zulu.2840.Sex
Umbuzo OMKHULU
Nini, kuphi nobani" Akufanele uzisole ngesinqumo osithathayo...
UKERATILOE oneminyaka engu-17 wayengazi ukuthi yini ayezifaka kuyona ngesikhathi eya ocansini. Akajulanga ngayekwenza. "Ngangifuna lingithande kakhulu isoka lami kodwa kunalokho ngazithola ngiyisilima ngixhashaziwe. Ngathola emva kwendaba ukuthi ngangingakabi sesimweni sokwenza engakwenza," kusho yena."
"UKeratiloe ufana nentsha eningi eya ocansini ingakazilungiseleli ngokomphefumulo nangokomzimba," kusho ongumeluleki wentsha eThe Planned Parenthood Association Of South Africa.
"Kujwayelekile ukuthi abasha baye ocansini bengazi ukuthi lokho kuzoba namthelela muni kubona.
"Ngesikhathi ukhula, uyakwazi ukukhetha okuzozwana nawe kwezothando nokuzoba nomthelela omuhle empilweni yakho kunokuthi ukhethe okuzofaka wena nabanye enkingeni.
"Usuke usuwazi nomphumela wokuya ocansini, usukulungele ukubhekana nanoma yini ongahlangabezana nayo, usukulungele nokuzinikela ngokuphelele othandweni nokuyinto eyingxenye ebalulekile empilweni yethu.
"Yingakho nje intsha ilulekwa ngokuthi ayilinde ikhule kahle ngaphambi kokuzibandakanya ocansini."
Nalu uhlu lwemibuzo engakusiza ukuze uthole ukuthi usululungele yini ucansi...
Ngabe ulwenza UTHANDA"
Isinqumo kumele sithathwe nguwe. Nguwe okumele ukhululeke ngaso ukulungele nokubhekana nomthwalo ohambisana naso. Khetha okuzozwana nawe hhayi omunye umuntu.
Ngabe wuthando noma yinkanuko, ukududana noma ukwethembana"
Uma ama-hormones esebenza, ungadideka ungazi noma yinkanuko yini lena efuna uye ocansini noma wuthando lwangempela. Ukulangazelela ucansi kwabasha uma bengena esigabeni sokukhula kuyinto abasuke beqala ukuyizwa kanti omusha angadideka angazi ukuthi sinyathelo sini angasithatha azithole esesenkingeni enkulu uma lezi zinto sezihlangene nokududana nokungazethembi. Zibuze ukuthi yini ekwenza ufune ukuya ocansini.
Ngabe umazi kahle othandana naye"
Ucansi aluluhle neze uma nisanda kwazana. Iya ocansini nomuntu omazi kahle. Uzoluthokozela uma kungukuthi uya kulona nomuntu ozwa ukhululekile uma unaye kanti luba kahle kakhulu uma kungumuntu omthandayo.
Ngabe ukhululekile ngothandana naye"
Kuyimvelo ukuzizwa unamahloni ungakhululekile uma uqala ukuya ocansini ngoba usuke wenza ongakaze ukwenze. Nothandana naye uzozwa ephatheke ngendlela efanayo. Uma ungakabi sesimweni sokumtshela ukuthi awukaze uye ocansini, kungcono ulinde uze ube nesibindi.
Ulufuna uphuzile"
Usuke ungakalulungeli uma kungukuthi ucabanga ukuphuza utshwala kuqala ngaphambi kokuya kulona ukuze uzizwe ukhululekile.
Ngabe wazi kahle ngocansi"
Ngabe uyazi ukuthi kwenzekani uma uya ocansini" Ngabe uyazi ukuthi lusebenza kanjani nokuthi intombazane ingakhulelwa kanjani nesizathu esenza ikhulelwe" Ngabe uyazi ngezifo ezithathelana ngokocansi"
Uyophatheka kanjani uma usukhulile usucabanga ngokuthi waya ocansini unale minyaka onayo"
Ngabe uyophatheka kanjani emva kweminyaka elishumi uma usucabanga ngowawukwenza. Yini eyofika emqondweni wakho uma ucabanga ngokuthi ubuntombi bakho bakulahlekela nini kanjani" Ngabe uyozisola ngowawukwenza" Impendulo kumele kube ngu "cha" - uma kungenjalo, kusho ukuthi awukabi sesimweni sokuya ocansini.
