ZULU.2858.legalsep
Uthini Umthetho
BONA ZULU - September 2006
Lolu sizo nilwethulelwa uBONA naboPhiko loFezela
Icala elingavamile
Umlisa mumbe ogama lakhe nguSolomon Barends wayeshela intombi yami. Wayeyishayela ucingo efulethini lami ayibhalele izincwadi ayinike izimbali nezipho. Ngamxwayisa ngokuba ahlukane nentombi yami wase engidinelwa. Wasuka lapho wayothi emaphoyiseni nginesibhamu esingekho emthethweni, afika amaphoyisa azosesha efulethini lami asithola isibhamu asithatha nami angibopha.
Ngagcinwa ejele amasonto amathathu ngaphambi kokuba ngithole ibheyili. Kuleli cala ngangimelwe wummeli owakwazi ukuveza ilayisensi yami yesibhamu esisemthethweni, ngaleyo ndlela ngatholwa ngingenacala ngakhishwa.
Ngesikhathi secala, ummeli wami wakwazi ukwenza uBarends ukuba avume ukuthi akayazi into ayengibophela yona.
Ngabe ngingamfaka icala uBarends"
EM, Joburg
lUma amaphoyisa ebophile, ukubopha kwawo kudalwe wumuntu ovule icala eqamba amanga, nawe ungakwazi ukuba lowo muntu umvulele icala ufune amademeshe.
Kuyacaca ukuthi uBarends wakubeka icala ngento engekho nokuyinto engenasizathu esiphathekayo ukuthi wayeyenziswa yini. Ukuboshwa kwakho kwakuhlukumeza kwakwenza wahlupheka.
Wachitha izimali ufuna ummeli. Ngakhoke imali owayikhokhela ummeli izoba yingxenye yamademeshe akho.
Kungenzeka futhi ukuthi walahlekelwa yimali okwakufanele ngabe yayikungenela njengoba wawungasebenzi ngesikhathi icala liqhubeka. Konke lokhu kufanele ukubale kumademeshe akho.
Okunye, igama lakho lonakala ngenxa yokuboshwa kwakho.
Ukulahlekelwa yisithunzi iyonanto engeke yabalwa njengezindleko ezinjengemali.
Lawo mademeshe yizinto esezingabhekelwa emva kocwaningo nasemva kokucutshungulwa okunzulu lapho sekubhekelwa isithunzi sakho nesikhundla sakho emsebenzini nasemphakathini.
Okunguyena muntu ofanele ukuqhuba lo msebenzi akunike nezeluleko, ngummeli wakho. Okufanele ukwenze kuqala wukuthola ulwazi nemininingwane egcwele ngalo Barends.
Ngabe uyasebenza" Uyalazi ikheli lalapho ehlala khona" Zikhona izimpahla anazo - njengemoto noma ifenisha" Uma izimpendulo zale mibuzo zingu yebo, ungaqhubeka nokufuna amademeshe.
Uma kungenjalo, mhlawumbe kungadingeka ukuba uvele ukhohlwe ngoba kuyacaca akukho ongakuthola, kodwa okungenzeka wukuba ulahlekelwe yimali yakho.[z]
Senze yonke imizamo yokuqiniseka ukuthi isiyalo enisitholayo siyiso. Kodwa konke okuthinta lolo hlobo lwecala kudinga ukucubungulisiswa, ngakhoke aboPhiko loFezela iScorpion Legal Protection (Pty) Ltd, abethimba elimele ukucubungula amacala nabakwaBONA nabashicileli bephephabhuku labo, ngeke babekwe icala ngokulahlekelwa kwaloyo oyosebenzisa lesi siyalo ngenye indlela.
Sibhalele: Ikheli lithi: BONA Legally Yours, Box 32083, Mobeni 4060. AbeScorpion bazonika wonke umuntu obhalele le ngosi yomthetho 'Uthini Umthetho' ivawusha yamahhala yemizuzu engu-30 yokubonana nommeli wabo kwelinye lamahhovisi abo noma baxoxisane ngocingo.
