zulu.2989.BEC feedback
U-Dkt Madlopha ukhuthaza amalungu eBEC aseThekwini
BONA ZULU – July 2007
UDkt. F.D. Madlopha, inhloko yomnyango wezemisebenzi yomphakathi eKZN.
NGO-MARCH iBONA Empowerment Club yayiseThekwini kanti yize noma isimo sezulu sasingesihle, amalungu afika ngobuningi bawo kulo mcimbi omnandi owawuseSuncoast Casino.
Saba nenhlanhla yokwamukela uDkt. Fikiswa Madlopha owayeyisikhulumi sethu sosuku noyinhloko yomnyango wezemisebenzi yomphakathi eKZN, owethula inkulumo enohlonze eyabakhuthaza kakhulu ababekhona kulo mcimbi.[z]
U-Dorah Ditshwene noBuyani Mbongwe owawina okokuqala kwiMageu Number 1 Small Business Start-Up Awards.
Owaba nenhlanhla yokuwina ubhulankethi weGlenryck.
Abawina amahampa eMageu No 1.
U-Lisanne Bower wakwaSasko Flour enika owinile umklomelo.
U-Pinkie Mtshali ethokozisa abantu ngomculo ngalobo busuku.
U-Force Khashane uMhleli weBONA ephiwa ubhulankethi we-Aranda.
BONA – August 2005
