zulu.2988.yourman_coaching
UKUFAKA
amagoli
Yinto engangatshazwa ukuthi siyabadinga abantu abazokwazi ukufaka amagoli ezweni lethu - nakhu obaba abangasiza ngako ukuze lokho kwenzeke
UKUZE ube ngumgadli ovelele, kufanele uqeqesheke kahle. Okusho ukuthi kuzodingeka ukuba nizilolonge njalo nendodana yakho, yisize ifunde ukukhahlela ibhola liye lapho ifuna liye khona imizuzu engu-30 kuya kwengu-45 - uma nithatha isikhathi esingaphezulu kwalokho, indodana yakho izokhathala ingakunaki enikwenzayo.
Kubalulekile ukuphindaphinda enikwenzayo, kusho ungqondongqondo wethu uMike "Sporo" Mangena. Le ndlela yokuziqeqesha kufanele niyiphinde okungenani kathathu ngesonto kuze kugcine sekuyinto indodana yakho eyenza kalula ngokukaMike.
Uma niqala, beka izitini ezimbili ukugqagqana kwazo kube amagxathu amane. Lezo zitini yizona ezizoba amapali wena ube ngunozinti ufundise indodana yakho konke okumele ikwazi ukuze ibe ngomunye wabagadli abavelele esibadinga kakhulu. [z]
Indaba: Force Khashane
Izithombe:Shaun Smith
UKUQEQESHEKA EBHOLENI
Abafana abancane bavunyelwe ukukha ibhola ngezinyawo uma bezidlalela. Lokho kungagcina sekungumkhuba omubi uma kungalungiswa ngokushesha. Baningi abagadli abahluleka wukufaka amagoli ngenxa yokukha ibhola ngonyawo, ibhola abalishaya liphume phezu kwamapali noma lihlale ezandleni zikanozinti. Ibhola ulikha ngonyawo uma uyeka olunye unyawo luhlale ngemuva uma ukhahlela. Njengoba sibonile, olunye unyawo kufanele lume luqondane nebhola uma ukhahlela.
UKUQALA
1UKUKHETHA INDAWO. Umfana wakho kufanele aqale ajwayele ukukhetha indawo ibhola okufanele liye kuyona uma efuna ukufaka igoli kunokuthi alikhahlele ngokunganaki ngethemba lokuthi lizozingenela nje.
Khetha indawo ozofaka kuyona ibhola emva kwalokho amehlo angasuki ebholeni.
2UNYAWO. Unyawo olubeke ebholeni kufanele lubheke lapho ibhola lizoya khona. Uma lubheke kwenye indawo, uzogeja ibhola lingangeni.
3LIKHAHLELE LIHAMBE PHANSI. Ukuze ibhola lihambele phansi, okhahlelayo kufanele agobele ngaphambili uma ekhahlela. Unyawo ame ngalo maluqondane nebhola.
Qiniseka ukuthi indodana yakho ayigobeli ngemuva uma ikhahlela ngoba ibhola lizophakama.
UMduduzi Ndlovu noNhlakanipho indodana yakhe eneminyaka engu-12.
ISELULEKO
