ZULU.350.sis sarah
buza kusis'sarah
Angiwazi umndeni wakhe
Ngineminyaka engu-26 siyalingana nesoka lami. Sineminyaka emine sithandana, sinengane. Le ndoda ayikaze ingiyise kubo kanti angibazi nabantu bakubo. Ngicela usizo ngoba le nto izogcina isiyinkinga enkulu.
ZF
Side isikhathi nithandana kangangoba ngabe kade wahlangana nomndeni walo mlisa njengoba sekukhona nengane eyingxenye yawo. Iyaxaka eyokuthi awukaze ubabone abakubo. Kubukeka sengathi ayifuni ukuthi uhlangane nabo. Ngabe ayishadile nje"
Kungenzeka nokuthi kukhona into ekufihlela yona ongagcina usuyitholile uma ubonana nabakubo.
Ngempela le nto izogcina isiyinkinga enkulu - ngakhoke ngaphambi kokuba ize ibe yinkinga, xoxisanani ngalolu daba. Chazela ubaba wengane yakho ukuthi iyakuhlupha le nto. Mtshele ukuthi uyathanda ukwazi umndeni wakhe nokuthi uhlushwa wukuthi ingane yenu izokhula ingawazi umndeni wakubo kababa wayo.
Phezu kwalokho, ukuhlangana nomndeni wayo kuzoqinisa ubudlelwane benu.
Lulungiseni lolu daba kodwa ukhumbule ukuthi kungenzeka kube wukuthi ikhona into isoka lakho eliyifihlayo eyenza ukuba lingathandi ukukuhlanganisa nomndeni walo!
Ayivuki
Ngingowesimame oshadile oneminyaka engu-31. Umyeni wami usekhulile kunami kanti isitho sakhe sangasese asivuki. Sineminyaka emithathu sishadile kanti asinabantwana.
Kuyangihlula ukusibekezelela lesi simo ngoba ngifuna ukuthola abantwana. Ngikhathazekile ngomyeni wami ngoba uyangithanda. Ngifuna ukumshiya - ngabe ngenza iphutha ngalokho"
Yena ngisamthanda, inkinga yilena nje kuphela. Ngisize!
GG, Peddie
Nisathandana phezu kwale nkinga, angisiboni isidingo sokuba ize inihlukanise. Awukhiphi imininingwane egcwele encwadini yakho kodwa kuzwakala sengathi anikaze niyiyele kodokotela inkinga yenu. Zamani ukuya kudokotela osiza abanenkinga yokuthola abantwana uma ningakaze nikwenze lokho. Uzonihlola athole ukuthi yini enganisiza.
Izindlela ezintsha ezisetshenziswa ekwelapheni zisebenza kahle kakhulu ekuxazululeni izinkinga. Sindisa umshado wakho ngokufuna usizo lokwelashwa.
Ngiyamthanda kodwa angimethembi
Ngangineminyaka engu-14 ngo-1995 ngesikhathi ngiqala ukuqoma. Ngakhulelwa kabili kodwa izisu zaphuphuma. Odokotela bathi yingoba ngikhandlekile ngokwengqondo. Imbangela yalokho wukuthi bekuthi lapho sengikhulelwe isoka lami libaleke. Laliqonywa kuthi uma ngilibuza ngalokho lingitshele ukuthi lithanda mina izintombi zalo azisho lutho kulona.
Angisamethembi lo mlisa kodwa ngisamthanda. Akanazinhlelo zokuba sishade kanti uthi uma kwenzeka sishada ngizolwela amalungelo ami ngiyeke ukumhlonipha ngiqome. Ngidinga usizo.
KN, Cape Town
Angazi ukuthi usahlaleleni kule ndoda. Ayikuhloniphi kanti lokho kufakazelwa yindlela ekuphethe ngayo. Ngiyazi ukuthi ninesikhathi nithandana kodwa ngabe awuboni yini ukuthi idlala ngawe"
Izisu zakho ziphuphume ngenxa yokungaphatheki kwakho kahle, iyaqonywa kanti ayifuni nokukushada. Ukuba ibikuhlonipha ibingeke iqonywe. (Ngabe iyazi ukuthi kuyingozi empilweni yenu lokhu ekwenzayo")
Okumqoka kakhulu okushoyo wukuthi awusamethembi kodwa usamthanda. Ukwethembana kuyisisekelo sothando kanti uthando lusuke selufile uma ningasathembani. Uyazikhohlisa uma uthi usamthanda.
Engingakusho ngodaba lwamalungelo nomshado wukuthi akudingeki uze ushade ukuze ube namalungelo!
Umbuzo engithanda ukukubuza wona uthi, ngabe yile mpilo oyifunayo othandweni" Ngabe asikafiki isikhathi sokuba ubheke engxenye"[z]
Khumbula: U-Sis Sarah akaqeqeshelwe ukuxazulula izinkinga ezithinta ezempilo. Sicela ubuze kudokotela wakho noma emtholampilo.
98 BONA ZULU - February 2008
Unezinkinga ngezocansi, uthando noma yini empilweni" Bhalela mina uSis Sarah ukuze ngikunike iseluleko. Ngeke ngikwazi ukubhalelana nawe ngqo kodwa impendulo uyoyithola kule ngosi. Kuyekube ngcono uma inkinga uyikhuluma kwabanye. Ikheli lithi: Ask Sis Sarah, Box 32083, Mobeni, 4060
