zulu.2932.rice
Ongakwenza ngerayisi
Irayisi kulula ukulipheka kanti alibizi kakhulu futhi linomsoco - tenda umndeni wakho ngalo ulisebenzise nokubhakiwe, ikhekhe,
u-loaf noma
u-pudding!
amaresiphi nezindlela zokuhlela ngabeGEMINI FOOD PROMOTIONS
isithombe nguKIM THUNDER
Rice Pudding With Jam Sauce
Izithako
2 izinkomishi (500ml) irayisi eliphekiwe
3 izinkomishi (750ml) ubisi
1/2 inkomishi(125ml) i-castor sugar
2 okwamaqanda okuphuzi
1 inkomishi (250ml) ukhilimu ophehliwe
Sauce
1 inkomishi (250ml) amanzi
4 ama-teaspoon (20ml) i-cornflour
2 izipuni (30ml) ushukela
1/2 inkomishi (125ml) i-strawberry jam
ukhilimu ophehliwe namakinati aqotshiwe okuhlobisa
Indlela yokwenza
1. Epanini hlanganisa irayisi, ubisi noshukela. Kubilise ulokhu ukugovuza. Yehlisa umlilo ukumboze kugxabhe imizuzu engu-25-30 irayisi lize lithambe kumunceke lonke uketshezi. (Faka amanzi amancane uma kunesidingo.)
2. Kugudluze emlilweni ubondele phakathi okwamaqanda okuphuzi. Kubeke eceleni kuphole.
3. I-Sauce. Kujeke hlanganisa i-cornflour nesipuni esisodwa esinguhhafu wamanzi ukubeke eceleni.
4. Faka amanzi asele epanini. Yekela ushukela uncibilike. Kubilise kugxabhe imizuzu emihlanu. (Ungakugovuzi) Faka ujamu nengxube ye-cornflour. Ilokhu ukugovuza kuze kushube
i-sauce.
5. Faka ukhilimu kwi-rice pudding ebandayo. Kuphake ezindishini eziyisithupha ze-pudding kuthi phezulu uthele i-sauce ngesipuni. Kubandise ihora ngaphambi kokukuseva. Kufake ukhilimu phezulu. Kuvuvuzele ngamakinati ukuseve.
Kubiza: R18,50
Kwanela: abangu-6
Curried Rice And Sausage Bake With Crumbly Topping
Izithako
1 u-anyanisi oqotshiwe
2 izipuni (30ml) uwoyela
2 izipuni (30ml) u-curry powder oshisayo
2 izinkomishi (500ml) u-green beans
1 inkomishi (250ml) u-broad beans ophekiwe
1 inkomishi (250ml) ukherothi osikwe izikwedlana
1 inkomishi (250ml) utamatisi oqotshiwe
1 i-stock cube esincibilikiswe
enkomishini eyodwa (250ml) yamanzi abilayo
1 inkomishi (250ml) irayisi eliphekiwe
8-10 ama-Vienna sausage asikwe izingcezu
1/2 i-teaspoon (2,5ml) usawoti
1/2 i-teaspoon (2,5ml) uphepha omnyama omahhadla
1 inkomishi (250ml) izimvuthu zesinkwa ezifreshi noma
1/2 inkomishi (125ml) izimvuthu zesinkwa ezomile
1/2 inkomishi (125ml) ushizi ogreythiwe
Indlela yokwenza
1. Epanini thosa u-anyanisi uze uthambe ufake u-curry powder. Kupheke imizuzu emibili.
2. Faka ama-vegetable, utamatisi ne-stock. Kumboze ukuyeke kugxabhe imizuzu engu-10-15 kuze kuthambe.
3. Faka irayisi, amasosiji ukunonge. Kuhlanganisise kahle.
4. Kuphendulele kwi-oven-proof dish egcotshiwe. Kuvuvuzele ngezimvuthu zesinkwa noshizi.
5. Kubhake kuhhavini ongu-180oC imizuzu engu-15-20 kuze kuhlofozele kube nsunjwana ngombala. Kuseve nama-bread rolls ashisayo ne-mixed salad.
Kubiza R28,10
Kwanela abangu-6
BONA ZULU – October 2006
Rice Loaf With Tomato Sauce.
Tuna Rice Cake
Izithako
1 inkomishi (250ml) irayisi
1 isipuni (15ml) uwoyela
1 i-teaspoon (5ml) usawoti
1 u-anyanisi
5 izipuni
(75ml) ama-sweetcorn kernels
1 x 185g ithini le-tuna, ecwengiwe yavengwa
1 i-teaspoon (5ml) i-dried parsley
1/2 i-teaspoon (2,5ml) usawoti
1/2 i-teaspoon (2,5ml) uphepha omnyama omahhadla
2 amaqanda ashayiwe
2 izipuni (30ml) uwoyela
2 izipuni (30ml) imajarini
Indlela yokwenza
1. Faka irayisi, uwoyela nosawoti epanini elinamanzi abilayo. Kumboze kubile imizuzu engu-10. Kucwenge ukubeke eceleni.
2. Endishini hlanganisa u-anyanisi, i-sweetcorn, i-tuna ne-parsley ukunonge. Faka irayisi namaqanda ukuhlanganise kahle ngemfoloko.
