zulu.2992.BEC success-tips
SEKUPHELE cishe iminyaka engu-30 abakwaPres Les behlobisa amakhaya amakhasimende abo aseMzansi we-Afrika ngezingubo zokulala zekhwalithi ephambili. I-oda ngalinye lenziwa efekhtri yabo eseCape Town.
UPres Les unama-sales consultants angaphezu kuka-7 000 kulo lonke elaseMzansi we-Africa nokungabantu abathandayo nabakuthokozelayo ukutshela abangani nabemindeni ngomkhiqizo wakwaPres Les.
Iningi labathengisi babo asebephumelele laqala umsebenzi walo wokudayisa khona lapha kwaPres Les.
Manje sebeyakwazi nokuba bathole izinto ababekade bephupha ukuba nazo.
UPres Les ukunika ithuba lokuba uzicijele umsebenzi wakho. Ukuzinikela kwakho yikho okushoyo ukuthi kufanele uhole malini, nguwe futhi ozisholoyo ukuthi uzosebenza amahora amangaki. Into nje oyidingayo yisikhathi nokuzinikela ngomdlandla. UPres Les ukunika izinto ozokhombisa ngazo kanjalo ukuqeqeshele ukuthengisa ngemali encane.
Okufanele ukwenze wukuxhumana noQueenie Sephula ukuze athole imininingwane angakuxhuma ngayo noma ushayele inombolo yakwaPres les yamahhala ethi 0800-002-443, ukuze bakuxhumanise nemenenja yendawo yangakini.
Queenie Sephula:
Ucingo: 012-805-4730
I-Fax: 012-805-6905
I-Cell: 082-468-1024.
BONA ZULU – August 2006
UPINKY Didibeng wazalelwa eSoweto kanti usesebenze nabezingcingo bakwaSAICOM Payphones kusukela le nkampani yasungulwa ngo-1999. Njengamanje useyi-reception manager ebhekene nokuxazulula izinkinga zama-airtime nezokuqhutshwa komsebenzi.
Nguye lobu buso obuhle esihlale sibubona ezikhangisweni zabeSAICOM Payphones.
UPinky uthi uyakuthanda ukusebenzela abakwaSAICOM Payphones ngoba kuningi akuzuzayo kanti usebenza ngenkulu inkululeko. Naye ngokwakhe unamabhizinisi ezingcingo amahlanu awaqhubela eRustenburg.
UPinky weluleka labo abanamabhizinisi ezingcingo ukuba banakekele abantu ababasizayo.
“Kufanele nibasize, nibayeke bakhululeke nibathembe ukuthi amabhizinisi enu bazowaqhuba ngempumelelo.
“Benzeni bawuqhube kahle lo msebenzi sengathi owabo. Ngakhoke banikeni izibopho.” UPinky wengeza ngokuthi, “kufanele ukuthande okwenzayo. Ngisho ngabe kunomdlalo webhola noma into ethile eyenzekayo emphakathini, ngiya khona nocingo lwami - nansi into enhle ngaleli bhizinisi, uliyisa noma kuphi lapho uthanda khona.”
UJANE Kgwathisi waqala ibhizinisi lakhe ngo-2004. Uzinze endaweni yaseKagiso kanti wenza izicathulo zesikhumba, nezikhwama nezigqoko ahambe engena umuzi ngomuzi ezidayisa.
UJane uqashe abantu ababili ngokugcwele ukuze bamsize ngokuthengisa lezi zimpahla nokuthi akwazi ukumelana nama-oda omsebenzi wakhe okhulayo.
“Angikholwa – ngiwinile!” - kusho uJane Kgwathisi amukela isheke lakhe kuDorah Ditshwene wakwaMNO.
OWINE NGO-MAY!
Taste the Soul of Africa… Taste Success with Mageu Number 1
IMIKLOMELO iMageu Number 1 Small Business Awards yenzelwe ukukhuthaza ithuthukise osomabhizinisi abancane phakathi kwabafundi bakaBONA.
Lo mncintiswano uzothatha izinyanga ezingu-12 njengoba waqala ngo-October 2005 kuzoze kube ngu-October 2006. Abafinyelele kumafayineli zinyanga zonke bazokhishwa kuBONA. Abawinile bazomenyezelwa emcimbini omkhulu eGoli ngoNovember 2006.
Ungakhohlwa wukufaka nesigqebhezane esine-barcode yeMageu Number 1 emngenelweni wakho ngamunye bese ufaka nemininingwane yakho.
Kuzodingeka usazise nangebhizinisi lakho, izinto ezifana nosayizi, iyiphi indawo oliqhubela kuyona uchaze kancane ukuthi lenzani.
Amafomu okungenela neminye imininingwane ngale miklomelo kungatholakala kwiWebsite yethu:
www.empowermentclub.co.za [z]
UJane Kgwathisi
BONA ZULU – August 2006
Ukuze uthole ikhophi ye-fax - shayela kule nombolo 011-883-8829.
