zulu.3005.Thandiswa
UKUFAKWA kweBongo ohlwini lwamaqembu azokhethwa kwiSouth African Music Awards ngenyanga ezayo kusemqoka njengokuqokwa kwayo kokuqala, ngokukaThandiswa Mazwai. "Umculo uyashintshashintsha. Anginaluvalo lokuzama okusha unyaka nonyaka ngenze okungangamandla ami," kusho yena.
"Sesifikile isikhathi sokuba abesimame balalelwe emculweni. Angesabi ukuhola lowo mzabalazo."
KumaSAMA ka-2006 kuqokwe abesimame abashaya into ecokeme. Kukhona uJudith Sephuma we-jazz, Lebo Mathosa we-kwaito, iNdlovukazi yowoKholo uRebecca noSibongile Khumalo abaqokelwe umklomelo weBest Female Artist.
Abaculi abasanda kujoyina kule mboni abanjengo-Unathi Nkayi, Zamajobe, Pebbles, Tshedi (Malaika) Zolani (Freshlyground), noKelly Khumalo nabo basohlwini lwabafakwe kumaSAMA.
I-albhamu kaThandiswa ethi Zabalaza isidayise amakhophi angaphezulu kuka-100 000 kanti ulungiselela uhambo oluya eMelika ngoJune. Kwamhlaba umxhwele ukubuyela eqenjini elamnika udumo ngo-1997.
"Uyanda umsebenzi wami kodwa kwathi uma abalandeli befuna i-albhamu yeBongo Maffin entsha, kwaba mnandi ukubuyela estudiyo noStoan noJah Seed," kuchaza yena.
U-Unathi onguDJ kwiYFM ongene kumaSAMA nge-albhamu yakhe yokuqala ethi My First Time, uthi le-albhamu ibophele izingoma ezithinta impilo yakhe lapho enaba khona ngothando ayithanda ngalo indodana yakhe nobaba wayo, kuye emibonweni yakhe ngokuhlukunyezwa kwabesimame nezingane.
Isidayise amakhophi angu-10 000 kanti u-Unathi uhlela ukuba nohambo lwasehlobo oluzobizwa nge "Unathi And Friends," oluzobandakanya abaculi besimame abangosaziwayo.
U-Unathi oneminyaka engu-27, wake waklomelisa abaculi kumaSAMA kanti uthi ukuba ngumama kube negalelo elikhulu ezingomeni zakhe.
Ngokusho kwakhe, kuyasiza ukusebenza esiteshini sokusakaza ngoba lokho kumnika ithuba lokuxhumana nezigidi zabalaleli besimame abashaya izingcingo belangazelele ukuzwakalisa okubahluphayo emoyeni.
Abakudingidayo kuba yisisekelo sezingoma azibhalayo.
"Kuyangithokozisa ukubonakala kwethalente lami kulo nyaka nokukhulumela abangishayela ucingo. Sinabaculi besilisa abanethalente kumaSAMA kodwa abaculi besimame banendlela yabo yokuzwakalisa imizwa yabo ngomculo," kusho yena.
"Siphethe umzabalazo embonini yezomculo kulo nyaka."
U-PEBBLES oneminyaka engu-29 naye ubalwa kubaculi besimame abasha abazakhela igama. Mihlanu iminyaka ayichithe akha isitayela sakhe somculo njengoba manje eseqokwe kumaSAMA esigabeni seBest Female Artist akleliswe kusona nabaculi abanjengoJudith, Rebecca, Lebo noSibongile.
"Kuyamangalisa lokhu. I-albhamu yami ithandwa kakhulu yintsha ngoba ithinta impilo yayo njengoba isafuna ukwazi ngothando nobuhlungu esibuthola empilweni kanye nomnyombo wempilo esiyiphila manje," kusho yena.
I-Playful Soul ikleliswe nama-albhamu abaculi abanjengo-Unathi, Ishmael noCamagu esigabeni seR&B.
"Kusho lukhulu kimina ukubonakala kwengikwenzayo emculweni. Abaculi abayisibonelo esihle kimina nguThandiswa noSimphiwe. Ngizama ukuhamba ezinyathelweni zabo. Imboni yomculo isiwulungele umculo wethu - yingakho nje amaSAMA angalo nyaka ebalulekile kwabesimame," kusho uPebbles.
U-JUDITH SEPHUMA ubona kunezinto ezintsha okumele zizabalazelwe kanti i-albhamu yakhe yakamumva ethi New Beginnings iphambili ohlwini lwezigaba ezinhlanu efakwe kuzo - Best Female Artist, Best Jazz Album, Best Producer, Best Engineer neMost Popular Artist.
"Yizikhathi eziletha ingebhe lezi kwabesimame. Sifunda izindaba ezethusayo ngokudlwengula nokubulala - kusemahlombe abaculi ukusiza senze umehluko emphakathini," kusho uJudith Sephuma kwabakwaBONA. "Sikhulumela sikhuthaze izigidi zabantu ngomculo nangokuziphatha kwethu.
"Ngisakhula ePolokwane ngangixwayiswa ngobungozi bokuyocula eGoli okwakuyindawo eyayithathwa njengeyisizinda sezidakamizwa neyezimilo ezixegayo.
"Ngashaya sengathi angikuzwa lokho ngathembela emfundisweni engikhuliswe ngayo ukuze ngiphephe kokubi. Yilokho engifisa ukukwedlulisa ngomculo wami namuhla." [z]
KWESOBUNXELE: UThandiswa - ucula yedwa kanti kuyamthokozisa ukubuyela kwiBongo Maffin. isithombe PETER BAASCH i-make-up: FAITH SEUOE izindlela zokuhlela: U-MARINA WALSH (Ingubo: Stoned Cherrie; umgexo: okaThandiswa. Isithombe sekhava: ingubo: Sun God'dess; amacici: Mandisa Designs; i-wrap: eye-stylist.)
KWESOKUDLA: U-Judith - "Sikhulumela sikhuthaze izigidi zabantu."
NGENHLA KWESOKUDLA: U-Pebbles - ungenisile kulo nyaka.
BONA ZULU - May 2006
Bazabalazela abesimame!
Umzabalazo wabaculi besimame embonini yezomculo!
indaba nguDOUG GORDON
BONA ZULU - May 2006
Bazozwakala
Kumi kanjani kubaculi besilisa"
Umculi wesilisa obukeka ebhekwe ngelakubo njengamanje noqokwe ezigabeni ezimbalwa kumaSAMA nguNtando.
Usanda kuthola umklomelo weBest Album, Best Male Artist noweBest Song kwiMetro Awards kanti nakumaSAMA kumhambela kahle - ukhethwe esigabeni seMost Popular Song, nge-albhamu yakhe ethi Dali Wam; Best Adult Contemporary Album (African) neBest African Pop Album - nge-albhamu ethi Imvelaphi - waqokwa nakwiMost Popular Artist.
Lesi sihlabani esineminyaka engu-24 abaculi besimame bathi sizogalela kuzwakale emculweni wethu eminyakeni eyishumi ezayo - kanti noNtando emculweni wakhe ucula ngezithinta umphakathi njengabo.
"Abaculi besimame bawubheka ngeso elihlukile kwelethu umphakathi esiphila kuwona. Kodwa emculweni sonke sisebenza ngokubambisana sinenhloso efanayo."
