zulu.3023.legal
BONA ZULU October 2008
NGINEMINYAKA engu-32 kanti ngisebenza njenge-typist. Mine iminyaka ngenza lo msebenzi kanti bengingenankinga sonke lesi sikhathi. Inkinga iqale sesisebenza nendodana yomqashi wami ... ingihlukumeza ngokocansi.
Ithanda ukuvela ngemuva kwami uma ngihleli edeskini inginike incwadi ithi angiyithayiphele yona. Uma inginika leyo ncwadi ibeka isandla sayo esifubeni sami. Ngivame ukuyitshela ukuthi angizwani nalokho ekwenzayo kodwa ayizwa.
Asinaye undabazabantu. Umuntu engingakhala kuyena umqashi wami kuphela kanti ngesaba ukuthi uzongixosha uma ngimtshela!
Ngiyawuthanda umsebenzi wami angifuni ukuwuyeka. Yini engingayenza esimweni esinje?
Sibongile K, Joburg
ISELULEKO SOFEZELA:
Izigameko zokuhlukunyezwa ngokocansi zandile ezimbonini nasemahhovisi ezweni kodwa okuhle wukuthi umthetho uyakusiza ngisho noma inkampani ingenaye undabazabantu.
Empeleni uma kukhulunywa ngalolu daba, umthetho uqine kangangokuba icala lithweswa umqashi ngisho noma kungukuthi ubengazi ukuthi kukhona ohlukunyezwa ngokocansi enkampanini.
NgokweLabour Relations Act, uma umqashi engawunqandi lo mkhuba, noma olunye uhlobo lokucwaswa emsebenzini, futhi kunobufakazi bokuthi umqashwa uphule umthetho, umqashi naye uzothathwa njengomuntu ophule umthetho.
I-Labour Relations Act ibuye ithi uma umqashwa exoshelwe ukungayenzi intando yomhlukumezi, usuke exoshwe ngokungafanele kanti ukuxoshwa kwakhe kuthathwa njengokuncike ekucwasweni ngokobulili!
Kusobala ukuthi unegunya lokumtshela umqashi futhi uzovikelwa uma uxoshwa.
Njengoba kungekho muntu ongakusiza emsebenzini, xhumana nomeluleki wabasebenzi noma nommeli wabasebenzi.
Uma umqashi wakho ethola incwadi ebeka kahle ngalolu daba, inkinga yakho izoxazululeka ngaphandle kwezingqinamba. Ngineqiniso lokuthi umqashi wakho angahlazeka uma yena nendodana yakhe bethinteka ecaleni lokuhlukumeza ngokocansi.
Kunokuthi uxoshwe, kungenziwa izinhlelo zokukuqhelelanisa nendodana yomqashi.
Kufanele sikucacise ukuthi uma ohlukunyezwayo enza okukhuthaza umhlukumezi, isikhalo sakhe asizwakali kahle.
Qaphela amaphathi enziwa ehhovisi lapho utshwala butholakala khona kalula. Okubonakala kuyinkinga uma ungaphuzile kuba wubala uma usuphuzile.
Kodwa ngokodaba lwakho kuzwakala sengathi awuhambisani nhlobo nokwenzekayo kanti uma unenkinga yokuthola ummeli, shayela ihhovisi labeScorpion ucingo uthole usizo. [z]
Nethulelwe nguBONA neScorpion Legal Protection.
Ukuhlukunyezwa
Senze yonke imizamo ukuqiniseka ukuthi isiyalo enisitholayo siyiso. Kodwa konke okuthinta lolo hlobo lwecala kudinga ukucubungulisiswa, ngakhoke aboPhiko loFezela iScorpion Legal Protection (Pty) Ltd, abethimba elimele ukucubungula amacala nabakwaBONA nabashicileli bephephabhuku labo, ngeke babekwe icala ngokulahlekelwa kwaloyo oyosebenzisa lesi siyalo ngenye indlela.
Sibhalele ikheli lithi: BONA Legal Advice, Box 32083, Mobeni, 4060 - ukuze uthole ukubonana nabammeli bethu mahhala imizuzu engu-30 kwelinye lamahhovisi abo ezweni lonkana noma nixoxisane ngocingo.
UTHINI UMTHETHO
ESITHOMBENI KULINGISIWE
QAPHELANI BAQASHI!
Ngokomthetho, lelo nalelo cala lokuhlukunyezwa ngokocansi noma lokucwaswa kumele licutshungulwe ngokwahlukana. Abenze la macala kufanele bagwetshwe ngokungafani.
Kufanele leyo naleyo nkampani ibe nomgomo oqondene nokuhlukunyezwa ngokocansi ezowethula kubaqashwa.
Kungumqondo omuhle ukuthi esivumelwaneni sokuqashwa kubhalwe ukuthi ukuhlukumeza ngokocansi kuphakathi kwamacala angeke abekezelelwe nokuthi owenze lelo cala uzothola isigwebo esinzima.
Uma umqashwa esesayine isivumelwano sokuqashwa ngeke aphike ukuthi wayenolwazi lokuthi kungumgomo wenkampani ukunika abenze leli cala izigwebo ezinzima.
Phezu kwalokhu, umqashi kufanele ahlale ekhumbuza abaqashwa ukuthi amacala okuhlukumeza ngokocansi nawanoma yiluphi uhlobo lokucwasa anamthelela muni.
Sithemba ukuthi lokhu kuzoqinisekisa ukuthi abaqashwa ababi novalo lokubika ngamacala alolu hlobo bazi nokuthi umqashi uzobasiza uma bebika ngawo.
BONA ZULU August 2008
