zulu.2909.Mzekezeke
Ngabe bangumuntu oyedwa?
UKUZIFIHLA kukaMzekezeke kwamenza ‘waphenyeka izinqe’ ngesikhathi evela enkantolo yaseRandburg kulandela ukuxabana nowesimame eSandton Square. I-mask ayeyifaka esazakhela udumo emculweni we-kwaito, kubukeka isiyaphelelwa yisikhathi.
Ngamlinda cishe isikhathi esingaphezu kwehora enkampanini yakhe yokuqopha e-Auckland Park.
Le nsizwa engomunye wabasunguli beTS Records futhi eyayinguDJ weYFM neyayingumethuli wohlelo iFriends Like These uSibusiso Leope odume ngelikaS’bu, yafika yangixhawula yathi: “Ngiyaxolisa, bese ngikhohliwe ukuthi sihlele ukubonana.”
Njengoba eseshiye phansi esiteshini iYFM, usegxile kakhulu emsebenzini wakhe wokuqopha.
“Ngesikhathi imenenja entsha yesiteshi uBondo Ntuli eqokwa, wafika nezinguquko nokuchaza ukuthi ngangizosuka ohlelweni luka-3pm - 6pm ngihlehlele kweluka-6pm - 9pm.
“Kodwa okunye okwakungikhathazile wuzakwethu owayekade eshayela uhlelo luka-6pm - 9pm ngoba kuyena akufananga nakimi enginayo enye indlela yokuziphilisa, uhlelo lwakhe yiyonanto kuphela eyayimphilisa.”
Kodwa uS’bu wakwazi ukuvuka azithathe. Usanda kuqashwa Okhozini FM ukuba ashayele uhlelo lwasekuseni, kanti iCD yakhe ayikhipha ngonyaka odlule iY-Lens ayisusele ohlelweni lwakhe ayelushayela kwiY-fm isanda kuthengisa ifinyelele ezingeni le-platinum. Le-CD ingenye yagaqele umklomelo we-song of the year kumaSAMA kulo nyaka.
Ngokwakhe uS’bu uthi uhlelo lwantambama yilona hlelo okwakungolwakhe. “Ngalusebenzela kanzima lolo hlelo. Ngangivame ukwenza elaphakathi nobusuku kuze kube sekuseni ngentathakusa ngesikhathi ngiqala kwiYFM ngasebenza ngakhuphuka kusuka lapho.
PHEZU kokudaluleka kwemfihlo yakhe kulandela ukuvela kwakhe enkantolo, kodwa akaphumeli obala uma umbuza ukuthi ngabe nguye yini uMzekezeke - isihlabani se-kwaito nosaziwayo weTV. Kwenzeka kanjani ukuba ngesikhathi uMzekezeke esememezela ukugcina kwakhe ukubonakala emphakathini ecula kwaqondana nesikhathi lapho uS’bu onguDJ ememezela ukushiya kwakhe kwiYmf?
Kule mibuzo uS’bu wavele waphela yinsini. “Kusho ukuthi kwaqondana.”
Kungani nasungula uMzekezeke? “Sethula uMzekezeke kwezomculo ngoba sasifuna ukuba labo bantu abacabanga ukuthi ayikho into abangayenza ngenxa yokungakwazi ukukhuluma isiNgisi, noma bengenazo izingubo ezinhle zokugqoka, babone ukuthi ayisebenzi into enjalo,” kusho yena.
“Umqondo ekusunguleni uMzekezeke kwakungukukhuthaza ukuzithemba kubantu.”
US’bu uthi uMzekezeke kwakuqondwe ukuba akhiphe i-albhamu eyodwa kuphela, kodwa wadonsa amehlo abaningi kangangoba inkampani yokuqopha yabona ukuthi ayikho into engayenza yaqhubeka yakhipha enye i-albhamu.
“Kodwa uMzekezeke maduze nje uzoba nohlelo lwakhe azolushayela kwiSABC 1,” esho echaza ukuthi abeTS sebebone kungcono babuye bazibandakanye nakuma-shows eTV.
Lolu hlelo lwakhe iSifuna Ukwazi kuzoba ngelokuqala kulo msebenzi wabo. Luzobe ludingida izinto ezifana noBlack Economic Empowerment.
“Uma ubuza abantu ukuthi iyini iBEE, bakutshela ukuthi abantu abahamba ngezimoto eziphezulu,” kusho uS’bu.
“Le-show yiyo ezokwazi ukukhanyisela umphakathi ngezinto ezinjalo.”
U’SBU wakhulela eThembisa eWela Mlambo nokwathi emva kwalokho wayohlala eHospital View eDaveyton. Wakhuliswa wugogo wakhe behlala bebaningi endlini yaselokishini kunabashana nabazala abangu-8, kodwa manje usezithengele indlu kanokusho enyakatho neGoli.
Njengoba manje esenendawo enkulu evulekile, lo somabhizinisi osemncane uchitha isikhathi sakhe ekhaya nabangani noma ezidlalela amaTV games.
“Lokho ngikwenza uma ngingasebenzi noma ngingaphromothi abaculi besitebela sami,” kusho uSbu.
US’bu waphasa u-matric wakhe eCentral Secondary School ePitoli ngo-1993, waqhubeka wayokwenza i-electrical engineering eWits Technikon.
Waqla ukuzibonakalisa ngesikhathi esebenzela isiteshi somphakathi eThembisa nokuyilapho enza uhlelo lwantambama kwaze kwaba nguJuly 2000. Ngesikhathi esebenza njenge-technician yakwaTelkom ngo-August ngawo lowo nyaka, uLeope wathola umsebenzi kwiYfm. Wayenguphrojusa futhi engumethuli wohlelo olwalubizwa ngokuthi yiBeauty And The Beast.
“Ukusungula inkampani yokuqopha kwakulokhu kuyiphupho lami kusukela ngisemncane.” KwiYFM kulapho ahlangana khona nabambisene naye ebhizinisini uThembinkosi Nciza, odume ngelikaTK.
Empeleni uNciza owabonisana noS’bu ngokuba basungule inkampani yokuqopha - nokwaholela ekusungulweni kweTS Records.
Akuzange kube buhlungu ukuthi ukusungulwa kwenkampani yokuqopha kwaba yisikhathi esifanayo lapho uMzekezeke aqala ukuzakhela igama ebiza abasakazi beYFM abakhulumise emoyeni kodwa bona bengazi ukuthi basemoyeni. [z]
BONA ZULU – May 2007
Sambuza ukuthi ngabe nguye yini uMzekezeke, wavele waphela yinsini…
indaba nguTEDDY GOMBA izithombe nguROBERT TLAPU
US’bu ngezinhlelo zakhe zekusasa - uzimisele ngani uMzekezeke ngalezi zinsuku…
Indoda eyayi- ngemumva
kwe-mask
US’bu usebuyele emoyeni njengoba eseshayela uhlelo lwasekuseni i-breakfast show Okhozini FM.
Maduze nje uMzekezeke uzoshayela uhlelo kwiTV lapho ezobe ekhuluma ngezinto ezithinta umphakathi.
BONA ZULU – May 2007
