLACIER NKHWASHU noPATRICIA McCRACKEN
izithombe nguNEVILLE MAAKANA
Iyini i-lizard skin"
Odokotela bayibiza nge-ichthyosis i-lizard skin, okuyigama elichaza isikhumba senhlanzi ngenxa yokuthi isikhumba sonayo siyaxebuka.
Ihlasela bonke abantu emhlabeni.
Lesi sifo asithelelani.
Isikhumba somuntu one-ichthysosis siyoma, sibe wugqinsi sixebuke. Zingu-28 izinhlobo zalesi sifo, kanti izimpawu zaso nobubi baso kuyashiyana.
Ngesikhathi ukhulelwe, ungahlolwa ukuze kubonakale ukuthi ingane oyikhulelwe ayinaso yini lesi sifo uma kukhona onaso emndenini.Sivame ukubonakala kahle ingane ingakawuhlanganisi unyaka izelwe.
BONA ZULU - October 2005
KWESOBUNXELE: "Uma ngisebenzisa insipho kuba sengathi kukhona ongihlaba ngezinaliti," kusho uMaggie.
KUDE KWESOBUNXELE: UMaggie babemkhipha inyumbazane kodwa manje usenethemba ngenxa kadokotela ozomsiza.
NGEZANSI KUDE KWESOBUNXELE: Isikhumba sikaMaggie sibukeka kanjena.
