zulu.3009.circum
Ukusokwa kungehlisa amathuba okuphathwa yi-HIV
Sekube negxathu eliya phambili empini yokulwa ne-AIDS
BONA ZULU – February 2007
Imiphumela yalolu cwaningo ithathwa njengegxathu eliya phambili emlandweni wesifo se-AIDS.
Yizindaba
ezinhle kusukela kwezwakala okokuqala ngqa ngamandla ezidakamizwa eziyimishanguzo yalesi sifo (arv’s) – kodwa isexwayiso wukuthi, labo abenza ucansi olungaphephile basengcupheni yokungenwa
yilesi sifo…
indaba nguPAT LIGARIS
izithombe ngu-PERS-ANDERS PETTERSSON/IAFRIKA PHOTOS
ABESILISA abasokayo banganciphisa amathuba okuba bangenwe yigciwane leHIV. Lokhu kungumphumela wocwaningo olwenziwa eKenya nase-Uganda nokuvumelana nento eyayisolwa odokotela nabemikhankaso yokulwa nalesi sifo eminyakeni eminingana edlule.
UKevin de Cock oyisikhulu somnyango weHIV-AIDS ngaphansi kwabeWorld Health Organisation, uthi imiphumela yalolu cwaningo ikhomba ukuthi isibalo sabangenwa yileli gciwane singehla kakhulu ngokubabazekayo eminyakeni ezayo.
Njengoba ikhambi lalesi sifo kubukeka lisekude ukutholakala, le miphumela emayelana nokusoka iyizindaba ezinhle impela ngasekwelashweni kwalolu bhubhane lwe-AIDS.
Kodwa iseminingi imibuzo engakaphenduleki ekubeni kuningi okufanele kwenziwe.
Okubalulekile kakhulu wukuthi kufanele sicabange ukuthi le miphumela ayisho ukuthi abesilisa abasokile sebengaya ocansini ngaphandle kwekhondomu!
Ngokusho kuka-Anthony Fauci, wabeNational Institute Of Allergies And Infectious Diseases, uthi abantu kufanele baqhubeke bazivikele uma beya ocansini ngokuba basebenzise ikhondomu.
IMIPHUMELA ikhomba ukwehla kwamaphesenti angu-48 kwesibalo sabesilisa abanegciwane le-HIV e-Uganda nokwehla kwesibalo samaphesenti angu-53 eKenya.
Ososayensi bathi kunezizathu zemvelo ezimbalwa ezenza igciwane le-HIV lingabhebhetheki.
Indawo eyijwabu inezinhlobo eziningi zama-cell ikakhulu eziwubufakazi bokujwayelwa yigciwane le-HIV kanti futhi nendawo engaphansi kwejwabu ihlale imanzi.
Abantu ababeyingxenye yalolu cwaningo bacelwa ukuthi basokwe noma cha. EKenya ngesikhathi kuhlolwa kwatholakala ukuthi babengu-69 ababengenwe yileli gciwane kwabangu-2 784, abangu-22 babeseqenjini elalisokile, kanti ababengu-47 babengasokile. E-Uganda 65 abantu besilisa kwabangu-4 996 babenegciwane leHIV kanti abangu-22 kubona babeseqenjini elalisokile, abangu-43 bekwelalingasokile.
Ukusikwa kwejabu kungenzeka ukuthi kwadlala indima ebalulekile kakhulu kule miphumela.
“Lena iyona ndlela yokuqala etholakale ngokwezemvelo ukuthi iyasebenza,” kusho uDkt Francois Venter wabeReproductive Health And HIV Research Unit eHillbrow.
“Le miphumela ingebalulekile kakhulu kwezokwelashwa kweHIV kusukela ngo-1996 ngesikhathi kubikwa okokuqala ngemishanguzo yokuvika leli gciwane (arv’s),” kusho kwengeza uDkt Tinyiko Khosa weZuzimpilo Medical Centre eGoli.
NJENGOBA kusekhona imibandela ngakwezamasiko kwezinye izindawo emhlabeni - njengaseNdiya, abangamaMuslims bayasoka ekubeni abangamaHindu abasoki, ukwenza isibonelo - kodwa lokhu eSouth Africa akufanele ukuba kube yinkinga.
Usiko lokusokwa seludlale indima enkulu emasikweni amaningi ehlukene akuleli.
Kodwa manje, kufanele ukusoka kuqhutshelwe ngaphansi kwesimo esinenhlanzeko kwenziwe ngochwepheshe bezokwelapha kube nezinhlelo zokunakekelwa kosikiwe emva kwakho ukusoka uma kwenzeka kuba khona izinkinga.
Kodwa-ke ukusoka ngeke kusho lutho uma kwenzeka lowo muntu engenwa yileli gciwane ngesikhathi sokusokwa.
Abe-World Health Organisation bahlela ukuba nemitholampilo lapho kuzoqeqeshwa khona abasebenzi ngamakhono okuhlinzela ukusoka.
Ukusoka ngeke kukuvikele kwi-AIDS, kodwa kuzokwehlisa amathuba akho okuthola lesi sifo.
UMitchell Warren wabe-AIDS Vaccine Advocacy Coalition uthi umphumela walokhu uyigxathu eliya phambili emlandweni wokwelashwa kwe-AIDS.
Ucwaningo luyaqhubeka ngenhloso yokuthola ukuthi ngabe abesimame abanophathini abasokile, banamathuba nabo amancane okungenwa yileli gciwane.[z]
Mail & Guardian
BONA ZULU – February 2007
u
t
BONA ZULU – February 2007
Make sibheke
u Abantu abangu-38,6-million babephila negciwane le-HIV ngonyaka odlule kanti kubona abangu-24,5-million abesilisa, abesimame nezingane endaweni yase-sub-Saharan Africa. Kwamanye amazwe cishe bangaphezu kwezingxenye ezintathu abantu abakhungethwe yileli gciwane.
u Abantu abangu-4,1-million bathola leli gciwane ngesikhathi sonyaka - abangu-2,7-million endaweni yase-sub-Saharan Africa. Abe-UN basaqhubeka nokukhuthaza imizamo yokuba sivinjwe lesi sifo.
u Abantu abangu-2,8-million bafa bebulawa yizifo ezithintene nesifo se-Aids ngo-2005.
u Cishe abantu abangu-8,3-million e-Asia sebekhungethwe yigciwane le-HIV, kanti eNdiya bayizingxenye ezimbili kwezintathu.
KWESOBUNXELE: Uma ukusokwa kuzodlala indima ekulweni ne-AIDS, kufanele kwenziwe ngodokotela abaqeqeshiwe ngendlela ehlanzekile - kusho abasebenzi bezempilo.
