zulu.3008.strikers
EZEBHOLA
KUFUNEKA:
Ozoshaya amagoli
BONA ZULU September 2008
◄ James Chamanga.
► Collins Mbesuma.
AKUKHO nokuncane ukunga-baza ukuthi ukwentuleka kwamagoli kuPremier Soccer League, singasayibali eyeBafana, yinto esalokhu iqhubekile ebholeni lakuleli.
Njengoba isizini entsha yePSL isiqalile, abaqeqeshi bavule amehlo bazimisele ngokubona abashayi magoli.
“Lokhu impela kufana nokufuna inaliti ehlokozini,” kusho uBobby Motaung weKaizer Chiefs osekuphele izinyanga ethungatha umdlali ozofana noCollins Mbesuma owashaya amagoli angu-30 ngesizini eyodwa kwiChiefs eminyakeni emine eyedlule.
Lesi sikhondla somdlali waseZambia sasiza iChiefs yawina iligi. Kumanje leli qembu alikaze lifinyelele ezingeni lombango wesicoco kusukela ngaleso sikhathi.
Ngesizini edlule iPSL kwaze kwadingeka ukuba isuse umklomelo wayo womshayi wamagoli ohamba phambili nokungumklomelo kaR50 000 ngoba ibona ukuthi amagoli awanele.
Esikhundleni salokho umdlali waseZambia uJames Chamanga nokunguyena owahamba phambili ngokushaya amagoli angu-14 kwiMoroka Swallows, waklonyeliswa ngoR1 000 igoli lilinye.
Imithetho yePSL iyagcizelela ukuthi lo mklomelo ophelele uyonikwa kuphela umdlali oyokwazi ukushaya amagoli angu-15 noma ngaphezulu ngesizini. Lokho sekunesikhathi kungenzeki njengoba isibalo samagoli kwiPSL siya sincipha.
Sekube kabili kuphela kumasizini ayishumi adlule lapho abashayi magoli abaphambili kwiPSL bakwazi ukuthola angaphezu kwangu-20.
Uma sekuziwa ngaseqenjini lesizwe, ukungawashayi amagoli kweBafana sekuyibeke engcupheni njengoba futhi izobe ibhekene neNigeria ngale nyanga emdlalweni wokuhlungela iNdebe yoMhlaba - nakuba iBafana kungadingeki ukuba ize yenzeni njengoba izozingenela kule Ndebe kodwa ukwehlulwa kwayo kungasho ukuthi ngeke idlale ku-African Cup Of Nations eyobanjelwa e-Angola ngo-2010.
IBafana yageja amagoli amaningi emidlalweni yomibili eyayidlala neSierra Leone ngoJune eFreetown nasePitoli.
Njengoba u-2010 ususemome kubukeka sengathi abagadli ababili abaphambili kwiBafana kuzofika leso sikhathi nabo sebephelelwe yisikhathi.
UBenni McCarthy ozohlanganisa iminyaka engu-31 ngoNovember noSibusiso Zuma okumanje uneminyaka engu-33 - kodwa kuseyibo abangadlala indima ebalulekile kuleli qembu. Inkinga wukuziphatha kukaBenni kanjalo nokulimala okuhlupha uZuma.
Ngaphezu kwalokho, akekho omunye umdlali osakhombise ikhono.
Ngokushaya amagoli uMcCarthy uthi, “kufanele ube sendaweni efanele ebhokisini ngesikhathi esifanele, uzicabangele ngokwakho ukuthi omunye umdlali yini azoyenza.”
UKhabo Zondo osewake waqeqesha amakilabhu amakhulu afana noMamelodi Sundowns, Bloemfontein Celtic neLamontville Golden Arrows, uthi ukuthuthukiswa kwabagadli kukhubazwa wukwentuleka kwezinsiza kuleli.
“Indlela esibabona ngayo abadlali ayifani neze neyaphesheya,” kusho yena.
UZondo unike isibonelo ngoPetros Mahlatsi owenza izimanga ngesizini yakhe yokuqala kwiCeltic emva kwalokho wacwila.
“Uyabona ukuthi umdlali ofana naye unomfutho kodwa lokho kukodwa akukwenzi umgadli ovuthayo.
“Abaqeqeshi kufanele bazame ukukhulisa abadlali ngokomqondo, ngezindlela zokudlala nangokwamakhono abo. Abadlali bethu abangabagadli abanawo lawo makhono,” kusho kugcizelela uZondo.
UShaun Bartlett owake waphatha irekhodi lokushaya amagoli amaningi kwiBafana Bafana uthi isizukulwane sanamuhla sabadlali abangabagadli akufanele sigxekwe.
“Iqiniso wukuthi okwamanje asinabo abadlali abangabagadli abahle,” kusho yena.
Lo mdlali owayedlala phambili kwiChiefs uphinde wathi abadlali abangabagadli kufanele babe nokukhalipha uma bedlala. “Ngokwami ukuvula izikhala yinto ephambili ekuhlaseleni.”[z]
Uwina imidlalo ngokushaya amagoli nokuyiyona into ebalulekile ebholeni - kodwa kubukeka sengathi lokho akwenzeki eSouth Africa. Baphi abagadli abanohlonze? Kungani amaqembu ethu engawashayi amagoli? Indaba nguMark Gleeson izithombe uGallo
Abahamba phambili ngamagoli kusukela iPSL yasungulwa ngo-1996…
■ 2007/8: James Chamanga (Moroka Swallows), 14.
■ 2006/7: Chris Katongo (Jomo Cosmos), 15.
■ 2005/6: Mame Niang (Moroka Swallows), 14.
■ 2004/5: Collins Mbesuma (Kaizer Chiefs), 25.
■ 2003/4: Jackie Ledwaba (Zulu Royals), 14.
■ 2002/3: Lesley Manyathela (Orlando Pirates), 18.
■ 2001/2: Ishmael Maluleke (Manning Rangers), 18.
■ 2000/1: Gilbert Mushangazhike (Manning Rangers), 19.
■ 1999/2000: Denis Lota (Orlando Pirates), 18.
■ 1998/9: Daniel Mudau (Mamelodi Sundowns), 24.
■ 1997/8: George Koumantarakis (Manning Rangers), 14.
■ 1996/7: Wilfred Mugeyi (Umtata Bush Bucks), 22.
“Lokhu impela kufana nokufuna inaliti ehlokozini,” kusho uBobby Motaung weKaizer Chiefs
ABASHAYI BAMAGOLI ABAPHAMBILI KU-PSL
BONA ZULU September 2008
Shaun Bartlett.
