ZULU.339.sisarah
BONA ZULU - December 2005
Buza kuSis'Sarah
Akasondli
Ngingumama oneminyaka engu-45 oshade nowesilisa oneminyaka engu-50, sinezingane eziyisithupha.
Umyeni wami ukhulelise abantu ababili abashadile kangangoba omunye wabo useze wadivosa.
Inkinga wukuthi umyeni wami akasondli. Angazi ngempela ukuthi iholo lakhe ulisebenzisa kanjani. Yini okufanele ngiyenze"
KJN, Port Elizabeth
lKuzwakala sengathi umyeni wakho unezinye izingane azondlayo, mhlawumbe kulapho enye imali yakhe iya khona...
Kuyacaca anibonisani ngezithinta imali nokuyinto okufanele niyenze.
Ngicabanga ukuthi kuyilungelo lakho ukuba wazi ukuthi imali yakhe uyenzani, ngoba wena ukhathazekile ngezingane zenu eziyisithupha.
Mhlawumbe kungangcono ubonisane naye ngesimo sezimali noma uzame ukuthola umuntu omdala womndeni ukuba akhulume naye.
Kuzothi lapho usuthole wonke amaqiniso, bese nobabili nihlala phansi nibonisana ngezimali nangekusasa lezingane.
Asishadile kanjani"
Ngineminyaka engu-37 kanti ngishade nowafelwa yinkosikazi ngo-2004. Satshelwa ukuthi sizosithola isitifiketi sethu somshado emva kwezinyanga ezintathu njengoba kwakusadingeka ukuba barejiste umshado wethu bese futhi bakhulula umyeni wami emshadweni wakhe nalowo ayeshade naye ongasekho.
Emva kwalokho senza konke njengabantu abashadile. Ngisho nasemishwalensini yethu, sibhaliswe njengabantu abashadile.
Emva kwezinyanga ezintathu ngesikhathi sengiyofaka isicelo se-ID entsha sengiyolanda nesitifiketi sethu somshado, izikhulu zafike zangitshela ukuthi angishadile.
Okuhlekisayo ngalokhu, wukuthi sashadela kuwo lawa mahhovisi. Yini okufanele ngiyenze"
NPM, Mount Frere
lUma zingekho izincwadi ezikhomba ukuthi nishadile emahhovisi omnyango wezasekhaya, kusho ukuthi anishadile.
Kungakuhle uthole ummeli ozobabhalela incwadi abaphoqe ukuba bayixazulule inkinga yenu.
Le nkinga ijwayelekile emahhovisi abezomnyango wezasekhaya. Thola iseluleko sezomthetho ukugwema izinkinga ozohlangabezana nazo ngesikhathi uzama ukuzilungisela le nkinga.
Ukuziphatha okunga-mukelekile
Ngingumama wezingane ezintathu oneminyaka engu-36. Sekuphele iminyaka engu-16 ngishadile. Kulo nyaka ngamshiya umyeni wami ngoba wayengihlukumeza.
Njengamanje ngihlala ekhaya labazali bami kanti izingane zona zihlala nobaba wazo.
Inkinga yami wukuthi umyeni wami akangivumeli ukuba ngikhulume nezingane zami. Ngenzenjani"
JEK, Carolina
lUdinga isiyalo sabomthetho. Umyeni wakho akufanele akwenqabele ukuba ukhulume noma ubone izingane zakho, kanti futhi njengoba wayekuhlukumeza, akulula ukuba athole ilungelo lokuhlala nezingane.
AboPhiko loFezela iScorpion Legal Protection Services kufanele bakunike iseluleko. Bheka isikhangiso sabo kulolu shicilelo.
Ufuna sibuyelane
Ngineminyaka engu-20 nginengane eneminyaka emihlanu. Ngehlukana nesoka lami (ubaba womntwana) ngo-2002. Wedlulela phambili waba nomntwana nomunye wesimame bagcina behlukene.
Njengamanje ufuna ukuba sibuyelane, kodwa angimthembi. Ngenzenjani"
SMM, Edenvale
lUma ungamethembi yisiphi isidingo sokuze ukhulume ngayo lento" Aninalo ikusasa ndawonye. Uma ungamethembi manje, angisiboni isidingo sokuba niphinde nisondelane ngoba uyohlale ungamethembi.
