zulu.346.africa
Ziqhenye ngokuba ngumAfrica – 41
nihlanganiselwe nguWALTON GOLIGHTLY
izithombe ngabeGREAT STOCK!
LELI LIZWE lalisondelene kakhulu nelaseFrance emva kwenkululeko kanti ukusimama kwemboni ekhiqiza ukhokho owawuthunyelwa kwamanye amazwe nabatshali zimali, kwalenza elinye lamazwe asimamayo e-Africa. Ngomhlaka 25 December 1999, umbutho wezokuvikela waketula uhulumeni owawuholwa ngumongameli Henri Konan Bédié.
Owayengungqa phambili kuleli tulo lokuketula umbuso uRobert Guei, ngo-2000 wenza ukhetho olwasusa udlame.
Isivumelwano sokuthula esathathwa ngoDecember 2003 saba nomthelela omncane kakhulu kangangoba izindawo ezisenyakatho zisaphethwe amavukela-mbuso.
Emva kwenkululeko eyalithola kwelaseFrance ngomhlaka 7 August, 1960, leli lizwe laziwa ngokuthi yiCôte d’Ivoire noma i-Ivory Coast. NgoJanuary 1, 1986, igama elithi Côte d’Ivoire lamukelwa ngokusemthethweni.
Inhloko-dolobha – Yamoussoukro (Okuyinhloko-dolobha eyaba semthethweni kusukela ngo-1983, nakuba i-Abidjan kuseyiyo eyisizinda somnotho nokuphathwa kweCôte d’Ivoire).
Izifunda – Agneby, Bafing, Bas-Sassandra, Denguele, Dix-Huit Montagnes, Fromager, Haut-Sassandra, Lacs, Lagunes, Marahoue, Moyen-Cavally, Moyen-Comoe, N’zi-Comoe, Savanes, Sud-Bandama, Sud-Comoe, Vallee du Bandama, Worodougou, Zanzan.
Isimo sezulu – ngasogwini kuyashisa, lomisile ngasenyakatho; amasizini mathathu; kufudumele komisile (kusuka kuNovember kuya kuMarch); kuyashisa lomisile futhi (kusuka kuMarch kuya kuMay); (kusuka kuJune kuya ku-October)
Inkolo – eyamaKhrestu, 30 percent; eyamaSulumane, 40 percent; eyabeNdabuko, 30 percent
Impilo – abesilisa: 47 iminyaka; abesimame: 51 iminyaka
Izilimi ezisemthethweni – isiFulentshi
Imali – Communaute Financiere Africaine franc
Izwe
lIndawo yonke: 322 460 square kilometres.
lIngxenye esempumalanga nogu inemisele eminingi eshonayo kodwa okungelula ukuba imikhumbi ihambe kuyo.
lIngxenye esentshonalanga inamagquma, amadwala nezindawo ezinesihlabathi. Azikho futhi izindawo ezisemifuleni okuhambeka kuzo kalula ogwini, kodwa lokhu kwaqala ngonyaka ka-1950 ngokwakhiwa komsele ongenela e-Ebrié e-Abidjan.
lEduze kogu kukhona amahlathi acinene cishe angahamba indawo eyibanga elingu-65km engenela phakathi nezwe ngasempumalanga, ekubeni ngasentshonalanga kuya maphakathi angahamba ibanga elingu-100km.
lEnyakatho nendawo emaphakathi kukhona izitshalo ze-savannah (kanye notshani nezihlahla ezimbalwa).
Ingxenye esentshonalanga yaleli lizwe ebhekene nomgcele wezwe laseGuinea nelaseLiberia yiyona ndawo ephakeme enezintaba ezindaweni zase-Odienné naseMan.
lIndawo ephakathi naleli lizwe inamahlathi anezinhlobo zezihlahla ezingaphezu kuka-225.
lPhakathi kwezilwane ezikhona singabala ojakalasi, izimpisi, izingwe, izindlovu ezimbalwa, izinkawu, izingwenya, izibankwa ezinhlobonhlobo nezinyoka.
Abantu
ICôte d’Ivoire inabantu abangu-17 million. Iningi labo lizihlalela endaweni enesihlabathi ogwini.
Izizwe ezinkulu ama-Akan namaGur kanti zingu-60 izilimi ezikhulunywa kuleli lizwe.
Abantu baseCôte d’Ivoire abafundile nabamabhizinisi bakhuthazwa wusiko lwamaFulentshi lokuthanda iwayini, izinto zekhishi nefeshini.
