zulu.365.Golden Cloud
Banana-Honey
Muffins
Isikhathi sokukulungisa: 20 imizuzu
Isikhathi sokukubhaka: 20 imizuzu
Kuphuma 12 ama-muffins
90g iGolden Cloud Wholewheat Flour
80g iGolden Cloud Cake Flour
60g i-rolled oats
10ml (2 ama-teaspoon) i-baking powder
ibinzana le-cinnamon noma i-mixed spice
2,5ml (1/2 i-teaspoon) usawoti
1 iqanda
185ml (3/4 inkomishi) ubisi
2 obhanana abavuthiwe babhucwa
60g imajarini encibilikisiwe
45ml (3 izipuni) uju lwezinyosi
1. Gcoba i-muffin tin (izinkomishi naphezulu phakathi kwezinkomishi) ngemajarini. Shisisa uhhavini ngezinga elingu-200ºC.
2. Faka izithako ezomile endishini ukugovuze kuze kuhlangane.
3. Shaya iqanda endishini, ugovuzele ubisi phakathi, ubhanana, imajarini noju. Kuthele engxubeni kafulawa ukugovuze kuze kucwebe.
4. Kufake ngesipuni kwi-muffin tin egcotshiwe.
5. Kubhake imizuzu engu-15-20 noma kuze kube nsunjwana.
6. Kupholise ethinini imizuzu embalwa, ukuxegise bese ukuphakamisa ukukhipha ngobunono. Kuyeke kuphole kwi-wire rack. Kuseve kusashisa noma kubanda.[z]
ezentengiso
