ZULU.2919.free4you
BONA – September 2005
5 AMAHAMPA
Ubuhle bokusagolide nokuluhlaza!
INtwasa-hlobo yisikhathi sokuvuselela lapho konke emnyango kuphenduka kuba luhlaza, kubandakanya netiye elisha lakwaLipton i-Ice Tea Green. Lesi yisiphuzo saseNtwasa-hlobo esiqukethe okwemvelo okumnandi. Sinothiswe ngama-antioxidants kanti sinamandla ngokuphindwe ngaphezu kuka-100 kuno-Vitamin C, sikhanyisa isikhumba, sikhiphe ubuthi emzimbeni, sisize ekugayeni ukudla sivuselele nomqondo - kanti sinambitheka ngokumangalisayo.
UBONA unamahampa angu-5 abiza R800 iyinye aqukethe amakesi ayisithupha eLipton Ice Tea Green onikezela ngawo. Ukuze uzibeke ethubeni, bhala igama lakho, ikheli nenombolo yocingo otholakala kuyo emini ukuthumele nge-postcard kuleli kheli: BONA/Lipton Ice Tea Green Giveaway, Box 32067, Mobeni, 4060, noma u*SMSe LIPTON ku-35919.
10 AMAHAMPA
Indlela yokukhulisa
I-Seagro Seaweed Foliar spray yenziwe isuselwa kwi-seaweed enezithako ezifana no-amino acid, amavithamini, ama-carbohydrates nama-hormones akhulisa izitshalo. Ungasifutha ezitshalweni ngoba asinuki.
I-Seagro Seaweed Gel ayinaphunga, ingumanyolo ongawusebenzisa kuma-potplants, obhasikidi abalengiswayo, nakuma-bulbs, embewini nasekuvuseleleni izimpande.
Udinga nje ibinzana elincane ukuze ubone umphumela omuhle. I-Seagro iphephile ngisho ezilwaneni nasezinambuzaneni.
UBONA unamahampa angu-10 onikezela ngawo aqukethe isethi yezinto zasengadini nesampuli yemikhiqizo yakwaSeagro ebaliwe. Ukuze ube sethubeni lokuthola eyodwa (yenani likaR400), kwi-postcard bhala igama lakho, ikheli nenombolo yocingo yasemini, ukuthumele kuleli kheli: BONA/Seagro Brand Manager, c/o Twoline Trading Creative Ideas, Box 46871, Glosderry, 7702, noma u*SMSe SEAGRO ku-35919.
BONA ZULU – October 2006
Imititilizo
u
t
20 AMAHAMPA
Okwesikhumba nezinwele
Zama uchunge lwemikhiqizo yeBio yesikhumba nezinwele. I-Bio-Nikhaar ithambisa isikhumba isuse namabala.
I-Bio 7-day Beauty Plan ine-moisturiser ongayisebenzisa njenge-body lotion, iBio-Amla Hair Oil eyondla izinwele izenze zibe zinde neBio-Amla Hair Tonic ekhulisa izinwele isize nasekususeni inkwethu.
Uchunge lweBio lutholakala e-Africa Cash ’n Carry, Arros Cash ’n Carry, Astor Cash ’n Carry, Baldins Hair World, Charlie Parkers, Crazy Cosmetics, Fahb Cash ’n Carry, Jumbo Cash ’n Carry, Kit-Kat Cash’n Carry, Numain Cash ’n Carry, Sweet Penny nakwezinye izitolo.
UBONA unikezela ngamahampa angu-20 abiza R200 iyinye. Ihampa ngayinye inemikhiqizo ehlukene. Ukuze uzibeke ethubeni, kwi-postcard bhala igama lakho, ikheli nenombolo yocingo otholakala kuyo emini ukuthumele kuleli kheli: BONA/Bio Giveaway, Box 90784, Bertsham, 2013, noma u*SMS BIO ku-35919.
10 AMAHAMPA
Amathambo abuhlungu
Into edala amajoyinti abuhlungu wukunqamuka kwe-cartilage. Ucwaningo lukhomba ukuthi imizimba yethu idinga cishe 1 500mg glucosamine sulphate no-800mg we-chondroitin sulphate nsukuzonke ukuze ukwazi ukwakha noma ukuvuselela i-cartilage elahlekile. Leli yilona nani elikuma-capsules e-OsteoEze Gold, okuyikhambi lendalo elikhombisa umphumela zingakapheli izinyanga ezimbili.
Ukuqeda ubuhlungu ngokushesha sebenzisa i-hot OsteoEze Rub, noma i-OsteoFreeze epholisa izinyama namajoyinti.
Ukuze uzibeke emgqeni wokuthola ihampa ka-R400, equkethe amaphakethe amabili e-OsteoEze Gold, neRub and a Freeze, bhala igama lakho nekheli nenombolo yocingo yasemini kwi-postcard ukuthumele kuleli kheli: BONA/OsteoEze Gold Giveaway, Private Bag X1030, Lyttelton, 0140, noma u*SMSe OSTEOEZE ku-35919.
Imititilizo
Kuvalwa:
mhlaka 31 October
2006
40 AMAHAMPA
Manje nawe usungaba nezinwele ezinhle ezeluliwe ngeBlack Chic Hair Relaxers ngosizo lwe-olive oil ethambisa izinwele ngokwendalo izivikele ekuphukeni, izivuselele zingomi.
I-Olive oil inothiswe ngama-acid anonophalisayo nadala ukulingana komswakama ezinweleni azenze zicwebezele, ziqonde zibe bushelelezi. Ngeke zihlephuke kakhulu lapho usuzenza i-blow-drying kanti lo mkhiqizo ufanele bonke abesimame.
Zama i-S-Curl emfishane, enama-curls athambile. I-Regular ngeyezinwele ezijwayelekile, iSuper ngeyeziqinile ezingakameki kalula.
UBONA unikezela ngamahampa angu-40 abiza R100 iyinye aqukethe ama-relaxers nemikhiqizo yokunakekela izinwele.
Ukuze ube sethubeni lokuthola eyodwa, kwi-postcard bhala igama lakho, ikheli nenombolo yocingo otholakala kuyona emini ukuthumele kuleli kheli: BONA/Black Chic Relaxer Giveaway, Box 72625, Mobeni, 4060, noma u*SMSe RELAXER ku-35919.
Isitayela sami leso!
20 AMAHAMPA
Phola ubefreshi uzethembe
Isiqedaphunga esivikela ukujuluka i-Anti-perspirant Roll-on Deodorant nama- Perfume Body Sprays akwaSadie anesiqiniseko sokukwenza uzizwe upholile, ufreshi unokuzethemba emini nasebusuku.
Manje sekukhona entsha iSadie Rumba esentweni ebomvu enamakha anukisa okwezithelo nokwama-roses.
UBONA unikezela ngamahampa angu-20 abiza R200 iyinye aqukethe imikhiqizo ephelele yochunge lweziqedaphunga zeSadie nesikhwama sefeshini. Ukuze ube sethubeni, kwi-postcard bhala igama lakho, ikheli nenombolo yocingo yasemini ukuthumele kuleli kheli: BONA/Sadie Deodorant Giveaway, Box 32067, Mobeni, 4060, noma u*SMSe SADIE ku-35919. [z]
BONA ZULU – October 2006 75
Izipho zika-R24 000
*I-SMS ngayinye ibiza R3.
