zulu.2994.liar
BONA - August 2007
Indlela yokubona umuntu onamanga
Zivikele
indaba ngu-ISAAC KWELA
ABANTU abaqamba amanga abazwani nomuntu othulayo. Yinto yokuqala okufanele uyikhumbule leyo uma usola ukuthi umuntu othandana naye uqonyiwe.
Uma ufuna ukuthola ukuthi uthembekile yini noma cha, buza umbuzo uthule. Uma usuyitholile impendulo, thula.
Uma ungaphenduli, oqamba amanga uzoshaywa wuvalo, acabange ukuthi impendulo yakhe ayikugculisi, aqhubeke akunike enye incazelo ongashongo ukuthi uyayidinga.
Ukwenza isibonelo: ubuza uBongani ukuthi ubekuphi ngoMgqibelo ebusuku. Impendulo yakhe: "Benginabangani bami." Uthule. Aqhubeke athi: "Besibukela amaDVD."
Uma ungamphenduli, athi: "Sidle i-pizza." Aqhubeke akunike enye incazelo ongayidingi.
Omunye udokotela wengqondo wathi: umuntu oqamba amanga ubeka amanangananga athule uma usumtshela ukuthi sekwanele.
Ezinye izindlela ongabona ngazo ukuthi umuntu uthembekile yini noma cha...
Ngeke mina...
Umbuzo: "Ngabe awuthembekile kimina"" Impendulo: "Akekho umuntu engingenza into enjalo kuyena." Akagcinanga ngokungawuphenduli umbuzo wakho kodwa uzama ngawo wonke amandla ukwakha isithombe sokuthi uthembekile kuwena. Wuphawu oluyingozi lolo.
Okunye, qaphela umuntu ophendula umbuzo ngolaka. Ufuna kubukeke sengathi uyasukelwa kodwa ebe azi kahle kamhlophe ukuthi unamanga.
Ngiyajabula ngoba isidlulile le ndaba...
Okunye lokhu okufanele ukuqaphele uma udaba lwenu seniluqedile. Ngabe ukhombisa ukujabula uma nishintsha isihloko sodaba enikhuluma ngalo, azwakale esethi "Ngiyajabula ngoba isidlulile le ndaba""
Umuntu oqamba amanga ujabula kabi uma ushintsha udaba enikhuluma ngalo ngoba lokho kumnika umqondo wokuthi ukwazile ukukukhohlisa.
Wena..."
Umuntu oqamba amanga akazihluphi ngalowo mbuzo. Ukwenza isibonelo: umbuza ukuthi wake waya yini ukuyohlolelwa i-AIDS. Akuphendule ngokuthi wake waya futhi uhlale eya nokuthi lokho kubalulekile empilweni yakhe, emva kwalokho - athule.
Qaphela! Uma ekhuluma iqiniso futhi eyinakekela impilo yakhe uzobuza lo mbuzo "Wena""
Abantu abanamanga abazi ukuthi ukukhuluma iqiniso kuhambisana nokubuza imibuzo nokuyiphendula. Kunalokho, bakhetha ukushintsha isihloko okukhulunywa ngaso.
Ini"!
Lona omunye umbuzo umuntu oqamba amanga akhohlwa ukuwubuza. Uma umuntu oqamba amanga kuthiwa wenze okuthile uyadideka angazi ukuthi kumele athini. Ngeke umuzwe ekuphula ulimi ethi "Ini"!" Kunalokho uzihlupha ngempendulo azophendula ngayo kunokuthiwa ukwenzile.
Amaphoyisa abheka lokho uma ephenya osolwayo. Umuntu ongathembekile uyazithukuthelisa kanti othembekile uthukuthela kubonakale ukuthi leyonto akayazi ngempela.
Ubuzelani"
Umuntu ongathembekile uzinika ithuba lokucabanga kanti uma esephendula umbuzo wakho uthi:
Ukubuze lani lokho"
Usho ukuthini"
Ukuthathaphi lokho"
Akusona isikhathi esifanele lesi sokukhuluma ngalolu daba.
Ngabe uzwile"
Asivamile ukukuqaphela lokhu. Kungenzeka ukuthi umuntu ongathembekile avele akuxoxele ngezinye izithandani ezinenkinga ngenxa yokungathembeki kukankosikazi. Uzophetha ngokuthi: "Ngabe ubekwenzelani nje lokho" Kufanele amshiye phansi!"
(Uma kuyisoka lakho elikuxoxela lolo daba, kusho ukuthi owesilisa ongathembekile.)
Lokho kuyindlela yokukhulula umqondo wakho ukuze ungakhathazeki kodwa kube kufanele ukuba ukhathazeke!
Ungamsoli...
Sesizibonele ukuthi umuntu ongathembekile angazivikela kanjani. Kodwa hlakanipha. "Buza umbuzo oqondile kulowo ongenacala kodwa ube yinkinga kodliwa yisazela," kusho uDkt. David Lieberman ongudokotela wengqondo.
Uma usola ukuthi kukhona okungalungile okwenziwe yintombi yakho, buza lo mbuzo: "Ngabe kukhona okumnandi okwenzeke izolo kusihlwa""
Izimpendulo ezifana nezithi "Ubuzelani"" noma "Uzweni"" ziwuphawu lokuthi okusolayo kuliqiniso.
Kuyaxaka
Okunye ongakwenza wukuzama ukusho okunjengalokhu: "Iyangixaka indaba yokuthi umuntu ongathembekile kuwena acabange ukuthi ngeke abanjwe..." Lokho kuzomethusa umuntu ongathembekile kanti uma efuna ukwazi ukuthi yini eyenza usho lokho ubokwazi ukuthi akamsulwa ngempela.
Masihlangane...
Uma usukhathele wukukhohliswa zama lokhu: "Angiphathekile kahle njengoba kukhona omunye umuntu othandana naye ngoba bekufanele ungitshele ngaye. Ngeke ngikukhathaze uma uzosihlanganisa. Lokho ngeke kube yinkinga kunokuthi wenze izinto ngokungifihlela."
Lokho kungamnika isibindi sokukhuluma iqiniso ngokukaDkt. Lieberman. "Uzozitshela ukuthi ngokukhuluma iqiniso uzokwazi ukwenza akwenzayo ngokukhululeka."
Uma ethembekile kuwena amazwi akho azomhlupha. Akukhulule kokucabangayo.
Okokugcina, nalu olunye uphawu okufanele uluqaphele. Uma isoka lakho lihlale likhala ngokuthi awuthembekile, ubokwazi ukuthi lidliwa yisazela - uma uhlale uphenywa ngezindlela zakho lokho makube yisexwayiso.
Sivame ukuzwa ngabesilisa abakhala ngokungathembeki kwezintombi zabo kodwa kugcine kuzwakale ukuthi yibo kanye abenza abathi ziyakwenza! [z]
Sonke siyawaqamba amanga kodwa kukhona amanga awuphula kakhulu umphefumulo - njengalawo aqanjwa yisoka noma intombi engathembekile, umyeni noma unkosikazi. Nakhu ongakwenza ukuze ubabambe...
BONA ZULU - October 2007
A liar can fake outrage
BONA ZULU - October 2007
