zulu.2844.yourstyle beauty_2
Uyisibonelo esihle kwezobuhle: UCONNIE FERGUSON unesikhumba esihle kanti usebenzisa iziphaqulo ezibukeka ngokwemvelo
ISIKHUMBA sakho sizoqala sikhombise izimpawu zokuhamba kweminyaka, kodwa asikho isidingo sokugwema iziphaqulo. Kufanele uqale usebenzise okhilimu abaqinisa isikhumba ukuze sibukeke sisisha.
Isipho esihle: Garnier UltraLift Pro-Exfoliate (R160).
Okunye okungaba yizipho:
■ Ukuze ubukeke kahle, Maybelline Cream Blush.
■ Nge-lipstick ezofanela ibala lakho, sebenzisa
i-Estée Lauder.
■ Ezinkopheni sebenzisa iRevlon’s 3D Extreme Mascara.
Zama uku-gwema imibala egqamile
boMama
Izipho zezobuhle
Uyisibonelo esihle kwezobuhle: UHALLE BERRY ngesikhumba sakhe esigqamile
QEDA lokho kushwabana ngokwenza isikhumba sakho siqine. Gwema imikhiqizo yezobuhle eshisayo ngoba izogqamisa izimbimbi ebusweni.
Isipho esihle: Revlon’s Age Defying Sculpt-Logic Day Cream (R220).
Okunye okungaba yizipho:
■ Nge-foundation ekahle, zama i-Maybelline’s Instant Age Rewind.
■ Nge-eyeshadow gwema imibala egqame kakhulu uzame i-L’Oreal’s TheBrow & Duo.
IZELULEKO ZEZOBUHLE ZAWO WONKE UMUNTU
Mmangaze ngezipho zezobuhle zobuso - nezeminyaka!
■ Yidla ukudla okunempilo
■ Zivocavoce njalo
■ Lala uphumule ngokwanele
■ Phuza amanzi njalo
■ Ungabhemi
PSST! Mama! Asikho nesincane isizathu sokuba ungazibusisi ngaleMother’s Day!
Indaba: Lethu Nxumalo
Izithombe: Peter Whitfield
UBUHLE BAKHO
Uyisibonelo esihle kwezobuhle: U-OPRAH WINFREY, akayifaki ngokweqile i-make-up yakhe.
KULE minyaka isikhumba siyoma kwenyuke nezinga lokulahlekelwa wukunwebeka kwaso eduze kwamehlo nasemqaleni.
Isipho esihle: Estée Lauder Resilience Lift Extreme (R600).
Okunye okungaba yizipho:
■ Zama iMaybelline’s Dream Mousse Blush
■ Ukuze ubukeke kahle, kugcwale namashiya, zama
i-Almay’s Brow Pencil. [z]