Idolobha i-Abidjan lithathwa njengelinye lamahle endaweni ye-sub-Sahara.
Usiko lwendabuko lwaleli lizwe yilo olugqamile kanti lugqamise kakhulu umsebenzi wezobuciko, ikakhulu ama-mask aqoshwe ngokhuni enyakatho neSenoufo. Ulimi lwesiFulentshi yilo olusetshenziswa kakhulu ezincwadini ezibhaliwe zaseCôte d’Ivoire, uma uluqhathanisa nezilimi zama-Africa.
Ukunyamalala kwamahlathi
Izwe laseCôte d’Ivoire lake laba namahlathi amakhulu eWest Africa, kodwa ngokugawulwa kwezihlahla nemililo, konke lokho kwenza ukuba leli lizwe libe nendawo enamahlathi engaba amaphesenti angu-17 kuphela.
Iminyaka eminingi, izingodo zazisuka kuleli lizwe ziyiswa kwamanye amazwe - singabala eze-mahogany, iroko, sipo, obeche, ne-makore. Ngo-1996 uhulumeni wakuvala ukuhanjiswa kwezingodo kwamanye amazwe, kodwa ukuhweba ngezingodo okungekho emthethweni kwaqhubeka.[z]
BONA ZULU – December 2005
ICôte d’Ivoire ingelinye lamazwe ahamba phambili ekukhiqizeni ukhokho nekhofi.
ICôte d’Ivoire yizwe logu lwesichotho
Esinye sezitaladi eYamoussoukro, nokuyilapho kukhona isonto i-Our Lady Of Peace esilibona ngemuva.
Amantombazane amancane asezipende ubuso ezilungiselela ukugida emcimbini wesintu.
Umlando
Asebengamadlozi ezizukulwane eziningi ezikhona kuleli lizwe kukholakala ukuthi baqala ukufika kule ndawo nge-18th ne-19th Century iningi labo lisuka enyakatho mpumalanga nasempumalanga.
Izifiki zakwelase-Europe azizange ziqale zingene maphakathi nezwe kwaze kwaba yiminyaka yo-1830. Ngaleso sikhathi amaFulentshi asayina izivumelwano zokubambisana namakhosi nangenhloso yokwandisa amandla akwelaseFrance entshonalanga ye-Africa.
Ngo-1919 leli lizwe lahlanganiswa nendawo entsha eyaziwa ngokuthi yi-Upper Volta, nokuyindawo eyaqedwa ngo-1932, yaphinde yavuselelwa ngo-1948.
Ngo-1944 uFélix Houphouët-Boigny, owayeyinkosi, engumlimi futhi engudokotela wasungula inyunyana yabalimi bakwelase-Africa. Kule nhlangano kwaqhamuka iqembu lokuqala lezombusazwe elikhulu i-African Democratic Rally.
Leli qembu laphikiswa ngabaphathi baseFrance nokwadala ukuqubuka kodlame ngo-1949.
Ngo-1950 uHouphouët-Boigny washintsha indlela yenqubo yakhe waqala wabambisana namaFrench. NgoDecember mhlaka 4, 1958, iCôte d’Ivoire yaba ngaphansi kwamaFulentshi. Emva kokhetho lukazwelonke ngo-1959, uHouphouët-Boigny waba ngundunankulu wase eqokwa waba ngumongameli ngoNovember 1960 kulandela inkululeko ngomhlaka 7 August ngawo lowo nyaka. Waba ngumongameli waze waficwa wukufa ngoDecember 1993. Esikhundleni sakhe kwangena uHenri Konan Bédié, owaba nguPresident of the National Assembly.
Ukuketulwa kombuso okwaba ngoDecember 24, 1999, kwadalwa wukukhula kwengcindezi yezombusazwe nenkohlakalo nokwaholela ekutheni abe-European Union (EU) nabe-International Monetary Fund (IMF) bahoxise usizo olwalunikwa izwe laseCôte d’Ivoire ekuqaleni kwalowo nyaka.
UJenene Robert Guëi, wazibeka njengenhloko yeNational Committee Of Public Salvation wazibophezela ekubuyeleni embusweni wentando yeningi. Emva kokwethembisa ukubeka izintambo phansi, kulandela ukhetho olwalungo-October 2000, kwasuka izimpi ngenxa yokucasuka kwabantu.
BONA ZULU – December 2005
Iphrojekthi kaBONA
