zulu.2877.Shwi
Bazinikele emculweni
BONA ZULU - February 2006
UShwi noMtekhala yiqembu elibophele izinsizwa ezimbili ezishaya into ecokeme emculweni kamaskanda othengwa ubuthaphuthaphu...
USHWI noMtekhala bathi abanendaba neyokuba yizihlabani. "Asilindele kutuswa ngomculo wethu. UNkulunkulu okumele Atuswe ngoba Uyena osibhalela wona," kusho bona.
I-CD yabo entsha idayisa amakhophi angaphezulu kuka-25 000 ngenyanga. Le CD ethi Wangisiza Baba idlalwa kuzo zonke iziteshi zemisakazo ezweni.
"Lokho kukhomba ukuthi abathenga umculo wethu bayakhula," kusho uDJ Linda Sibiya. UShwi noMtekhala bacula ngezinto eziyinkinga empilweni. Umucu wabo othi Ngafa, ukhuluma ngesibindi sendoda eyathelelwa yintombi yayo ngeHIV.
Inhloso yale ndoda, wukufuna owesilisa owathelela le ntombi ngalesi sifo ukuze angaqhubeki nokusifafaza athelele abanye.
NgokukaSibiya, udumo lwaleli qembu lukhomba ukuthi abantu bayawuxhasa umculo wesintu.
UShwi uneminyaka engu-32 kanti uMtekhala uno-35. Baqala bebancane ukucula ndawonye eMsinga.
EGoli bafika eminyakeni engu-17 edlule bengazi muntu bengazi nokuthi yini abangayenza ukuze baziphilise ngethalente labo. Babehlala eKatlehong bebulawa yindlala ngesikhathi sombuso wobandlululo.
Inkampani ababezoqopha nayo bayithola emva kokucula emashibhini nasemahhotela.
"Isimo sasike sibe nzima. Kodwa asililahlanga ithemba. Injongo yethu kwakungeyokucula futhi kungekho okwakuzosivimba," kusho uMtekhala.
I-Soul Brothers yiqembu elizakhele olukhulu udumo kowomgxobanyawo eminyakeni engu-30 edlule kanti umculo wabo wombhaqanga bawunonga nge-keyboard. NoShwi noMtekhala babukeka bezohamba ezinyathelweni zaleli qembu.
Manje sebefaka ne-pop emculweni wabo ukuze uhehe abalandeli bayo yonke iminyaka.
Emucwini othi Ngafa, kuzwakala isigqi sengoma yesihlabani saseMelika esinguMarvin Gaye esingasekho eyaduma ngo-1972 ethi Sexual Healing.
Lezi zinsizwa zisasebenza ngokuzikhandla phezu kwempumelelo yazo.
Ngo-2005 zabhekwa elakubo kanti okwenzeka empilweni yazo kusazimangaza namanje. Ziyazi nokuthi udumo lwazo lungenxa yendlela okumakethwa ngayo umculo wazo nethalente lazo.
Ngo-2003 iCD yabo eyayithi Dustbin, yadayisa amakhophi angu-8 000 kuphela kodwa ngayo bakwazi ukuthola inkontileka yokuqopha ngaphansi kweBula Music. U-Harvey Roberts ongumqondisi kule nkampani waphrojusela izihlabani ezinjengoBrenda Fassie, Ringo noRebecca.
Kodwa okukaShwi noMtekhala, kwathanda ukumxaka uHarvey. "Ngangiwungabaza umculo wabo," kusho yena.
"Umculo ka-maskanda wawuthathwa njengomculo ofayo. Kodwa lezi zinsizwa zakhombisa elikhulu ikhono. Ngazithanda izingoma ezikwiCD yazo ethi Wangisiza Baba.
"Ngangithi mhlawumbe i-albhamu yazo izodayiswa amakhophi angu-25 000. Okusho ukuthi sawenza kahle umsebenzi wethu sabathola bonke abalandeli bomculo kamaskanda.
"Bayagcwala emakhonsathini kanti bayayithenga neCD.
"Sakwenza okwakumele sikwenze, kodwa abaculi abayenze yaba yimpumelelo leCD," kuqhuba uHarvey.
Laba baculi esasixoxisana nabo sise-boardroom yaseBula Music, abazithwele nakancane. UMtekhala wayegqoke ishethi lakhe eli-maroon nebhulukwe, uShwi egqoke i-vest elimhlophe, i-jean nekapisi.
"Imali yethu asiyisebenzisi ezimotweni nasezimpahleni zokugqoka," kusho uMtekhala. "Obaba bethu sebedlula emhlabeni, ngakhoke imindeni yethu isibheke thina. Yithina esesingobaba emakhaya."
UShwi uthe: "Sesiqalile ukubhala izingoma ezizoba kwi-albhamu yethu elandelayo kanti uma abalandeli beyithandile, sizoqhubeka sisebenze kanzima ukuze sibathokozise.
"Asiziboni singcono noma sibakhulu kunabalandeli bethu. Siseyingxenye yabo nokuyiyona into enhle ngomsebenzi wethu."[z]
"Izingoma zethu sizibhalelwa nguNkulunkulu," kusho uShwi noMtekhala.
indaba nguDOUG GORDON
Bafakazela ukuthi "owesintu" uyathengwa
KWESOKUDLA: Bathola umklomelo ngeCD yabo yakamumva eyadayisa amakhophi angaphezulu kuka-200 000.
BONA ZULU - February 2006
