zulu.2945.science
Ukusebenza kwamafriji
UMA ilanga lishisa, thela amanzi engalweni yakho. Lokho kuyawupholisa umzimba. Imbangela yalokho wukuthi ngesikhathi amanzi ehwamuka, adonsa ukushisa uphole kahle.
Ifriji lisebenza kanjalo! Liyimpahla esebenza ngogesi evame ukubanga umsindo omkhulu kanti ukubandisa kwalo izinto kuyinto eyenzeka kalula.
Ifriji libalwa kulezo zinto eziyisimanga empilweni yesimanje manje ezenza ushintsho empilweni.
Amafriji ayakubandisa ukudla – kanti amazinga okubanda asiza ngokukugcina kufreshi isikhathi eside nokuyinto edala ukuba izinga lokwakheka kwamagciwane ekudleni lehle.
Amagciwane abolisa ubisi emahoreni amabili noma amathathu uma ubisi lungafakiwe efrijini. Uma lubekwe endaweni ebandayo luhlala lufreshi amasonto amabili!
Njengoba sesike sasho, ukubandisa kwefriji izinto kuyinto elula – lisebenzisa umhwamuko woketshezi ukuze lidonse ukushisa.
Uketshezi olusetshenziswa efrijini luyahwamuka kwehle izinga lalo lokushisa ukuze kubande ngaphakathi efrijini.
Zinhlanu izingxenye ezakha ifriji:
l compressor;
l heat-exchanging pipes – lawa amapayipi abonakala ngemumva efrijini;
l heat-exchanging pipes – lawa ayisethi esongene angaphakathi efrijini;
l expansion valve;
l refrigerant – wuketshezi oluhwamukayo olungaphakathi efrijini olwenza kubande.
I-compressor ikhipha i-gas yoketshezi oluhwamukayo. Lokho kukhuphula amandla namazinga okushisa ukuze amapayipi asongene angaphandle efrijini anike uketshezi ithuba lokuba lukhiphe ukushisa.
Ngesikhathi uketshezi luphola luba amanzi luhambe luze lufike kwi-expansion valve. Ngokwenzenjalo, luyasabalala luhwamuke.
Amapayipi asontene ngaphakathi efrijini enza ukuba uketshezi ludonse ukushisa kubande ngaphakathi efrijini. Lokhu kwenzeka kuphindaphindeke.
Yingakho nje uzwa ifriji lakho lilokhu liqala ukuduma kabusha…
AmaCFC
I-Ammonia yayisetshenziswa kakhulu emafrijini kanti izimboni ezinkulu ezenza amafriji zisayisebenzisa.
Kodwa i-ammonia iyingozi kanti ngenxa yalokho, ososayensi baqala ukubheka okunye okuphephile abangakusebenzisa esikhundleni sayo njengoba amakhaya amaningi esebenzisa amafriji.
Ngeminyaka yo-1930, baqhamuka noketshezi olubizwa ngamaCFC (chlorofluorocarbons), olungesiyo ingozi kubantu.
Kuthe ngeminyaka yo-1970, kwatholakala ukuthi amaCFC ayesetshenziswa ayeyingozi kwi-ozone layer. Kusukela eminyakeni yawo-1990, wonke amafriji aqala ukusebenzisa uketshezi olungesiyo ingozi kakhulu emvelweni.[z]
sihlanganiselwe nguWALTON GOLIGHTLY isithombe nguCLIVE THOMPSON
NGENHLA: Konke kumayelana nomhwamuko. Injini - noma i-compressor - okwenza ifriji lakho lisebenze. Ngenhla kwe-compressor kukhona amapayipi ashintsha ukushisa, nokwenza ifriji likhiphe ukushisa.
(Kucishe) kufane
Ama-lighter nawo asebenza ngendlela efanayo namafriji. Ane-butane ebilayo – igcine isiyi-gas – uma isezingeni lokushisa kwendlu.
Isikhwanyana se-lighter esiyipulasitiki sinamandla okupholisa i-butane.
Yingakho nje ama-lighter engasebenzi kahle uma kubanda. Ukubanda kwayo ngaphandle kwehlisa izinga lokushisa kwe-butane igcine ingasakwazi ukukhipha ilangabi uma usebenzisa i-lighter.
BONA ZULU – October 2005
Iphrojekthi kaBONA
