ZULU.2885.ourworld
SIBHEKA
EMUVA
NAMPA ABAWINA…
AmaSAMA: I-14th South African Music Awards yayiseSun City Superbowl ngoMay 3. Kwawina nalaba:
■ Song Of The Year (ekhethwa abantu): iMaputo Song kaDJ Sdunkero.
■ Best Male Artist:
Hip Hop Pantsula (Acceptance Speech)
■ Best Group/Album Of The Year:
Freshlyground (Macheri)
AmaGRAMMY: I-Soweto Gospel Choir yawina iGrammy yayo yesibili eminyakeni emibili ngoFebruary 10 ngesikhathi i-albhamu yayo ethi African Spirit iqokwa njengeBest Traditional World Music Album.
UMHLABA WETHU – ISIPESHELI
Izinguquko kwezepolitiki, ukongiwa kukagesi kanye nokukhuphuka kwamanani kaphethiloli, imidlalo yama-Olympics esaphoxwa kuyona yiQembu laseSA elingadlalanga kahle kodwa isithunzi sethu sabuyiswa yiqembu lamaParalympics, inkinga yezezimali ekhungethe umhlaba wonke, umongameli waseMelika wokuqala omnyama, ukushona kwengqalabutho emculweni eSA – u-2008 ubungomunye unyaka
OSAZIWAYO ABASENKINGENI
■ NgoMarch 1, uMandoza washayisa iVW Jetta ehamba ngeChrysler Crossfire yakhe eGoli. Kwashona abantu ababili kuleyo ngozi. Akuzange kuhlolwe gazi nakuba kwakunamahlebezi okuthi wayephuzile, ngenxa yalokho lo mculi we-kwaito wayengeke aboshelwe icala lokushayela ephuzile. Lolu daba silubhale ebhekene namacala amabili okubulala engahlosile.
■ U-Doctor Khumalo owayedlalela iBafana Bafana nabanye abane balimala ngesikhathi iBMW yakhe emnyama ishayisana ne-minibus ku-N1 ngaseSoweto ekuseni ngeSonto ngoMay 4.
Le ngozi yasehlisa isithunzi sikaKhumalo ngoba kwatholakala ukuthi wayenowesimame okwakungesiye unkosikazi wakhe emotweni.
Igama lalowo wesimame kwakunguLizzy Moloto kanti nakuba kwasetshenziswa izindlawu ekhishwa kwiBMW, washaya wachitha wanqaba ukukhuluma namaphoyisa.
UPhil Masinga, owayelandela uKhumalo noLizzy ehamba ngemoto yakhe “nomngani wesimame,” kuthiwa uyena owabalekisa owesimame owayenoKhumalo. Icala lisaqhubeka kanti uKhumalo ubhekene namacala okushayela budedengu nokushayela ephuzile.
■ Ngesikhathi uBrickz ocula i-kwaito (igama lakhe langempela nguSipho Ndlovu) ejoyina iTS Records ngo-August, abanikazi bale nkampani, uDJ Sbu noTK Nciza bamthumela lapho kusizwa khona abasebenzisa izidakamizwa.
“Ngeke ngibadumaze. Ngicishe ngalahlekelwa yithalente lami nempilo yami ngenxa yezidakamizwa,” kusho yena kwiSowetan. Wavuma ukuthi wayechitha u-R2 000 ngobusuku obubodwa kwi-cocaine.
Ngabe wasizakala ngempela? Ngeke sazi ngoba ngoNovember 14, kwabikwa ukuthi washaya oyi-stripper e-nightclub ephuzile.
BASHADILE
U-Salamina Mphelo ongumdlali noTshepo “Howza” Mosese ongumdlali nomculi we-kwaito (ngoSeptember).
U-Bridget Masinga ongumdlali noThabiso Khati ongusomabhizinisi (ngoMarch).
BATHOLA ABANTWANA
▲UMshoza ocula i-kwaito.
U-Joan Ramagoshi owayenguMiss SA 2003.
BAKHANGISA NGEMIKHIQIZO
■ Wathola izigidi ngezigidi zamarandi uTerry Pheto weTsotsi ngesikhathi enikwa umsebenzi wokukhangisa ngemikhiqizo yakwaL’Oreal ngoJuly 31.
Le nkampani eyenza izinto zokugcoba yathweswa icala “lokushintsha” ibala lesikhumba sikaBeyoncé sazibuza ukuthi ngabe kuzokwenzekani kwesikaTerry wethu.
Ngabe kuyiqiniso ukuthi abakwaL’Oreal bathi akahlukane noDJ Sbu ngoba akasiye owesilisa abathanda ukumbona enaye?
■ Ngo-August 15, uConnie Ferguson wakhethwa njengozokhangisa ngokhilimu wakwaGarnier i-Even And Matte.
WALIWA!
U-Slikour um ‘rapper’ weSkwatta Kamp (onguSiyabonga Metane) wamangaza abalandeli bakhe ngo-October 3 ngesikhathi ala uBonang Matheba owethula uhlelo lweTV kwiFacebook.
