zulu.2975.sasko sep
wina imiklomelo ka-
NGABE ubeka inhliziyo yakho nomoya wakho ekuphekeni? Ngabe abantu bayabuya bafune impinda? Uma kunjalo, nanti ithuba lakho lokwenza ukubhaka kwakho kukukhulumele uziwinele imiklomelo emangalisayo yenani lika-R400 000 emncintiswaneni oxhaswe iSasko Flour, Ellerines noBONA.
Sinomncintiswano wenyanga eyodwa:
n September – quiches.
Indlela yokungenela
Zinyanga zonke thumela iresiphi yakho yesiqubulo saleyo nyanga usebenzisa iSasko Flour, kanye nefomu yokungenela osuyigcwalisile ukuthumele kuleli kheli: BONA/Sasko Bake With Your Soul (September), Box 1127, Rivonia, 2128.
Njalo ngenyanga kuzokhethwa oyedwa ofinyelele kumafayineli ekhethwa kweminye imingenelo etholakele. Bonke abahlanu abafinyelele kumafayineli kusukela kuMay, June, July, August noSeptember bayofakwa emncintiswaneni wokupheka ngo-October eSchool of Culinary Art eRandburg lapho beyoncintisana khona ukuze kutholakale oyowina umklomelo omkhulu nabane abayofinyelela kumafayineli.
Imiklomelo yabafinyelele kumafayineli
Oyowina umklomelo omkhulu: Ivawusha yefenisha yakwa-Ellerines ka-R60 000; 5-piece Denver kitchen scheme; 4-in-1 izinto zikagesi (okuyiketela leTedelex, steam iron, double hotplate ne-2-slice sandwich-maker); 26-L Defy microwave oven; Defy Gold 4-plate stove; Defy 240-L double-door fridge; Defy Gold 9,2kg twin-tub umshini wokuwasha; KIC 175-L chest freezer; 8-piece Emerald dinette set; Estia mini kitchen ne-health griller. Konke okubiza: R83 600.
Owokuqala ofinyelele kumafayineli: Ivawusha yefenisha yakwa-Ellerines ka-R30 000; 26-L Defy microwave oven; Defy Gold 4-plate stove; LG 240-L combi fridge, ne-Defy
Gold 9,2kg twin-
tub umshini wokuwasha. Konke okubiza: R42 500.
Owesibili ofinyelele kumafayineli: Ivawusha yefenisha yakwa-Ellerines ka-R20 000; Estia mini kitchen ne-health griller; Fuchs 4-plate stove; LG 240-L combi fridge, ne-4-in-1 izinto zikagesi (okuyiketela leTedelex, steam iron, double hotplate, 2-slice sandwich-maker). Konke okubiza:
R28 600.
Owesithathu ofinyelele kumafayineli: Ivawusha yefenisha yakwa-Ellerines ka-R15 000; KIC 223-L top freezer-fridge ne-Fuchs 4-plate stove. Konke okubiza: R20 600.
Owesine ofinyelele kumafayineli: Ivawusha yefenisha yakwa-Ellerines
ka-R12 000; KIC 223-L top freezer fridge. Konke okubiza: R14 900.
KUKHONA OKUNYE ...
Imiklomelo yanyanga zonke
Ukwengeza kwabawine zinyanga zonke badlulela emncintiswaneni wokubhaka nokupheka, abathathu abayofinyelela kumafayineli bayokhethwa njalo ngenyanga ngokwamaresiphi atholakele. Emunye kwabathathu, uzowina:
n September: i-240-L LG combi-fridge.
ABAWINILE
Sithole amakhulu ngamakhulu emingenelo kanti singathanda ukuba nithumele
eminye. Sihalalisela laba abalandelayo abawinile.
JULY
Abawina kowamaresiphi ngoJuly baziwinela i-240-L LG combi fridge umuntu emunye.
Owokuqala: Luyanda Tshaka, Grahamstown - Coconut & Date Pudding.
Abafinyelele kumafayineli: Rosemary Themba, Emalahleni - Pudding With Stewed Fruit And Brandy Sauce; Calminah Nake, Caletonville - Traditional Steamed Pudding; Monde Mankayi, Mdantsane - Rum And Raisin Pudding.
Abawine ngeSMS nange-akhawunti: Lindelwa Ethel Cinywa, Peddie; Ndileka Tshangana,
Port Elizabeth; Virginia Mhlareluana, Reiger Park; Dick Madala Sihlangu, Weltevrede;
Bellina Zodwa Linda, Ermelo; Phineas Mathenjane, Klerksdorp,
no-Hartman
Muntz, De Aar.
BONA ZULU – September 2007
FINAL BAKE-OFF
in Randburg during October!
IMITHETHO. 1. Lo mncintiswano uvuleleke kuwo wonke umuntu ngaphandle kwabasebenzi bakwaCaxton nabemindeni yabo, abaxhasi babo nababathuthukisela ukuthengiswa kwemikhiqizo yabo.
2. Isinqumo samajaji singujuqu akuyukuxhunywana kubuzwane ngaso. 3. Imiklomelo ngeke ishintshaniswe ngemali. 4. Kuyokwamukelwa kuphela imingenelo engu-ngqo ethunyelwe ngeposi.
5. Imiklomelo engalandwanga kwaze kwaphela izinyanga eziyisithupha, iyodliwa. 6. Izindleko zokuhamba, ukudla nendawo yokulala - ningahlupheki, bayobhekelelwa labo abahlanu abayohamba bayoncintisana ngokupheka. 7. Chwaneka i-barcode yeSasko emngenelweni wakho. 8. Amajaji ayokhetha obashaye bonke emakhanda nabafinyelele kumafayineli - kulabo abahlanu abayoqhudelana kowokupheka.
BAKE WITH YOUR SOUL (SEPTEMBER)
Gcwalisa ifomu uyithumele kuleli kheli: BONA/Sasko Bake With Your Soul (September) Box 1127, Rivonia, 2128.
Igama: ....................................................................
Ikheli: .....................................................................
.......................................... Ikhodi:..........................
Ucingo/Cell: ..........................................................
(Siyacela usinike inombolo otholakala kuyona emini)
Umbuzo: Isiphi isitolo sefenisha
esiyingxenye yabaxhasi balo
mncintiswano?
Impendulo: ............................................................
Usuku lokuvala: Umncintiswano ka-September: 28 September 2007
BONA ZULU – September 2007
WINA NGE-SMS NOMA
NGOKUVULA I-AKHAWUNTI ENTSHA
Ngisho ngabe awukwazi ukupheka noma ukubhaka, kodwa usengaziwinela imiklomelo emangalisayo. Okufanele ukwenze wukuSMSa igama lenkampani yefenisha exhase lo mncintiswano ku-33455. I-SMS ngayinye izobiza R1,50 noma uthathe iphephabhuku lakho uBONA uhambe nalo lapho uyovula i-akhawunti yakho kwa-Ellerines ukuze igama lakho lifakwe kowokutonyulelwa inhlanhla.
Zinyanga zonke kuzokhethwa abane bemingenelo yamaSMS nabathathu abavule ama-akhawunti amasha kwa-Ellerines. Owinile ngamunye uzothola:
n September: i-LG-240-L combi fridge noma i-Estia mini kitchen ene-health griller.
Abafinyelela kowamanqamu kowamaresiphi ka-August nabamaSMS nama-akhawunti amasha bayokhishwa ekhasini labawinile kuBONA
ka-October.[z]
CHWANEKA I-BARCODE YE-SASKO FLOUR
