zulu.2842.oranges
Tenda umndeni wakho ngalezi zibiliboco ezithakwe ngewolintshi nolamula. Pheka inkukhu, ama-chops,
i-meringue syrupy cake, noma isaladi... kuba nokunambitheka okusashukela nokubabayo! Amaresiphi nezindlela zokuhlela Gemini Food Promotions, isithombe Kim Thunder
Citrus Chicken
□ 1 inkukhu ephelele
□ 4 izipuni (60ml) ushukela o-brown
□ ijusi nekhasi eligreythiwe
likalamula owodwa, ubeke
okungaphakathi
□ ijusi nekhasi lewolintshi elilodwa eligreythiwe, ubeke okungaphakathi
□ 1 i-teaspoon (5ml) i-minced ginger
□ 4 izigaxa ugaligi ogxotshiwe
□ 3 izipuni (45ml) i-soy sauce
□ 1 i-teaspoon (5ml) isobho lenkukhu eliyimpuphu
□ 1 isixha i-dhania eqotshiwe (ngokuthanda kwakho)
□ usawoti nophepha omnyama omahhadla
1. Shisisa uhhavini ngo-200oC.
2. Beka inkukhu epanini lokurosta. Gxisha okungaphakathi ewolintshini nakulamula enkukhwini. Kujeke, hlanganisa zonke izithako ezisele uthele phezu kwenkukhu.
3. Rosta imizuzu engu-10. Chela inkukhu ngamafutha, yehlisa izinga lokushisa libe ku-180oC, rosta eminye imizuzu engu-45-60. (Hlaba inkukhu ngommese phakathi kwethanga nomkhwepha. Uma kuphuma ujusi ongenagazi kusho ukuthi isivuthiwe.)
Kubiza: R43,90
Citrus Salad Dressing Or Marinade
□ 1/2 inkomishi (125ml) i-orange juice
□ ujusi nekhasi likalamula
owodwa
□ 1/4 inkomishi (60ml) uwoyela
□ 1/4 inkomishi (60ml) i-apricot
jam
□ 1 isipuni (15ml) i-ginger egayiwe
□ usawoti nophepha omnyama omahhadla
1. Epanini hlanganisa ujusi, ikhasi, uwoyela, ujamu no-ginger. Gxabhisa imizuzu engu-5 unonge.
2. Kupholise. Kusebenzise njenge-salad dressing noma i-meat marinade.
Kubiza: R5,60
Kuphuma: 250ml
Sticky Sweet And Sour Pork Chops
□ 6-8 i-pork noma i-kassler chops
□ 1 i-teaspoon (5ml) usawoti
□ uphepha omnyama omahhadla
□ 1 inkomishi (250ml) iCitrus
Marinade
1. Shisisa uhhavini ngo-180oC.
2. Faka ama-chops epanini.
Wahlikihle ngosawoti nophepha. Brasha ngeCitrus Marinade.
3. Bhaka imizuzu engu-25-35 uchele inyama ngamafutha.
4. Seva namazambane abondiwe nama-veg.
Kubiza: R45,90
Kwanela abangu-6
Orange And Watermelon Salad
□ 4 amawolintshi ahlutshiwe, kwakhishwa izinhlamvu ahlukaniswa
□ 3 izinkomishi (750ml) i-watermelon
□ 2 izinkomishi (500ml) amakhasi ka-lettuce
□ 1 u-anyanisi obomvu
oqotshiwe
□ 1/2 ukhukhumba
□ 1/2 inkomishi (125ml) iCitrus Salad Dressing
1. Endishini hlanganisa zonke izithako ngaphandle kwe-salad dressing.
2. Chela ngeCitrus Salad Dressing.
Kubiza: R18,98
Syrupy Orange And Lemon Cake
□ 3 olamula
□ 3 amawolintshi
□ 1 inkomishi (250ml) imajarini
□ 2 3/4 izinkomishi (685ml)
