zulu.295.career
Owokuba yi-lifestyle consultant
KUMA-health club okujima, kugcwala abancane nabadala nokuyilapho bejima khona ngosizo lwalabo abangama-lifestyle consultant.
Sivakashele uTinyiko Maswanganyi, ophinde futhi aziwe ngokuthi uSalvation, endaweni yokujima iVirgin Active eThekwini ngenhloso yokuthola kabanzi ngalo msebenzi.
n Wawukhethiswa yini lo msebenzi? Ngangizibandakanye kakhulu nezemidlalo nokujima esikoleni, ngaleyo ndlela kwaba lula kimina ukuba ngiqhube ngawo lo mkhakha. Ngathola iziqu ze-sports science enyuvesi yaseDurban Westville ngase ngiqala nabeVirgin Active ngo-2001.
n Yini oyenzayo kulo msebenzi? Ngibhekene nokuba ngisize amalungu amasha ukuze athole izinhlelo zokuqeqeshwa ezizohambisana nezidingo zawo. Lokhu kubandakanya ukubheka ngicubungule umlando wawo wezokwelashwa ngithole ukuthi aphile kanjani. Kusukela lapho ngigunyaza uhlelo oluzohambisana nezidingo zawo.
n Okuhle ngawo? Uthokozeleka kakhulu ekudlaleni indima ekudaleni ushintsho oluhle empilweni yomuntu. Ukubabona bephumelela ukufeza amaphupho abo, yiyonanto ethokozisa kakhulu.
n Into eyinselelo enkulu? Ukubona amalungu engalandeli izinhlelo zawo kodwa alindele imiphumela emihle. Ngesinye isikhathi kuyinselelo enkulu ukubakhuthaza ukuze bahambe ngendlela eyiyo.
n Yiziphi izinhloso zakho zekusasa ngalo msebenzi? Ngihambela ama-workshop kanti kumanje ngiqeqeshelwa ukuba yi-fitness manager khona ngaphakathi. Kuningi okukhona kulo mkhakha.
UDirkie Britz, oyi-regional fitness manager kwaVirgin Active, KZN, uphawule wathi: ama-lifestyle consultant yiwo enza cishe umsebenzi omkhulu wokusebenzisana nabajimayo. Ngaphandle kokuba ama-fitness instructors, kuye kudingeke ukuba bahlole, beluleke futhi bakhuthaze abajimayo ngokushintsha kwezindlela zempilo. Namakhomphyutha adlala indawo ebaluleke kakhulu kulo mkhakha ekuxilongeni nokunika ama-consultant isikhathi esiningi azosichitha nabajimayo.
OKUDINGEKA KUMUNTU
Uthando lokuphila ube ngumqemane luyadingeka. Sibheka abantu abanomdlandla abazinikele ekusebenzeleni nasekusizeni abantu, ngokusho kukaDirkie.
IZINGA NGOKWEMFUNDO
Ama-health club amaningi adinga ukuba ube ne-sports science. Iziqu noma ama-diploma kungatholakala kumanyuvesi amaningi noma ezikhungweni ezigunyaziwe.
E-Virgin Active sinika usizo lokufunda uma umuntu enomdlandla noma enezinto ezingamakhwalithi adingekayo - kusho uDirkie.
AMATHUBA OMSEBENZI
Ngaphandle kwama-health club, akhona amathuba kulabo abango-instructor emahhotela, kuma- resort, emikhunjini noma ngokuzenzela lo msebenzi wokuqeqesha abanye.
AMATHUBA AKHOMBISA INTUTHUKO
Kunamathuba ezikhundla ezifana nezama-personal trainers, fitness managers, club general managers nezama-personal training managers.
IMIHOLO
Ingasuka ku-R3 500 ngenyanga kuya ku-R20 000 nangaphezulu.[z]
Izeluleko zochwepheshe ziyadingeka uma ufuna ukuziqalela uhlelo lokuqeqesha ngempumelelo labo abazivocavocayo
BONA ZULU – May 2007
UTinyiko esethela kahle ikilayenti umshini wokujima.
Ngamathuba omsebenzi, iya ku: www.virginactive.co.za
I-INTEC College inezifundo zezemidlalo nezolwazi ezisiza uma usukwenza lokhu ikakhulu ngakwezemidlalo ukuze ube ngumqemane. Uma unemibuzo shayela kwethi: 0800 012 311 noma uye kwiWebsite ethi:www.intec.edu.za
Ezemisebenzi
indaba nguGRACE KHUZWAYO
isithombe nguBRETT FLORENS
BONA – August 2005