“Ngiyabonga ngezilokotho zenu ezinhle kodwa emva kokucabanga kahle nokubonisana nomndeni wami ngithathe isinqumo sokuhlukana noBonang. Ngalokho angisho ukuthi lahlani ithemba ngothando...” umlayezo wawufundeka kanjalo.
UBonang owayedinwe egane unwabu watshela iSunday World ukuthi wayengazi ukuthi uSlikour umale kwiFacebook. Waze wezwa ngomngani wakhe.
Kodwa abanye bathi makangasolwa uSlikour ngoba wayeziphindisela kuBonang owayengathembekanga kuyena.
IZI-NGOMA EZIDLE UBHEDU NGO-2008
■ 2 by 2 – Rythmic Elements
■ Qolo – DJ Vetkoek vs Mahoota
■ Ndikhokhele – Jub Jub
■ Ubala – Big Nuz
■ Ngeke Ngiphinde – Jaziel Brothers
■ How Low Can You Go? – Bleksem
■ Umsindo – Slikour
■ Money Maker – Smallz
■ Uyangi Seducer – DJ Cindo
■ Wavele Wayidedela – L’Vovo
■ Tippy Toes – Da L.E.S.
AMA-OLYMPICS
Emidlalweni yama-Olympic eyayibanjelwe eBeijing, ePeople’s Republic Of China kusukela ngo-August 8 kuya ku-August 24, babengu-
10 500 abagijimi ababeqhudelana ezigabeni ezingu-302 zemidlalo engu-28. Umcimbi wokuvulwa kwale midlalo wawumuhle kakhulu, kodwa iQembu laseSA lasidumaza. Sabuya nendondo eyodwa kuphela.
Sasizwa nguKhotso Mokoena ngaleyo ndondo ngoba wenza u-8,24m kwi-long jump wawina indondo yesiliva.
KumaParalympics, ayebanjelwe eBeijing ngoSeptember 6 kuya kuSeptember 17, kwenzeka okwehlukile ngesikhathi iqembu elalibizwa ngamaKrokokroko libuyela ekhaya nenqwaba yezindondo, uNatalie du Toit wabuya nezinhlanu zegolide, u-Oscar Pistorius wabuya nezintathu.
UMHLABA WETHU – ISIPESHELI
I-MTN8
Amathikithi alo mqhudelwano adayiswa aphela lingakapheli isonto edayiswa kanti abalandeli babewubheke ngabomvu umdlalo wamanqamu eMTN8 phakathi kweMamelodi Sundowns neKaizer Chiefs owawuzoba se-ABSA Stadium eThekwini ngoSeptember 20. Izulu lana! Njengoba inkundla yayigcwele amanzi, umdlalo wahlehliselwa kuSeptember 23 – iChiefs yawunqoba lowo mdlalo yahlula iDowns ngo-4-3 sekushaywa ama-penalty yawina u-R8 million.
UMDLALI WONYAKA
WE-PSL
UTeko Modise (Orlando Pirates)
UMDLALI OWASHAYA AMAGOLI AMANINGI
U-James Chamanga (Moroka Swallows): 14 amagoli.
I-PSL
Ekuqaleni kwesizini ka-2007/08, abalandeli beSuperSport United bakhala ngoGavin Hunt emva komunye umdlalo bathi akaxoshwe ngoba leli qembu lalinamaphuzu amane kuphela emidlalweni yalo yokuqala emihlanu yePSL.
Kodwa lo mqeqeshi oneminyaka engu-44 owazalelwa eCape Town wabakhombisa ukuthi banephutha iSuperSport yawina iligi okokuqala eminyakeni engu-14 yasungulwa ngoMay 18.
BAWINE KANE IZIKHATHI ZILANDELANA
Nakuba iqembu lesizwe iBafana Bafana like lathola ukugxekwa, libukeka lisemgqigqweni omuhle manje! NgoNovember 19 lawina okwesine izikhathi zilandelana ngesikhathi lishaya iCameroon ngo-3-2. UTeko Modise wafaka amagoli amabili, uBernard Parker washaya elesithathu emva kokuba iCameroon isifake awayo amabili.
IBHOLA LOMHLABA
I-AFRICA CUP OF NATIONS: NgoFebruary 10 iCameroon yashaywa yi-Egypt ngo-1-0 kwifayineli eyayise-Ohene Djan Stadium e-Accra eGhana. IBafana Bafana yaphuma ngomjikelo wokuqala, yadlala i-draw ka-1-1 ne-Angola neSenegal yashaywa yiTunisia ngo-3-1.
I-UEFA CHAMPIONS LEAGUE: Kwifayineli kwakudlala iManchester United neChelsea kanti kwakuqala ngqa emlandweni weChampions League ukuthi kudlale amaqembu amaNgisi kuphela kwifayineli. Ifayineli yayiseLuzhniki Stadium eMoscow ngoMay 21 kanti iManchester United yawina ngo-6-5 sekushaywa ama-penalty emva kokudlala i-draw ka-1-1 esikhathini esengeziwe.
