zulu.2918.yourworld_celeb
Izinsizwa ezinsundu ezinethalente
Thina kwaBONA asibakhuthazi abantu ukuba bayeke isikole – ulwazi lungamandla kanti imfundo ivula amehlo! Kodwa kuyakhuthaza ukwazi ukuthi kokunye ithalente umuntu azalwe nalo lingamenza iqhawe. U-Kanye wayeka ukufunda enyuvesi ukuze afeze iphupho lakhe njengomuntu othanda umculo kanti lokho kwamsebenzela. Kodwa ukuphumelela kwakhe emculweni nokuwina kwakhe imiklomelo akwanele kulo mculi oziphakamisile. Njengoba ezingomeni zakhe ethanda ukusebenzisa igama elithi “Louis Vuitton”, akumangalisanga ukumbona ethula uchunge lwezicathulo zakhe kwiParis Fashion Week ekuqaleni kwalo nyaka olubizwa ngeLouis Vuitton. Ngabe yini ezolandela?
IZIHLABANI ZAPHESHEYA
Kusukela u-Usher eqala ukuduma emculweni ngeminyaka yo-1990 ngengoma ethi You Make Me Wanna, ukhombisa ukuvuthwa njengomculi oyisihlabani esihlonishwayo. Unekhono kanti indlela adansa ngayo isimenze wafaniswa nengwazi enguMichael Jackson. Wasebenzisa imali yakhe wasungula iNew Look, inhlangano engatholi nzuzo ehlose ukusiza izingane. Nakhu esifuna ukunikhumbuza kona ngaye: ngabe nisayikhumbula eyokuhlukana kwakhe noChilli weTLC ngoDecember 2003? Noma ukungazwani kukamama wakhe nokushada kwakhe noTameka Foster osekhulile kunaye ngeminyaka?
U-Terrence akasiye umuntu odume njengoWill Smith noma oziphakamise njengoKanye West kodwa kuyajabulisa ukumbona ezibeka endimeni yezihlabani zaseHollywood. Wadlala efilimini yakhe yokuqala ngo-1992 kodwa waba ngumlingiswa omqoka kwi-movie adlala kuyona ngo-2005. Kuphele iminyaka eminingi engadumile kanti yifilimu ethi Hustle & Flow azibalule ngayo kwabaningi. Le filimu emenze waqokelwa i-Oscar yamlethela udumo yenza ukuba agcine edlala noJamie Foxx owawina i-Oscar kwi-movie ethi Ray. Unekhono lokudlala nakuba engakabi maningi ama-Oscar asewawinile. Akakaze adumaze kunoma iyiphi indawo ayidlalayo.
Ungumbhali wemidlalo, umbhali wezincwadi, umbhali wemidlalo yamafilimu kanye nomdlali – ungamthini nje umuntu onje? Kodwa kunjalo. UMnuz. Perry wenza okwehlukile kokwenziwa abanye ophrojusa bama-movie abazwana nokuphrojusa ama-movie ocansi waphrojusa ama-movie ashisa izikhotha afana nathi Diary Of A Mad Black Woman neMadea’s Family Reunion anemilayezo eyakha izimilo zababukeli abamnyama. Uwina nevoti lethu ngoba uneminyaka engu-39 kanti usezakhele igama emlandweni wababhali bamafilimu baseMelika abamnyama. Ngonyaka odlule wavula iTyler Perry Studios, istudiyo sokuqala somuntu omnyama esiseMelika. Okuhlaba umxhwele kakhulu wukuthi uTyler akanankosikazi kanti akakaze ashade. Hallelujah, izintokazi ezifuna umendo zingahlalela ethembeni!
Bambalwa abantu abangazishaya isifuba ngempumelelo yabo emculweni, kwiTV nangokudlala emafilimini njengoba kwenzeka kuMnuz. Smith. Maningi amaGrammy asewawinile emculweni kanti ungomunye wabaculi be-rap ababili abaqokelwe ukuwina ama-Oscar ngokudlala kwabo. Uyena kuphela umdlali osedlale emafilimini ayisishiyagalombili aphambili eMelika. Uma kune-movie ekhuluma ngempilo kaBarack Obama onguMongameli waseMelika, nguSmith oqokwa kuqala ukuba adlale leyo ndawo. Uma ubheka ithalente kanye nempumelelo yakhe, kuvele kuphele amazwi okumchaza.
Sebephumelele – noma basendleleni ebheke empumelelweni – kanti amandla abo akapheli
Lo mculi ocula iR&B akagcini ngokuba nekhono lokucula nje kuphela kodwa uyakwazi nokudlala kuma-movie. Wahlanyisa umhlaba wonke ngengoma ayibhalela uBeyoncé ethi Irreplaceable wasiza noRihanna ukuze aqhakambise ithalente lakhe ngengoma ethi Unfaithful. Ukucula kwakhe ngayedwana kwambeka kwelinye izinga emculweni ngesikhathi ekhipha ingoma yothando ethi So Sick kanti izingoma zakhe zihlale ziphezulu ohlwini lwezingoma eziyintandokazi. Njengoba ama-albhamu akhe ethengwa, ebhalela abanye abaculi izingoma ezimnandi abuye adlale emafilimini, kubukeka sengathi le nsizwa izohlonishwa kakhulu eHollywood. Phezu kwalokho, kumele simethulele isigqoko umuntu oneso lokubona ithalente lezintokazi.[z]
