zulu.2987.lifestyle
Impilo yosaziwayo noBONA
ULindiwe Kuzwayo ongumsiki wengqephu uhlala esigodlweni esifanele indlovukazi yase-Africa endaweni esedolobheni laseThekwini
nguPATRICIA McCRACKEN
izithombe nguSALLY CHANCE
UZOBONA ngenhlaba nezitshalo zemvelo ezingaphambili egcekeni, kanye nama-springbok enziwe ngetshe nama-flamingoe ukuthi leli khaya olivakashele alisiso isitayela saseMelika. Uma ungena nje emnyango ukhangwa wubuhle obuyisimanga base-Africa.
Ukukhanya okungena ngamafasitela amakhulu kubonakala ezindongeni nasempahleni esegumbini lokudlela nalapho kwamukelwa khona izivakashi. Phansi nasezitebhisini kubekwe amatshali anemihlobiso yamadube, kwi-dresser kwabekwa izitsha ezinemihlobiso yezilwane. Kukhona nekhanda lengwe elenziwe ngetshe elivele phakathi kwamaqabunga.
Yikhaya likaLindiwe Kuzwayo leli obalwa kubasiki bengqephu bokuqala ababeka isitayela sokugqoka sase-Africa ezingeni lamazwe omhlaba. Amashethi ayewenzele umyeni wakhe ngaleso sikhathi aheha inhlangano ye-UDF ashushumbiselwa ababelwela inkululeko ngeminyaka yo-1980. Leli khaya libuye libe yisibuko soguquko olwenzeke empilweni kaLindiwe nenkululeko yakhe emva kwesinqumo esinzima okwadingeka ukuba asithathe.
“Akukuhle ukudivosa. Kodwa kwathi uma ngibona ukuthi kumele ngihlukane nomyeni wami uVictor ngo-1997, ngamshiya nomuzi engangiwuthenge eGlenwood,” kusho yena.
Esevalelisile empilweni yakhe endala eqala entsha uLindiwe, wakhetha imibala epholile egqamile, eyisitayela samanje emesha nobuciko bekhaya lakhe elisha.
E-TV lounge kukhona izihlalo ezinhle ezihlangana kahle ne-home-theatre TV, i-sound system alalela kuyona i-Afro-jazz kaThandiswa, Zamajobe noSimphiwe Dana, netafula lokhuni eli-rust.
Izihlalo ezisegumbini okudlelwa kulona isidlo sasekuseni zikhavwe ngemibala yedube kanti izipuni zikashukela nezobisi ziqoshwe ngezilwane zaba nezibambo ezisontekile.
Kuleli khaya uLindiwe uhlala nendodana yakhe uKwame, osemjoyinile ebhizinisini lezemfashini. ULindiwe wayenabantwana abahlanu. UDumi, okunguyena owayemdala kulabo bantwana washona engozini yemoto ngo-1998. Abasaphila yindodakazi uNozipho, ongumqondisi kuhulumeni wasekhaya ohlala eThekwini, uThandi ongummeli eGoli, nomncane uSamora oyi- architectural designer eRichard’s Bay.
“Ngiphatheka kahle uma ngibona izingane zami kodwa kulezi zinsuku angipheki ekhaya,” kuvuma uLindiwe. “Lokho ngakwenza ngisakhulisa abantwana bami. Manje sesidla noma yini.”
Okuyimbangela yalokho wukuthi umatasa kakhulu ngoba uvame ukuba yisimenywa esiqavile emicimbini. Okunye athi kuyisizathu salokho wukuthi ngokwakhe usehlukene naleyo ngxenye yempilo yakhe.
“Ngahlangana nomyeni wami ngesikhathi sisaqeqeshwa – yena wayefundela ukuba nguchwepheshe kwezempilo mina ngifundela ubuhlengikazi. Umkhosi wokwethweswa kwethu iziqu sawugubha ngokuthi sishade emva kwalokho ngahlala ekhaya ngathola abantwana,” kusho yena.
“Iminyaka elishumi yaphela senginabantwana abahlanu. Ngaleso sikhathi ngangineminyaka engu-31 kanti umyeni wami ngamtshela ukuthi ngifuna ukusebenza, nginakekele umndeni wami njengoba kwakwenza abanye abantu besimame.
“Ngosuku lokuzalwa kwami umyeni wami wanginika isipho esasigoqwe kahle. Kwakungumshini wokuthunga. Wayezitshela ukuthi yiwona engizochitha ngawo isizungu kanti mina asingiphathanga kahle leso sipho sakhe. Ngabona ukuthi ngokwakhe ubona ngifanelwe wukuhlala ekhaya ngipheke ngizale kuphela.”
