zulu.2935.feedback
Ukuqhuba ibhizinisi eSoweto
NgoMgqibelo ekuseni ngo-October kwaba khona umcimbi owawukade ubhekwe ngabomvu weBONA Empowerment Club. Ingqikithi yawo yayithi “Ukuqhuba iBhizinisi eSoweto” kanti wawuseTuscan BBQ eMaponya Mall. Izimenywa ezazikhona zaziliqhamukisa eSwazini naseKZN zizohlanganyela namanye amalungu…
BONA ZULU December 2008
UMBIKO WE-BEC
Kwa-khiwana ngemi-bono ephu-
sile
▲UChichi Maponya ephiwa ubhulankethi nguPeter Tlholoe weClub Aranda. Babekanye noNkele Monyeke oyiRevue Liaison.
OHLELWENI kwakuboshelwe izikhulumi ezenza imisebenzi emangalisayo kuleyo mikhakha ezikuyona ezinjengoNancy Nxumalo ongumongameli weSoweto Chamber Of Commerce And Industry, uPastor Dick Khoza, uMmatshilo Motsei noChichi Maponya.
UNancy ungumnikazi weMarung Restaurant eseCarlton Centre eGoli futhi ungumqondisi we-Ubuntu Kraal eSoweto.
Wageqa amagula ngamathuba amabhizinisi waveza nokumele kubhekwe amaSMME ebhizinisini lezolimo eSoweto.
Waphawula ngokubaluleka kokuphakela umphakathi ngobubanzi ngezidingo zawo nangokuxhaswa kwamabhizinisi amancane nokuthenga imikhiqizo yaseSA.
UChichi Maponya wacobelela izimenywa ngolwazi lwakhe, echaza ngebhizinisi lakubo ukuthi laqalaphi lafika kanjani kuleli qophelo elikulo namuhla.
Wachaza ukuthi ubaba wakhe uRichard wayezimisele kangakanani ukukhulisa ibhizinisi lakubo kusukela ekudayiseni izingubo nokudiliva ubisi kuye ekuvuleni isuphamakethe.
Namuhla, umndeni wakwaMaponya une-mall
enkulu eSoweto.
U-Pastor Dick Khoza wakhuluma ngezinselelo ahlangabezana nazo ezama ukuqonda ukuthi kungani inkolo iphambana namasiko akhe.
Uthi kwamthatha isikhathi ukukuqonda lokho kodwa kwagcina kumkhanyele ukuthi akukho ukungqubuzana kulezi zinto ngoba uNKULUNKULU Ngowezinto ezahlukahlukene. Wakhuluma ngeqhaza elingadlalwa amasiko ekwakheni imiphakathi esimeme, ephephile nenenhlonipho.
Lokhu wakuqhathanisa nezigameko ezenzeka emsebenzini lapho abadala bengasahlonishwa khona, nangendlela intsha ebukela phansi ngayo abantu abenza imisebenzi ebukelwa phansi.
UMmatshilo Motsei umbhali wezincwadi osewine imiklomelo obuye abe yimbongi wakhuthaza abantu ethi mabaphane.
Ukuceba akusho ukuba nemali kuphela ngokusho kwakhe. Ukuceba kwangempela kuhambisana nolwazi nemfundo.
U-Rebecca Masilo, ongomunye wabake bawina imiklomelo wakhuluma ngamathuba aqondene namaSMME.
U-Rebecca unebhizinisi eligxile ekuhlomiseni nasekuqeqesheni osomabhizinisi.
IBasadi Women Of Jazz yanandisa ngomculo icula izingoma ezisikhumbuza izikhathi zaseSophiatown!
I-Start-up award
UCeliwe Nhleko wase-Orlando East wathola iMageu Number One Business Start-up award.
Wavula iPhutha Sechaba Cleaning Services ngo-2002. Emva kwalokho waqala ibhizinisi lokwakha kanti manje wenza i-paving, afake u-ceiling nophahla abiyele.
Izindlela zokwakha imali
Kulo mcimbi kwabuye kwethulwa neClub Aranda uPeter Tlholoe wakwa-Aranda watshela amalungu ngokudayiswa kobhulankethi.
U-Speedo Horn wakwa-Elite Properties wethula umkhankaso wakhe “wokudayiswa kwezindlu”.
Ngeminye imininingwane
Shayela ku-011-883-8829 ngezikhathi zomsebenzi uma ufuna ukuxhumana nabaxhasi. [z]
▲Kwakuyisikhathi sokuzi ‘juxuza’ eBBQ eMaponya Mall...
▲Esinye sezimenywa sishaye imvunulo.
▲Owawina iMageu Number 1 Small Business Start-up Award uCeliwe Nhleko amukela umklomelo wakhe kuDorah Ditshwene.
▲Izimenywa zithakasela umculo.
▲U-Pastor Dick Khoza.
▲U-Speedo Horn wakwa-Elite Properties.
Ukuceba akusho ukuba nemali kodwa kusho uku-phana
