zulu.2937.tipsE
Ingosi
yokupheka
Izeluleko zekhishi likaBONA
QAmaresiphi amaningi esengiwabonile adinga u-anyanisi osashukela. Ngingawenza kanjani?
AHlanganisa izipuni ezintathu ze-vegetable oil noma i-olive oil epanini nezipuni ezimbili zebhotela nezinkomishi ezine zika-anyanisi oqotshiwe. Thosa u-anyanisi imizuzu engu-30 uthele i-teaspoon likashukela uma usuphakathi nokupheka. Faka ibinzana likasawoti. U-anyanisi uzoba nombala o-caramel ube njimbilili njengojamu.
QUma ngizama ukufaka i-icing ekhekheni ayinamatheli.Sengake ngazama ukuyishubisa kodwa ikhekhe lavele lavuthuka ngesikhathi ngiyifaka. Ungangisiza?
AUkuze i-icing ingasuki ekhekheni, zama ukulivuvuzela nge-icing sugar noma i-corn starch ngaphambi kokufaka i-icing. I-icing yakho izonamathela kahle.
QNgingenzenjani ukuze ikhekhe linganamatheli ethinini uma sengilikhipha?
AYiba nesineke uma ubhaka. Uma usubhakile, khipha ikhekhe kuhhavini ulibeke ngaphandle imizuzu engu-15. Sebenzisa ummbese noma i-spatula ukuzungezise emachosheni ethini ukuze ikhekhe lingabambeleli. Liyeke eminye imizuzu engu- 10 bese ulibeka kwi-rack. Lipholise cishe imizuzu engu-30 ngaphambi kokufaka i-icing sugar.
QKuthiwa ubhontshisi asiwucwilise ubusuku bonke ngaphambi kokuwupheka. Kodwa lokho akwenzeki kalula kwabanye bethu. Ngabe ikhona indlela elula esingayisebenzisa?
AFaka ubhontshisi endishini enkulu enamanzi (amanzi azowuvokomalisa) uwufake kwi-microwave ubile. Uyeke emanzini abilile ihora elilodwa bese uyawupheka. Lokhu ungakwenza kunoma yiluphi uhlobo lukabhontshisi.
QNgikhonze ukusebenzisa ushukela onsundu emaresiphini ami kodwa uyaqina emva kwesikhathi ngiwubekile. Ngingakugwema kanjani lokhu?
AUkuze ushukela uthambe, ufake endishini enocezu lwe-apula. Mboza nge-clingwrap uwufake kwi-microwave cishe imizuzwana engu-45.[z]
nguGLADYS MHLONGO
