zulu.316.around
NGENHLA: Injabulo ibhalwe ebusweni koBuyi, Ntebu, Taki noZodwa.
BONA ZULU – January 2007
Halala BONA!
izithombe nguCLIVE THOMPSON
UMCIMBI kaBONA wokugubha iminyaka engu-50 leli phephabhuku lasungulwa wagujwa ngelantshi ephambili ehhotela iHilton eThekwini nokwaba yindlela eyisipesheli yokubonga bonke abasebenzi baleli bhuku ngokuqiniseka kwabo zinyanga zonke ukuthi lifika ngesikhathi kubafundi balo.
Isimenywa esiqavile kwakuyisihlabani esinguHenry Cele esakhumbuza bonke ababehambele lo mcimbi ukuthi uBONA wawulokhu unaye ngezikhathi zobunzima kusukela ekuqaleni komsebenzi wakhe, kanti konke lokho sakwehlisa ngolozolo lomculo weqembu le-jazz iThuli Zama And Friends. Kwakukhona futhi nezipho zawo wonke umuntu!
Zaziduma eThe Rock!
NGENHLA: UThebe enandisa eThe Rock.
OyiPhini loMhleli uPatricia McCracken amukelisa owayenguMhleli wezabesimame uPrimrose Williams umklomelo wakhe owawuyisipho sabakwaSA Sugar Association.
Amanoni omculo we-jazz ayeqhululwa yiThuli Zama And Friends ayehambisana kahle kakhulu nalo mcimbi.
KWESOBUNXELE: UMandoza ethokozisa abantu.
UMandoza nezinye izi‘nkalakatha’ zomculo ezifana noPitch Black Afro, Mdu Masilela noThebe babeyingxenye yokugubha iminyaka eyisishiyagalombili kwavulwa iThe Rock eRockville, eSoweto. Izithombe nguMOLEFIE SEBATIE…
NGENHLA: UNeo Mashabane noHoratia Simelane.
UMhleli uForce Khashane noDenise Stamm oyi-publisher kwaCaxton Magazines bahalalisa kufanele njengoba uBONA wawina iSAPPI/PICA Best Consumer Magazine emkhakheni wezoLwazi ngobusuku obandulela umgubho weminyaka engu-50.
UHenry Cele (ngemumva kwesokudla) wasilandisa ngokusizwa kwakhe uBONA ezikhathini ezinzima. Lapha unabasebenzi bephephabhuku lethu - uForce Khashane, Phindile Mkhize, Johannes Letsohla noManqoba Dlamini
UPitch Black Afro enza adume ngako.
Ezalapha Nalaphaya
Indlela yamaSwazi yokupheka!
KUNINGI okukhona eSwazini ngaphezu kwezintombi ezizishayela ngamabele zilibangise emkhosini womhlanga. Umthwebuli wethu wezithombe uMUSA HLABANE, wavakashela kuleli lizwe wabonana nosaziwayo abafana noSello Maake ka Ncube noNgqongqoshe uThemba Dlamini waphinde wafunda lukhulu komakhelwane bethu ngisho nangendlela yamaSwazi yokupheka.
NGENHLA: Owayengumdlali kwiGenerations uSello Maake ka Ncube osekwezokuVakasha eSwazini ekanye noThandi Shongwe onguNgqongqoshe wezokuVakasha nezeMvelo kwelaseSwazini.
NGENHLA: ULerato Makome ephahlwe nguVuyani Makasi noDumisani Nhlapo.
Ziyaduma eSoweto
ABATHANDI bobumnandi bazithokozisa badela ebhishi lokwakhiwa ePower Park e-Orlando East. Izithombe nguMOLEFI SEBATIE…
KWESOKUDLA: UJabulile Masuku epheka ngendlela yamaSwazi eMantenga Cultural Village.
BONA ZULU – January 2007
NGENHLA: Izitatanyiswa zakwelaseSwazini uMichael Mabaso, Bongani Dlamini, Mpumi Mdlalose noNokwanda Dlamini.
KWESOBU-NXELE: UKeketso Moletsane noHlengiwe Sithole.