Izithombe: GALLO
I-WORLD PLAYER OF THE YEAR
U-Cristiano Ronaldo dos Santos Aveiro, oyi-winger kwiManchester United nasePortugal, waqokwa njengeFIFPro World Player Of The Year ngoMsombuluko ngo-October 27.
I-FIFPro yinhlangano yabadlali abakhokhelwayo emele umhlaba wonke.
“Kuyamangalisa ukukhethwa ozakwethu esidlala nabo emhlabeni wonke abangaphezulu kuka-50 000,” kusho lo mdlali oneminyaka engu-23.
HAPPY BIRTHDAY, MADIBA
Ngesikhathi umndeni nabantu bendawo bezihlalele ngokuthula noMadiba ngoJuly 18 eQunu, umcimbi omkhulu wenziwa kunguMgqibelo. Ohlwini lwezicukuthwane ezingu-500 singabala owayengumongameli wezwe uThabo Mbeki, umongameli we-ANC uJacob Zuma, owayengumongameli waseZambia uKenneth Kaunda, iSilo samaBandla uBhejane Phum’esiqiwini, iNkosi yamaMpondo uZwelonke Sigcawu namalungu esigungu esikhulu se-ANC.
IZINSUKU ZOBUMNYAMA
Ukuhlaselwa kwabokufika kwaqala ngomhlaka 11 May e-Alexandria kwenabela eCape Town naseThekwini. Bangaphezu kuka-50 ababulawa kwalimala amakhulu ngamakhulu kwashiswa nemizi ezigamekweni ezafunza ezesikhathi sobandlululo.
UMHLABA WETHU – ISIPESHELI
ONOBUHLE BOMHLABA
Umncintiswano kaMiss World 2008 nokungoka-58 usanda kubanjelwa eSandton Convention Centre eGoli ngoDecember 13. I-South Africa yayimelwe nguTansey Coetzee.
UKUVIVINYWA KWENTANDO YENINGI
Umongameli uThabo Mbeki wamemezela ukwesula kwakhe ngomhlaka 21 September emva kokuba iNEC ye-ANC ithe ngeke isameseka ephalamende. Lokhu kwaqhamuka emva kokuchithwa kwezinsolo zenkohlakalo ezazibekwe kumongameli we-ANC uJacob Zuma emva kokusoleka kokugxambukela kukaMbeki.
NgoSeptember 25 uKgalema Motlanthe waba ngumongameli obambile.
I-SA yanconywa kakhulu ngendlela yesizotha nenokuthula okwashintshwana ngayo ngamandla okuphatha. ULekota waqembuka kwi-ANC wamemezela nokusungula iqembu elisha lezombusazwe ngoNovember 1.
NGABE YISIQALO ESISHA?
Kwaqopheka umlando ngoNovember 5 uBarack Obama (47) eba ngumongameli wokuqala omnyama eMelika. “Kulabo abanesifiso sokucekela phansi umhlaba, sizobanqoba,” kusho yena enkulumweni yakhe yokunqoba. Uthatha ngaphansi kwesimo somnotho esingesihle kusukela ngeminyaka yo-1930, izimpi e-Afghanistan nase-Iraq nendaba yezikhali zembubhiso e-Iran.
HAMBA KAHLE,
MAMA AFRICA
UMiriam Makeba wedlula emhlabeni ngoNovember 10 eneminyaka engu-76 emva kokuhlaselwa yinhliziyo ekhonsathini elalise-Italy. Ngokubizwa ngo“Mama Africa” waphawula kanjena: “Abantu abanginika lelo gama. Ekuqaleni ngathi: ‘Kungani befuna ukunginika leso sibopho sokuthwala izwekazi lonke?’ Ngabona ukuthi lokho bakwenza ngothando, ngakwemukela.”
Izithombe: GALLO
SIYABAKHU-MBULA…
■ UVuyo Mokoena: Ngumculi woKholo owedlula emhlabeni ngoMay 23. Wangeniswa esibhedlela emva kokuphathwa yikhanda. Ukuhlolwa kwakhe kwakhombisa ukuthi unehlumela ebuchosheni.
■ UJabulani Ndaba: UJabu wedlula emhlabeni ngesifo seTB ngoJuly 14. “Wangifundisa ukubaluleka komndeni,” kusho uzakwabo eqenjini leMalaika uBongani Nchang enkonzweni yesikhumbuzo somngcwabo eyayihanjelwe abantu abangu-400. “Wayengumuntu onomusa. Enhliziyweni yami kunesikhala esingavalwa nguye kuphela.”
■ UFeziwe Radebe (34) owayengumkaLucas Radebe owayengukapteni weBafana neLeeds United - wedlula emhlabeni emva kokuhlaselwa wumdlavuza ngo-October 18. Walwa nalesi sifo iminyaka emine.
Abanye abantu abadumile abedlula emhlabeni kulo nyaka ngumdlali wamafilimu owayengusomahlaya uBernie Mac (Aug 9); umculi u-Isaac Hayes (Aug 10);
uLevy Mwanawasa owayengumongameli waseZambia (Aug 19)