Kodwa emva kwezinsuku ezimbalwa uLindiwe wayikhipha enhliziyweni yakhe inzondo ayenayo ngokuthunga.
Emva kweminyaka eqalile ukuthunga, kwamkhanyela ukuthi yibhizinisi okumele aliqale kunokuthi agcine ngokuthunga amaphinifa namajoyini omama benkonzo.
“U-Primrose Williams, owayenguMhleli wezabesimame kuBONA, walibona ikhono lami lokuthunga wathenga izimpahla zami – lokho kwangisiza abaningi baba nolwazi ngami. Wabuye wangiqokela umklomelo weMayor’s Award For Excellence engawuwina,” kusho yena.
Emva kwesikhathi ethuthukisa ibhizinisi lakhe – esedivosile nangasemva kokutholwa enesikweleti sentela ngo-2002 – akumangalisi ukubona uLindiwe engenasikhathi sokuhlala ekhaya.
“Engikwenzile wukushintsha izintambo zikagesi kuphela. Izindonga no-carpet kusenjengoba kwakunjalo,” kusho yena.
Lokho kwaba ngumqondo omuhle ngoba imibala yakhe iyahambisana nahlobise ngako akuthenga ezinkampanini ezinkulu eThekwini. Egumbini okulala kulona uKwame kunemibala ezothile ekhombisayo ukuthi yigumbi lomuntu wesilisa kanti kwelikaLindiwe kunemibala ebomvu ne-pink kanye nesagolide kube khona ne-en-suite bathroom.
Kuwo womabili lamagumbi okulala kunamafasitela asuka phansi aye phezulu njengalawo asemagumbini aphansi kanti abasuke bekulawo magumbi bangakwazi ukubuka imikhumbi olwandle esuke ilindele ukungena echwebeni.
Egumbini likaLindiwe lokulala kukhona izithombe zomndeni wakhe nezalowo ahlekisana naye, amakhadi nezinto aziphatha uma ekade ehambele amazwe anjengeThailand neMelika, Hungary ne-Egypt – kukhona nezimbali eziwusilika nesethi yetiye ehlotshiswe ngezimbali.
Usofa uLindiwe ahlala kuwona uma ebuka iTV umbozwe ngendwangu enemibala esagolide.
Okufakazela ukuthi uLindiwe uyazwana nemibhalo ecashunwe eBhayibhelini wumbhalo ongenhla kombhede wakhe. “Thululela imithwalo yakho kuJehova,” ufundeka kanjalo lowo mbhalo ocashunwe kumaHubo.
Miningi imithwalo ayithwalile empilweni yakhe kodwa okuhle wukuthi wayithwala wayenza yaba lula. Ukholelwa kakhulu ekuzibekeni phansi.
“Abantu babamba okuningi ngesikhathi esisodwa bese beyahluleka. Ngiyabonga uma ngisakwazi ukukhokhela imoto yami nendlu.
“Okunye, angikaze ngishintshe ama-globe empilweni yami! Izinto ezinjalo zidinga umuntu wesilisa!” [z]
BONA ZULU – February 2006
Siyakwamukela esigodlweni sase-Africa
1: “Ngilikhonzile ikhaya lami. Liyisisekelo sempilo yami. Kulona ngiyaphumula ngizithokozise nomndeni wami. Uma ngiphuma ngisuke sengiyozithokozisa ngisebenze,” kusho uLindiwe.
2: U-lace okwi-gazebo kuphela uLindiwe ahamba nawo esuka ekhaya lakhe elidala.
3: Ukhangwa yisitayela sase-Africa uma ungena egumbini lokudlela nalapho kwamukelwa khona izivakashi ekhaya likaLindiwe.
BONA ZULU – February 2006
u
t
4. Ithoyizi lakhe! “Bonke abantu bayazibonela uma sekudlula mina!” kusho uLindiwe ehleka ngesikhathi emi eduze kweMercedes SLK yakhe ene-numberplate ethi “DESIGN-ZN” .
5. Usaziwayo waseMhlanga eziphumulele egumbini lakhe lokulala.
6. ULindiwe eshaya inkomishi yetiye elalele nomculo ekhaya lakhe.
7. Yizicathulo ezinhle ezimesha izimpahla ezinhle – noLindiwe ubophele ezicathulweni.
BONA ZULU – February 2006
“Thululela imithwalo yakho kuJehova.”
BONA ZULU – February 2006
8. Aziqhenya ngako – umklomelo uLindiwe asanda kuwuthola, iCEO’s Award ayithola ngokuba yiBusiness Personality of the Year eMhlanga.
9. Igumbi alala kulona uLindiwe liyindawo yezikhumbuziso njengalesi sithombe somndeni wakhe, ikhadi, amabhengele egolide, i-perfume yeKenzo Jungle ayikhonzile nezimbali.