3. Epanini shisa uwoyela nemajarini. Uma sekushisa faka ngesipuni ingxube yerayisi. Kucindezele phansi ngengemumva lesipuni.
4. Kupheke emlilweni omkhulu imizuzu emithathu. Yehlisa umlilo ukupheke imizuzu elishumi.
5. Kwi-dinner plate phendula ikhekhe upheke elinye isayidi.
6. Kuphendulele kwi-serving dish efudumele. Kusike izingcezu ukuseve ne-tossed salad.
Kubiza: R13,96
Kwanela abangu-2-3 [z]
Rice Loaf With Tomato Sauce
Indlela yokwenza
2 izipuni (30ml) uwoyela
1 u-anyanisi oqotshiwe
2 ukherothi oqotshiwe
1 indukwana i-celery eqotshiwe
500g i-minced beef
1 inkomishi (250ml) irayisi
1 i-teaspoon (5ml) usawoti
1/2 i-teaspoon (2,5ml) uphepha omnyama omahhadla
2 amaqanda ashayiwe
1 i-teaspoon (2,5ml) i-dried parsley noma ama-mixed herbs
Sauce
1 x 400g ithini likatamatisi oqotshiwe
1 x 50g ithini le-tomato paste
1 stock cube
1 ugaligi ogxotshiwe
i-parsley (yokunonga)
Indlela yokwenza
1. Epanini shisa uwoyela uthose ama-vegetable aze athambe.
2. Endishini, hlanganisa i-mince nerayisi ufake ama-vegetable, amaqanda nama-herbs ukuhlanganisise.
3. Kuphendulele kwi-loaf tin egcotshiwe ukubhake kuhhavini ongu-180oC imizuzu engu-45.
4. I-Sauce. Faka zonke izithako ze-sauce epanini ukugxabhise imizuzu engu-30 kuze kushube.
5. Phendulela u-loaf ebhodini uwusike izingcezu ezinkulu bese uzihlela kahle kwi-serving dish efudumele. Thela u-sauce phezulu uvuvuzele nge-parsley. Kuseve ngezinhlobonhlobo zama-vegetable.
Kubiza: R28
Kwanela abangu-6
5 AMAHAMPA
Ubuhle bokusagolide nokuluhlaza!
INtwasa-hlobo yisikhathi sokuvuselela lapho konke emnyango kuphenduka kuba luhlaza, kubandakanya netiye elisha lakwaLipton i-Ice Tea Green. Lesi yisiphuzo saseNtwasa-hlobo esiqukethe okwemvelo okumnandi. Sinothiswe ngama-antioxidants kanti sinamandla ngokuphindwe ngaphezu kuka-100 kuno-Vitamin C, sikhanyisa isikhumba, sikhiphe ubuthi emzimbeni, sisize ekugayeni ukudla sivuselele nomqondo - kanti sinambitheka ngokumangalisayo.
UBONA unamahampa angu-5 abiza R800 iyinye aqukethe amakesi ayisithupha eLipton Ice Tea Green onikezela ngawo. Ukuze uzibeke ethubeni, bhala igama lakho, ikheli nenombolo yocingo otholakala kuyo emini ukuthumele nge-postcard kuleli kheli: BONA/Lipton Ice Tea Green Giveaway, Box 32067, Mobeni, 4060, noma u*SMSe LIPTON ku-35919.
10 AMAHAMPA
Indlela yokukhulisa
I-Seagro Seaweed Foliar spray yenziwe isuselwa kwi-seaweed enezithako ezifana no-amino acid, amavithamini, ama-carbohydrates nama-hormones akhulisa izitshalo. Ungasifutha ezitshalweni ngoba asinuki.
I-Seagro Seaweed Gel ayinaphunga, ingumanyolo ongawusebenzisa kuma-potplants, obhasikidi abalengiswayo, nakuma-bulbs, embewini nasekuvuseleleni izimpande.
Udinga nje ibinzana elincane ukuze ubone umphumela omuhle. I-Seagro iphephile ngisho ezilwaneni nasezinambuzaneni.
UBONA unamahampa angu-10 onikezela ngawo aqukethe isethi yezinto zasengadini nesampuli yemikhiqizo yakwaSeagro ebaliwe. Ukuze ube sethubeni lokuthola eyodwa (yenani likaR400), kwi-postcard bhala igama lakho, ikheli nenombolo yocingo yasemini, ukuthumele kuleli kheli: BONA/Seagro Brand Manager, c/o Twoline Trading Creative Ideas, Box 46871, Glosderry, 7702, noma u*SMSe SEAGRO ku-35919.
BONA ZULU – October 2006
Imititilizo
u
