zulu.315.garden
kahle!
Tshala
Hlela ingadi yakho kahle uyinakekele - ngaleyo ndlela uzovuna ukudla konyaka wonke
EMVA kokuba usulungise imibhede yokutshala imbewu - watshala ngenyanga edlule, izithombo zakho sezimilile manje. Chela ukuze uthole isivuno esihle. Ehlobo chela ntambama, ebusika uchele ekuseni.
Chela ngamanzi emvula ozowafaka emiphongolweni noma emabhakedeni. Ungamba imisele yamanzi ezodonsela amanzi emvula engadini.
Uma izithombo sezikhule kahle (cishe emasontweni angu-6), zinike indawo eyanele yokukhula ngokuzihlukanisa zigqagqane ngo-20cm.
Lelo banga ungalithola kalula ngokuphakamisa isandla sakho, ugqagqanise iminwe bese ugobisa emithathu ephakathi nendawo - ibanga eliphakathi kwesithupha nocikicane wakho lingu-20cm.
Beka isithupha sakho eduze kwesithombo sokuqala, vula isandla sakho njengoba kuchaziwe utshale isithombo esilandelayo eduzane kukacikicane wakho.
Tshala ozokudla
Hlela kusenesikhathi uma ufuna ukuba nokudla ozokuvuna unyaka wonke. Ziningi izitshalo ongazitshala noma yingasiphi isikhathi eSA kanti ezinye zikhetha izikhathi ezithile zonyaka. Khetha ozokutshala ubheke ohlwini lwezitshalo esinazo ukuthi kutshalwa nini.
Bheka ukuthi okutshalayo ukutshalaphi ngoba ezinye izitshalo ziyakwazi ukukhula zilekelelane uma zitshalwe ndawonye ngokochwepheshe bakwaFood And Trees For Africa.
Ezinye izinambuzane zithanda umbala ophuzi ukwenza isibonelo. Ngakhoke uma utshala into enezimbali ezinombala ophuzi eceleni kwengadi yakho, izoheha izinambuzane.
Isitshalo siyakwazi ukuvikela esinye ngekhemikhali ebulala izinambuzane ezihlasela izimpande zesitshalo esitshalwe eduzane kwaso, yingakho nje kukuhle ukutshala ama-marigolds notamatisi nesipinashi.
Izitshalo ezinjengemifino zivikela ezinye ngephunga lazo elixosha imiswenya nezinambuzane.
Ezinye zikhoselisa zixhase ezinye - izinhlanga zommbila zingakwazi ukuxhasa ubhontshisi omila uthandeleke entweni ethile kanti i-mustard ivikela u-lettuce elangeni.
Ezinye izitshalo zingenza ukuba ukhula lungaqedi indawo, ukukhanya nokudla engadini - ithanga lenza ukuba ukhula lungamili eduze kwezihlahla zezithelo nasemmbileni.
Esinye isitshalo siyakwazi ukondla esinye - izitshalo ezinjengobhontshisi ne-clover vetch zinika izitshalo ezitshalwe nazo i-nitrogen kanti izitshalo ezinezimpande ezishona phansi njenge-lucerne kanye nesihlahla se-Acacia zikhipha imisoco esenhlabathini ziyiphakele izitshalo ezingaphandle enhlabathini.
Yazi ukudla kwakho
Izitshalo ezinjenge-asparagus, corn, brinjal, leeks, lettuce, radishes, soybeans, spinach, squash ne-turnips zizwana nanoma yini kanti ungazitshala eduze kwama-veg amaningi.
Ubhontshisi: Awumili kahle uma uwutshale no-anyanisi, ugaligi ne-gladiolus. Ubhontshisi omila ubheke phezulu awuzwani no-beetroot.
Iklabishi: Alizwani nezitshalo ezine-acid njengotamatisi nama-strawberries, lizwana nezinephunga njenge-dill, chamomile, sage, peppermint, rosemary ne-celery, kanye no-anyanisi namazambane.
U-anyanisi/ugaligi: Uzwana no-beetroot, strawberries, lettuce notamatisi.
Amazambane: Awazwani nethanga, sunflower, utamatisi nama-raspberries. Azwana nobhontshisi ne-corn.
U-cucumber: Awuzwani nemifino namazambane, uzwana nobhontshisi, corn, peas, radish noma i-sunflower.
Ukherothi: I-dill ikahle ekunongeni amasaladi anokherothi kodwa ayifuni ukutshalwa nokherothi. Tshala ukherothi no-peas, lettuce, chives, u-anyanisi, leeks, utamatisi, rosemary
ne-sage.[z]
Indaba: Thandi Zulu
Esinye isitshalo
siyakwazi ukondla esinye
ISIKHATHI SOKU-TSHALA
Lolu lwazi luphuma eWest Park Permaculture Development Centre
10 IZITSHALO ONGAZITSHALA ENGADINI YAKHO
AMANDLA OKUTSHALA
Upelepele:
Uxosha izinambuzane welaphe izifo.
I-clover:
Inothisa noma imboze inhlabathi.
I-comfrey:
Ingumquba, iyikhambi kanti ilungisa inhlabathi.
Ama-legumes:
Ayadliwa, angumquba alungisa inhlabathi.
I-lucerne:
Ingumanyolo o-green, ingumquba, idliwa yizilwane nabantu.
I-marigold:
Ixosha izinambuzane iyadaya.
I-nasturtium:
Ixosha izinambuzane.
U-nyanisi:
Uxosha izinambuzane uyadliwa.
Ubhatata:
Uhlakaza inhlabathi, uyimboze kanti uyadliwa.
I-vetiver grass:
Inqanda ukuguguleka kwenhlabathi, iyikhambi, iyalukwa kanti ingumquba.
Abakwa-Woolworths Trust EduPlant bebambisene neDWAF, LandCare neSABC Education basungule uhlelo lukazwelonke lokutshalwa kokudla ezikoleni. Ukuze wazi kabanzi ngalolu hlelo noma ngokungenziwa wumphakathi ukuze utshale ukudla shayela abeFood And Trees For Africa kule nombolo: 011-803-9750; e-mail: info@trees.org.za
