zulu.2880.newbeauty
seMascara
EZOBUHLE
Isimanga
Bingelela uNyaka oMusha ngezinkophe ezikhangayo usebenzisa ithuluzi elibalulekile lochwepheshe bezobuhle i-mascara...
KWAKHA umqondo ukuba kube khona izinhlobo ezimbili zama-mascara - ejwayelekile neyi-waterproof, kunjalo? Empeleni ziyisithupha. Bheka lezi zinhlobo ukuze ubone ukuthi iyiphi ekufanele:
■ Eyelulayo: Lena iyona edumile ngoba ngokufaka eningi ezinkopheni zakho, ikakhulu ekugcineni, izenza zeluleke.
■ Izenza zibe zinkulu: Le mascara yenza izinkophe zigqame zibe lugqinsi zibonakale kalula.
■ Eziphothekile: Le mascara ihambisana nebhrashi kodwa uma ungafuni ukukuthenga lokhu, ungazenza ubukeke ngendlela efanayo lapho usebenzisa i-eyelash curler (R9,95, Dischem Stores).
■ E-Waterproof: Lena ayingenwa amanzi. Akufanele uyifake nsuku zonke.
Iseluleko: Ukuvikela izinkophe zingaphuki, zigcobe ngoVaselina ngaphambi kokuyolala njalo ebusuku.
■ Engenamabhamuza: Le-mascara inendawo yokugcoba ebanzi kunokujwayelekile nokuyinto ekwenza ukwazi ukugcoba indawo enkulu.
■ Iyazondla: Ezinye izindawo ze-mascara zokugcoba zinamasayidi amabili - elimnyama nelimhlophe. I-mascara emhlophe yiyo efakwa kuqala ukuze izondle, izenze zibe zinde futhi ziqine.
Faka i-mascara njengochwepheshe ngezindlela ezintathu ezilula
1. Phendula isonjwana le-mascara kusuka kwesobunxele kuya kwesokudla uvale amehlo. I-mascara izokwenza izinkophe zakho zibukeke zizinde.
2. Hambisa isonjwana phezu kwezinkophe zakho.
3. Vala iso elilodwa. Sondeza isonjwana le-mascara ngakwelinye iso bese ulihambisa ezinkopheni ukuze kusuke amabhamuza.[z]
Indaba: Charis Dawson
Ama-mascara angu-3 athengisa kakhulu
UCandice Moonsamy wakwaRed Square eLa Lucia Mall eThekwini wanika abakwaBONA amagama ama-mascara abo angu-3 athengisa kakhulu.
1. Estée Lauder MagnaScopic (R195). I-Maximum Volume Mascara eyenza izinkophe zibe zinhle.
2. Clinique Lash Power (R130). Yenza izinkophe zibe zinde zigezeke kalula ngamanzi afudumele.
Izeluleko
■ Ukugwema amabhamuza, sula ingaphambili le-mascara nge-tissue ususe eningi.
■ Ukuze ziphotheke izinkophe, sebenzisa i-eyelash curler ngaphambi kokufaka i-mascara. Lokhu kuzokwenza amehlo abukeke emakhulu.
■ I-mascara kufanele yanele kwi-mascara tube bese uyiphendula. Ungalokothi uvele udonse isonjwana ngokushesha. Lokhu kuzofaka umoya komise i-mascara.
Enye edumile
UCandice ngokwakhe uthi iClarins Wonder Volume (R190). “Ayizenzi zibe zinde kuphela kodwa futhi iyazigqamisa.”
3. L’Oreal Telescopic (R134). yenza izinkophe zibe zinde zithambe kahle.
