zulu.2851.yourfamily_pregnancy
Ukuqinisekisa ukuthi
ingane yakho iphila kahle
Yazi ngezinto okumele zihlolwe uma ukhulelwe
UMA usuzwile ukuthi ukhulelwe, ufikelwa yilo mcabango: "Ngabe ingane yami izophila kahle?"
Manje ziningi izinto ezihlolwayo - lezo zinto zihlolwa ngaphambi kokubeletha - kanti ngazo kusuke kuhloswe ukubheka ukuthi ingane iphila kanjani.
Ezinye zalezi zinto zihlolwa ngokuzithandela komuntu. "Kodwa uma ukhathazekile, noma uke wahlangabezana nezinkinga ukhulelwe esikhathini esidlule, wukuhlolwa kwalezi zinto esizozibala okungakukhulula," kusho uDkt. Molebatsi Molefe owelapha izifo zabantu besimame esixoxisane naye.
Sibheka ezinye izinto ezimqoka okungenzeka uhlolwe zona:
Ukuhlolwa komchamo Kukhona uhlobo lwesifo sikashukela ongasithola ukhulelwe kanti ngokuhlolwa komchamo kusuke kubhekwa lokho. Emchamweni wakho kungabuye kubhekwe izifo ezingahlasela isinye namagciwane angaholela ekuzalweni kwengane kungakabi yisikhathi.
Emchamweni wakho kuhlolwa ne-pre-eclampsia, isifo esiyingozi esingenza ube ne-high blood ukhulelwe.
Ukuhlolwa kwegazi
Ngosuku lokuqala kwakho ukuxukuzwa, kuhlolwa negazi. Ukuhlolwa kwegazi yikona okukhomba ukuthi igazi lakho likuyiphi i-group nokuthi akuzukudingeka yini ukuthi welashwe uma kungukuthi igazi lakho lihlukile kwelengane yakho engakazalwa.
Egazini kubuye kubhekwe nokuthi igazi alishodi yini emzimbeni kuhlolwe ne-HIV.
I-blood pressure
I-blood pressure yakho iyagadwa ngesikhathi ukhulelwe. Kuvame ukuthi iBP yabakhulelwe yehle kanti uma iphezulu uyaqhubeka uhlolwe kubhekwe imbangela yalokho.
Isisindo somzimba
UDkt. Molefe uthi isisindo somuntu okhulelwe kumele sibe kanjena:
Uma umzimba wakho ungemkhulu: 12,5kg kuya 18kg;
Uma isisindo sakho silungele ubukhulu bakho: 11,5kg kuya ku-16kg;
Uma umkhulu: 7kg kuya ku-11kg.
I-ultrasound scan
Odokotela benza okubizwa nge- ultrasound scan ukuze bahlole ingane yakho bayikale babuye babheke nomzanyana bakale usayizi wawo nokuma kwawo.
Izinga lokukhula kwengane libonakala ngokukalwa kwayo kanye nobundilinga bekhanda layo.
Uma usunamasonto angu-12 ukhulelwe ungenza i-ultrasound yokuqala ebheka ukushaya kwenhliziyo yengane kuhlolwe neDown syndrome.
I-anomaly scan
Nge- "anomaly" kusuke kubhekwa into engajwayelekile noma okungafanele ibe sendaweni ethile. Yenziwa phakathi kwamasonto angu-18 no-20. Kubhekwa ukuthi ingane ikhula kahle yini nokuthi konke kusesimweni esikahle.
Ikwazi ukubheka izinto ezibucayi kodwa ayiniki isiqiniseko sokuthi ingane ayikhubazeke ndawo.
Uma ingane ikhuba-zekile, udokotela uzokutshela uphinde uhlolwe.
Uma usunamasonto angu-36 ukhulelwe kuhlolwa isitho sakho sangasese nosayizi wamanyonga.
Indaba: Kamogelo Sebola
Umthombo: babiesonline.co.za
UKUKHULELWA KWAKHO
Uku-hlolwa kunga-khulula umoya wakho