Ngabe kungaba lula ukukhuluma nothandana naye ngocansi"
Uma ungakwazi ukukhuluma ngalo kusho ukuthi awukakulungeli ukuya kulona. Ukuphumela obala ngemicabango yenu kuzonikhulula.
Ngabe uyazi ukuthi ungazivikela kanjani uma uya ocansini"
Intsha ayivamile ukuzivikela uma iya ocansini ingakazilungiseleli. Kusemqoka ukwazi ukuthi ungazivikela kanjani ekukhulelweni nasezifweni zocansi. Nakho lokhu kumele nibonisane ngako njengezithandani ngaphambi kokuya ocansini ukuze nikhethe okuzozwana nani nobabili.
Kumele ufunde ukuthi izinto ezinjengamakhondomu zifakwa kanjani uzizwe ukhululekile uma uyifakile - akwanele ukuba namakhondomu uma ungenandaba nawo - ngeke akusize uma uzowagcina ephaketheni!
Ngabe nifuna nobabili ukuya ocansini"
Kungenzeka phakathi kwenu kube khona ongakakulungeli ukuya ocansini. Ucansi ludinga ukuthi nivumelane nobabili ngalo. Ungamphoqi othandana naye ukuba aye nawe kulona ngenkani.
Ungaboshwa wethweswe icala lokudlwengula uma uphoqa umuntu ukuba aye nawe ocansini ngenkani.
Cabanga ujule, ungayi ocansini ngoba ufuna ukujabulisa othandana naye. Ukuze uluthokozele ngokukhululeka, sebenzisa izindlela zokuzivikela. Yilokho okusemqoka kakhulu ngalo. [z]
BONA ZULU - February 2006
indaba nguPRIMROSE WILLIAMS
isithombe abeGREAT STOCK!
Ngabe usulungele
ukuya ocansini"
Ungayi ocansini uma ungakakulungeli lokho...
Awukakulungeli uma...
lUngamazi kahle othandana naye. (Ungazi ukuthi wake waya nobani ocansini, noma wake waba naso yini isifo socansi.)
lUngazi ukuthi igama elithi STD limeleni (nokuthi ziyini izifo zocansi ezinjenge-herpes, syphillis, gonorrhoea, chlamydia, HIV, HPV noma i-crab).
lUlwenza ukufeza izinjongo zakho. (Ukugxila ekufezeni izinjongo zakho kukhomba ukuthi awukavuthwa.)
lUlwenza ujahile. (Ucansi luyinto edinga isineke.)
lUngazi ukuthi uyomisa kanjani uma ukhulelwa noma othandana naye ekhulelwa. (Noma uma ningakaze nibonisane nothandana naye ngokukhulelwa).
lUcabanga ukuthi luzokwenza othandana naye akuthande kakhulu. (Uthando alwakhiwa ngocansi.)
lUngazi ukuthi kungani kungafanele usebenzise okokuthambisa okunowoyela ne-latex condom (ikakhulu uma ungazi nokuthi kuyini okokuthambisa okunowoyela noma amanzi!).
Usukulungele uma...
lSekuphele okungenani izinyanga eziyisithupha nithandana (ukuze uye ocansini usumfundile othandana naye).
lUzihlupha ngokwanelisa othandana naye kanjalo nawe uqobo. (Kusemqoka ukumshiya egculisekile othandana naye.)
lSenike nabonisana kaningana ngocansi, ngokokuhlela umndeni nezifo zocansi. (Lokhu kukhomba ukuthi niyazicabangela.)
lWena nothandana naye nike naya emtholampilo wokuhlelwa kwemindeni nahlolwa izifo ezithathelana ngokocansi. (Lokho kukhomba ukuthi niyaqikelela nivuthiwe.)
lSenazi ukuthi nizohlela ngani nokuthi nizozivikela kanjani ezifweni zocansi.
lUya ocansini ngokuthanda KWAKHO, uya ngoba ufuna, noma ukholwa wukuthi lokho USUKULUNGELE awukwenzeli omunye umuntu.
BONA ZULU - February 2006
