zulu.2920.vaseline
B3456/07 Vaseline is a registered trademark
Isikhumba sakho
siyamangalisa!
ezentengiso
Valelisa esikhumbeni esomile esingenampilo ngeSouth Africa’s No.1 Men’s Lotion…iVASELINE Intensive Care For Men
ISIKHUMBA sethu siyamangalisa. Sisivikela esimweni sezulu, ezifweni, siswakamise umzimba kanti siyazwela. Isikhumba siyezwa uma kukhona okuthinta izingxenye zomzimba. Okubuye kumangalise kakhulu wukuthi isikhumba sabesilisa nesabesimame asifani.
Ngokwemvelo, isikhumba sabesilisa sikhiqiza uwoyela othe xaxa okusho ukuthi kufanele sihlale sihlanzekile. Kodwa uthi ubuwazi ukuthi emva kokugeza isikhumba sidinga ukusebenza kanzima amahora amathathu ukuze sibuyisele umswakama ophela ngesikhathi ugeza?
Ngeshwa, amanzi ashisayo nensipho kuqeda umswakama esikhumbeni, kanti isikhumba siyoma siqine uma singenamswakama.
Yingakho nje abakwaVASELINE benze iVASELINE Intensive Care For Men – engena ngokushesha esikhumbeni eyenzelwe isikhumba sabesilisa. Ibuyisela umswakama ngokushesha ukuze isikhumba singomi singazweli, isondle amahora angu-24. Ishiya isikhumba sinempilo nsuku zonke ngoba ineziswakamisi, izithako ezelaphayo, noVitamin E kanti inuka kamnandi.[z]
Isikhumba sakho sigcina sisihle ngeVASELINE Intensive Care For Men.
• Iswakamisa amahora angu-24
• Inezithako ezelaphayo noVitamin E