ushukela omhlophe
□ 6 amaqanda ashayiwe
□ 1 1/2 izinkomishi (375ml) ubisi
□ 3 izinkomishi (750ml) ufulawa i-self-raising esefiwe
□ 1/2 inkomishi (125ml) amanzi
1. Gcoba ithini lamakhekhe elingu-24cm diameter. Ndlala i-baking paper.
2. Greytha amakhasi amawolintshi nakalamula ukuze kuphume izipuni ezingu-3 (45ml) zalokhu ngakunye.
3. Khama amawolintshi nolamula ukuze kuphume u-3/4 wenkomishi (185ml) kajusi.
4. Epanini shisa imajarini nezinkomishi ezimbili (500ml) ushukela, 1 isipuni samakhasi kalamula nawewolintshi wehlise umlilo. Kugovuze kuze kuncibilike imajarini. Kuthele endishini.
5. Faka amaqanda, ubisi nofulawa. Kushaye kuze kube bushelelezi. (Qaphela ungakushayi kakhulu)
6. Kuthele ethinini. Kubhake kuhhavini oshisiswe ngezinga elingu-160oC imizuzu engu-75 noma i-skewer uma sifakwe phakathi nendawo ekhekheni siphume singenalutho. Kupholise ethinini.
7. Epanini hlanganisa ndawonye amakhasi asele kalamula nawewolintshi, ujusi, ushukela namanzi. Kubilise kancane ukuyeke kugxabhe imizuzu engu-10. Thela i-syrup eshisayo ekhekheni elipholile. Kupholise imizuzu engu-10 bese ukukhipha ethinini.
Kubiza: R18,78
Kwanela abangu-10-12
Lemon Meringue Pie
I-Base
□ 1 x 200g iphakethe lamaMarie biscuits ayizimvuthu
□ 1/3 inkomishi (85ml) imajarini
I-Filling
□ 1 x 397g ithini likakhondensi
□ 2 okweqanda okuphuzi
okushayiwe
□ 1/3 inkomishi (85ml) ujusi kalamula ofreshi
□ amakhasi kalamula owodwa
I-Meringue
□ 4 okumhlophe kweqanda
□ 6 izipuni (90ml) i-castor sugar
1. I-Base. Gcoba ithini lamakhekhe elingu-20cm.
2. Endishini hlanganisa ndawonye amabhisikidi nemajarini. Cindezela esinqeni nasemaceleni ethinini lamakhekhe. Beka kwi-freezer ngesikhathi usalungisa i-filling.
3. I-Filling. Kujeke hlanganisa ndawonye zonke izithako uzithele kumagobolondo osuwalungisile.
4. I-Meringue. Shaya okweqanda okumhlophe. Faka ushukela kancane kancane uwushaye uze uncibilike. (I-Meringue kufanele ibe mhlophe ibe namagwebu iqine.)
5. Beka i-meringue phezu kwe-filling. Kubhake kuhhavini ongu-160oC imizuzu engu-30. Kuyeke kuphole.
Kubiza: R21.90
ISELULEKO: Ungasebenzisa noma yimaphi amabhisikidi a-plain kule resiphi. [z]
Okuthakwe ngezithelo
BONA ZULU June 2008
OKWEHLA ESIPHUNDU
Ukukhetha izithelo
■ Amawolintshi nolamula kushibhile ebusika futhi amawolintshi aziwa ngokuba noVitamin C.
■ Uthi uyazi ukuthi aqukethe i-folacin, calcium, potassium, thiamin, niacin ne-magnesium?
■ Kufanele aqine abe nesisindo ngokukasayizi wawo abe nombala ogqamile.
■ Ungazithengi izithelo ezinamabhamuza, ezishwabene noma ezingenambala ngoba lokho kusho ukuthi sezindala noma bezingapakishwanga kahle.
■ Uma uthenga amawolintshi nolamula kungahlala efrijini cishe amasonto amabili noma ngaphezu kwalokho.
■ Izithelo ezinjengamawolintshi nolamula azibizi uma uzithenge zaba ningi, ngakhoke hlanganani nabangani nizithenge.
BONA ZULU June 2008
