zulu.2867.easter
Ezentengiso
Phupha kahle
Lala ngokunethezeka kulamaholidi
YISIKHATHI semishado, izinkonzo, amaphathi noma sokuvakasha lesi…
Sekuyisikhathi sePhasika kanti nawe usulindele izivakashi ezizofika ekhaya lakho.
Nizoshaywa wumoya niye olwandle, epaki noma e-shopping mall emini. Kodwa kuzolalwa kanjani uma sekuhlwile, kuyilowo nayilowo esehlaselwe wubuthongo?
Uma kukuhlula ukucela izivakashi zakho ukuba ziziphathele okokulala uma zivakashile, ngabe awulali ucabanga ukuthi uzozilalisa ngani? Noma uhlushwa wukungazi ukuthi uzowufudumeza ngani umndeni wakho kulobu busika?
Kunokuthi uqwashe ucabanga ngalezi zinto, vele uhlele ibhajethi yakho uvakashele isitolo sakwaPEP esiseduze nawe ubheke okokundlala embhedeni nobhulankethi babo. Ungazikhokhela ngokheshi lezo zimpahla noma uzithenge nge-lay-by.
Ngale ndlela uzolala obumnandi ubuthongo ungenaxhala lokuthi unesikweleti okumele usikhokhe ngezimpahla zakho…
Hamba nezimpahla zakho ukhululekile! [z]
BONA ZULU – April 2006
amaresiphi nezindlela zokuhlela ngabakwaGEMINI FOOD PROMOTIONS
isithombe nguKIM THUNDER
Chocolate Easter Treats
Udinga:
ama-chocolate Easter moulds (atholakala ezitolo zokubhaka)
cooking chocolate (white and milk)
i-food colouring ephuzi eyimpuphu
amabhrashi
Indlela yokwenza
1. Qiniseka ukuthi ama-moulds ahlanzekile futhi omile. Epanini ncibilikisa i-white chocolate kuqala. Faka encane ephuzi. Sebenzisa ibhrashi elomile upende ngaphakathi izinto ezifana nezimbali nemicibisholo ukomise imizuzu engu-10. (Kuzoshesha uma ukufaka efrijini.)
2. Ncibilikisa i-milk chocolate uyifake kuma-moulds acishe agcwale. Beka ohhafu ababili ndawonye bese usebenzisa amaphekisi ezingubo ukukubamba. Phendula i-mould ukuze uqiniseke ukuthi u-chocolate usabalale yonke indawo. (Phendula izikhathi eziningi lapho usawomisa noma uwufake efrijini.)
3. Uma u-chocolate usuqinile, ukhiphe kahle kuma-mould.
Kubiza: R10
Kuphuma 4-6 amaqanda
Crackle Eggs
Udinga:
amaqanda abilisiwe
i-food colouring
Indlela yokwenza
1. Tshela izingane zishaye amaqanda kancane ukuze achachambe. (Ungawasusi amagobolondo.)
2. Faka amaqanda endishini enamanzi ane-food colouring imizuzu embalwa.
3. Ahlambulule kancane ngamanzi. Ebula amagobolondo ukuze ubone iphethini.
Kubiza: 80c iqanda
Elastic Eggs
Udinga:
amaqanda abilisiwe (kungcono uma emhlophe ngombala)
ama-elastic bands
i-food colouring
Indlela yokwenza
1. Bopha amaqanda ngama-elastic bands uwaqinise ukuze kwenzeke iphethini.
2. Cwilisa amaqanda kwi-food colouring imizuzu embalwa. Susa ama-elastic bands ukuze kubonakale ukuhlobiseka.
Kubiza: 85c iqanda
Bunny Biscuits
Izithako
1/2 inkomishi (125ml) imajarini
1 inkomishi (250ml)
i-caster sugar
1 i-teaspoon (5ml) i-vanilla essence
1 iqanda
2 ama-teaspoon (10ml) ubisi
1 1/2 izinkomishi (375ml) ufulawa i-self-raising
1 inkomishi (250ml) i-cake flour
Indlela yokwenza
1. Endishini phehla imajarini, ushukela ne-vanilla essence. Shayela phakathi iqanda nobisi. Faka ufulawa ukuxove. Kufake efrijini imizuzu engu-30.
2. Ebhodini elibhuqwe ngofulawa kwendlale ukusike kumise okonogwaja.
3. Kubhake kuhhavini ongu-180oC ukushisa imizuzu engu-10-15. Kupholise kancane, ukukhiphe emathreyini.
4. Ukuhlobisa onogwaja, thela isipuni (15ml) sobisi oluhwamukile ufake esosweni, ufake i-food colouring, iconsi ngeconsi umbala uze ube yilento oyifunayo. (Hlanganisa imibala eminingi ngokuthanda kwakho). Penda izingubo nobuso konogwaja.
Kuphuma 10-15
Kubiza: R14,67
Easy Crayon Eggs
udinga:
amaqanda abilisiwe (kungcono amhlophe)
ama-crayons namapeni
i-food colouring
Indlela yokwenza
1. Vumela izingane zihlobise amaqanda ngama-crayons namapeni. Zixwayise zingacindezeli kakhulu ngoba amagobolondo amaqanda ayingcuphe.
2. Chela izindishi zamanzi nge-food colouring. (Ifake ishube.) Faka amaqanda ahlotshisiwe kwi-food colouring imizuzu engu-5-10. Acwenge bese uwambambatha nge-paper towel ukuze ome.
Kubiza: 80c iqanda
IPhasika yisikhathi sezibiliboco emindenini - amaqanda namakhekhe. Ake utende izingane ngalokhu okumnandi
Izibiliboco zePhasika
Easter Cake.
BONA ZULU – April 2006
Easter Cake
Izithako
1/2 inkomishi (125ml) imajarini
1 inkomishi (250ml) i-caster sugar
4 okweqanda okuphuzi
4/5 inkomishi (200ml) amasi
1 1/2 izinkomishi (375ml) i-self-raising flour esefiwe
1 i-teaspoon (5ml) i-baking powder
1 ikhathoni (250ml) u-cream ophehliwe (ngokuthanda kwakho)
Indlela yokwenza
1. Endishini shaya imajarini, ushukela nokweqanda okuphuzi.
2. Faka amasi, ufulawa ne-baking powder. Kuhlanganise kube bushelelezi. Thela ingxube ethinini eligcotshiwe eliyi-diameter engu-20cm.
3. Bhaka kuhhavini ongu-180oC imizuzu engu-50.
4. Uma sekupholile kuhlobise ngokhilimu ophehliwe nangama-chocolate eggs. Kubiza: R18,50 [z]
