zulu.314.lettersep (2)
Ukukhulelwa kwabantu abasha
Umthetho awusebenze
Ngikhathazwa yindlela umthetho osebenza ngayo ezweni lethu - ikakhulu uma kuziwa ngasekudlwenguleni nasemacaleni enkohlakalo.
Lawa amacala ajwayelekile enzeka nsuku zonke kuhlukumezeke abantu abangenacala.
Siyacela ukuba umthetho usiphathe ngokulinganayo. Sifuna ukubona abonile beboshwa ngisho ngabe banemali noma badumile.
Khobe Mametja, Segopje
ewine
SENGIKE ngezwa abantu bethi amantombazane amancane akhulelwa ngamabomu ngoba efuna ukuthola imali yesondlo kahulumeni. Ayikho leyo nto.
Ubani ongavuma ukukhulelwa ngoba efuna ukuhola R190 ngenyanga"
Amantombazane amancane akhulelwa ngoba engafundisekile ngalezi zinto. Yisikhathi sokuba abazali nothisha baqale ukufundisa intsha yethu ngezocansi.
Nanku umyalezo wami emantombazaneni: Ayikho into enhle ngokuba womama nineminyaka engu-15. Tholani imfundo kuqala.
Thandeka Ndlovu, Carolina
R100
Izincwadi
Amasiko
SIYABONGA ngokusibhalela uBONA ngesiXhosa ukuze kusizakale nalabo bantu abangasazi isiLungu. Ngingajabula ukubona nenza uchunge lwamasiko akwaXhosa ehlukene.
Nompumelelo Lukashe, Joburg
lNicabangani" Ngabe niyathanda ukufunda izindaba ezichaza ngamasiko ehlukene" Ngeke sigxile nje kuphela kwawakwaXhosa, siyogxila nakwamanye ezinye izinhlanga zezwe lethu.
Sibhaleleni sizwe uvo lwenu!
BONA ZULU - September 2006
KUBALULEKILE!
Imincintiswano yamaSMS
Ngingumfundi ongaphuthelwa yiphephabhuku lethu. Ngenxa yokuthi angisebenzi, angikwazi ukungenela imincintiswano edinga ukuphendulwa ngamaSMS.
Cishe lokhu kwenzeka emincintiswaneni kaBONA engamaphesenti angu-90.
Ngabe lokhu kuyiqiniso kubafundi abafana nami okungelula ukumelana nezindleko zamaSMS" Kungani imingenelo yeposi ingavunyelwe" Ngiyazi kufanele sihambisane nokushintsha kwesikhathi, kodwa lokhu kudla imali yabahluphekayo.
John Tsima, Lynnville
IMPENDULO YOMHLELI:
Emincintiswaneni yethu, akekho umfundi kaBONA ohlawuliswayo.
Kuyo yonke imincintiswano ebambisene nephephabhuku lethu, niyohlale nilithola ithuba lokuba niphendule ngeSMS noma uma nithanda niphendule ngeposi.
Yonke imingenelo ibe isihlanga-niswa ndawonye bese kukhethwa abawinile. Ukuthi wena ukhetha ukuwungenela kanjani umncintiswano ngeke kukhubaze amathuba akho okuwina!
Zwakalisa uvo lwakho:
bhalela kuleli kheli: Letters to the Editor,
Box 32083, Mobeni,
4060, South Africa
i-fax: 031-912-2720
i-e-mail: bona@dbn.caxton.co.za
u
t
NGABE UCABANGANI"
Ukuphathwa kabi kwabahlala emaphandleni
NGIYE ngizwe nginokuphoxeka uma ngibona indlela abantu basemaphandleni abaphathwa ngayo.
Laba bantu nabo bakhokha intela kodwa alukho usizo lukahulumeni abalutholayo njengabanye abantu.
Ngisho nanamuhla, emva kweminyaka eminingi yenkululeko, basaqhubeka ukuphuza amanzi nezinkomo. Abanye abanawo ngisho nogesi nemigwaqo esesimweni esifanele.
Kodwa uma sekuyisikhathi sokuvota, bayacelwa ukuba bavote ukuze izimpilo zabo zibe ngcono.
Kuthi lapho ukhetho seludlulile, wonke umuntu akhohlwe yibo.
Sekuyisikhathi sokuba abantu balethelwe izidingo zomphakathi.
MS, Whittlesea
lUcabangani" Ngabe izinto zisefana nakuqala emaphandleni" Ngabe abahlala kude nedolobha uhulumeni akabenzeli lutho"
Ngabe kukhona okwenziwayo noma cha"
Sibhalele usazise ukuthi ucabangani.
BONA ZULU - September 2006
Izincwadi
Hlukanani neziboshwa
Ngikhathele wukufunda izincwadi zabakhala ngeziboshwa ezibhalela ingosi kaThola Umngani kuBONA. Hlukanani neziboshwa - wonke umfundi unelungelo lokubhala noma lokucela ukwakha ubuhlobo.
Uma oyisiboshwa efuna umuntu azobhalelana naye, yini embi lapho" Akusho ukuthi umuntu osuke esejele ngumuntu oyisoni.
Mhlawumbe uzomangala uma uzwa ukuthi angisona isiboshwa futhi angikaze ngiboshwe.
GH, George
Okunye ngeziboshwa...
Uma siza ngasodabeni "lwababoshiwe abafuna ukuthola abangani", ngicabanga ukuthi ukwethembeka kukubona ababoshiwe. Ngabe bafuna uthando noma bafuna nje abantu abazokwazi ukuxhumana nabo"
Angikholwa ukuthi ungakwazi ukuthanda umuntu ongalitholi ithuba lokumbona.
Ngisho ungakhuluma nalowo muntu izikhathi eziningi ocingweni, kodwa akufani nokuba nibonane ngqo.
Abantu abanabangani ababhalelana nabo ejele, kufanele babasize babakhuthaze ekutheni bashintshe izindlela zabo lapho bephuma ejele.
Luvo Makopo, Ugie
Yini ezokwenzeka"
Asazi kuyokwenzekani ngo-2010" Ngikhathazekile ngokuthi uma izinto ziqhubeka ngale ndlela, kuyothi kufika leso sikhathi intsha yezwe lethu ingasekho njengoba ibhuqwa yi-AIDS ngalolu hlobo.
Okunye okungikhathazayo wukuthi ngicabanga ukuthi siyophoxeka ngeWorld Cup ka-2010.
MM, Pietersburg
Badlala ngamathalente"
Uthi lapho ungena ezindlini zangasese zomphakathi uthole kubhalwe yonke into ezindongeni. Okunye kwalokho okusuke kubhaliwe kukhombisa elikhulu ikhono.
Kanjalo neminye yemidwebo nayo ikhombisa ikhono - ikakhulu leyo esezindongeni emadolobheni.
Make sithole izindlela zokusiza laba bantu ababhalayo nabadwebayo ukuba ikhono labo balisebenzise ngokuyikho.
Mphikeleli Mahlangu, Lotus Gardens [z]
Ungasebenzisa
igama obhala ngalo kodwa usinike futhi elakho langempela nekheli. Lapha sikhipha imibono yabafundi kodwa sinelungelo lokulungisa sihlele lokho esizokushicilela kulawa makhasi.