Awuphoqekile nakancane ukuba ubuyele kuyena. Walithola ithuba lakhe wadlala ngalo.
Ubudlelwane eseninabo manje ngobengane okufanele ayondle noma kanjani.
Anginayo imizwa yezocansi
Ngineminyaka engu-42 kanti sengithandane nesoka lami iminyaka elishumi. Inkinga yami wukuthi kuthi lapho siya ocansini ngingabi nothando lwalokho. Angazi lokhu kudalwa yini.
Engikwaziyo wukuthi lokhu kwaqala emva kokuthola ukuthi isoka lami linenye intombi.
Angazi ukuthi ngenzenjani ngoba lo mlisa uyangilobola.
Uma ngimbuza ngekusasa lethu, uvele angitshele ukuthi uyindoda akufanele ngilawule impilo yakhe.
Ngiyabonga ngoba anginayo ingane naye!
ATM, Inanda
lKubukeka sengathi awusamthandi lo mlisa ngendlela owawumthanda ngayo kuqala.
Izimpawu ziyabonakala. Ukuthi awusenamizwa yakhe emva kokuthola ukuthi unenye intombi, wuphawu lokuthi usumdikibalile ngenxa yento ayenza.
Akuselula ukuba nawe uluthokozele ucansi naye nokudalwa wukungazinikeli kwakho ngokuphelele.
Njengoba engazimisele ukuphendula umbuzo wakho ngekusasa lenu kuchaza ngokusobala ukuthi uyangabaza ukuzinikela kuwena... kanti futhi ufuna ukulawula impilo yakho.
Ngaphezu kwalokho, unenye intombi.
Ngabe uyakuthanda ngempela" Noma ukhokha ilobolo ngoba senihlale ndawonye isikhathi eside"
Kufanele ujabule ngoba awunayo ingane yakhe kanti akukho okuzonenza nixhumane.
Ngibona sekuseduze ukuba nehlukane. Cabanga ngekusasa lakho.
Anginacala!
Nginenkinga ngentombi engangithandana nayo. Ngisejele ngenxa yayo. Yathi ngayidlwengula, nokuyinto engesilo iqiniso. Ngiphatheke kabi ngoba ngiyayithanda. Yini okumele ngiyenze"
SBS, Mondeor
lOkwamanje akukho ongakwenza ngaphandle kokuzama uthole ummeli ozomchazela ukuthi awuzange uyidlwengule.
Kodwa khumbula ukuthi ukudlwengula akusho ukuba uze ube nendluzula. Uma ethe 'Cha' wena waphoqelela, lokho kungukudlwengula.
Nakuba usayithanda intombi yakho, ngibona sekuyisikhathi sokuba ukwamukele ukuthi uthando lwenu alusekho. Lwaphela mhla ithi uyidlwengulile.
Ubani okufanele athole ilobolo"
Ngingumama wezingane ezimbili owayeshadile. Sadivosa izingane zethu zisezincane kwadingeka ukuba ngisale ngizikhulise.
Ngazikhulisa kanti endala isineminyaka engu-17 futhi isizoshada. Ubani okufanele athole imali yelobolo"
AD, Soweto
lUma ubungumzali obe nesandla ekukhuliseni indodakazi yakho ngaphandle kosizo lwezimali oluvela kubaba womntwana, lokho kusho ukuthi imali yelobolo kufanele inikwe wena.
Uma kodwa kunguwe owawunakekela umntwana nobaba wakhe ekhipha imali yesondlo, imali yelobolo kufanele niyehlukanise ngokulinganayo.
Ilobolo isivumelwano phakathi kwabazali bakamakoti nomkhwenyana. Uma umzali oyedwa engasekho, kusho ukuthi akaseyona ingxenye yesivumelwano.[z]
Khumbula: U-Sis Sarah akaqeqeshelwe ukuxazulula izinkinga ezithinta ezempilo. Sicela ubuze kudokotela wakho noma emtholampilo.
BONA ZULU - December 2005
Unezinkinga ngezocansi, uthando noma yini empilweni" Bhalela mina uSis Sarah ukuze ngikunike iseluleko. Ngeke ngikwazi ukubhalelana nawe ngqo kodwa impendulo uzoyithola kule ngosi.
Kuyekube ngcono uma inkinga uyikhuluma kwabanye.
Ikheli lithi:
Ask Sis Sarah,
Box 32083,
Mobeni, 4060
